Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ensimini Esetshenzwa Njalo
1 Ukushumayela ensimini esetshenzwa njalo kuletha izinselele ezikhethekile. Usigcina kanjani isigijimi sisisha futhi sikhanga? Yisiphi isingeniso okufanele sisetshenziswe kubantu ababonakala sebenqumile ukuthi abanasithakazelo nhlobo? Yini engashiwo kulabo abathi sifika njalo?
YIBA NESIMO SENGQONDO ESIQONDILE
2 Ngokuphambene nalokho abanye abangase bakucabange, insimu esetshenzwa njalo nehlanganiswayo ngokuvamile iba nemiphumela engcono kunaleyo esingayi kuyo njalo. Ngakho esinye sezithiyo zokuqala okumelwe zinqotshwe siyinoma yikuphi ukucabanga okuphambene ngokuqondene nokuya njalo ezindlini ezifanayo. Abantu kudingeka banikezwe wonke amathuba okulalela isigijimi soMbuso. Besiyobe senza iphutha uma besingaphetha ngokuthi uJehova usebahlulele njengabangafaneleki labo abangasabelanga kahle naphezu kokuba sesiye izikhathi eziningi kubo.
3 Ukubonisa uzwela kubaluleke kakhulu ensimini esetshenzwa njalo. Ukuba nesigijimi esihle esiphathelene nalokho okuthinta abantu endaweni abakhe kuyo cishe kuyobangela ukusabela okuqondile kwabanye abebengeke balalele uma bekungenjalo. Ingabe uhlala uzazi izenzakalo zamuva, futhi ingabe ukulungele ukubonisa indlela isigijimi seBhayibheli esingabasiza ngayo abantu ukuba basingathe izinkinga ababhekana nazo?
SHINTSHASHINTSHA ISINGENISO
4 Shintshashintsha isingeniso sakho ensimini esetshenzwa njalo. Ngesinye isikhathi ungasebenzisa ipheshana njengengxenye yesingeniso sakho. Ngesinye isikhathi, esinye sezingeniso ezingaphezu kwezingu-40 ezisikiselwe encwadini ethi Ukubonisana emakhasini 9-15 singavunyelaniswa nezinto ezikhathaza abantu ensimini yenu. Ungase ufise ngisho nokubhekisela ekuhambeleni kwakho okwedlule kuleyondawo, kanjalo unciphisa ukuba lokhu kube yisisekelo sokuphikisa. Uma waphawula impendulo enengqondo umnini-khaya ayisho ekuhambeleni kwakho okwedlule, lokho kungasetshenziswa njengendlela yokuqhubekisela phambili ingxoxo evusa isithakazelo.
5 Bheka abantu ngendlela uJehova ababheka ngayo, futhi qhubeka ubonisa ukubakhathalela labo okungenzeka baye basitshela ukuthi abanasithakazelo nhlobo. UJehova wabanxusa ngokuphindaphindiwe abantu bakhe basendulo naphezu kokungazinaki kwabo izithunywa zakhe. (2 IziKr. 36:15; Jer. 7:13) Abaningi abake baba nomuzwa wokuthi abanasithakazelo namuhla bangabafowethu nodadewethu. Ngisho nabaphikisi abanolaka baye banqotshwa yiqiniso. Laba manje bayabonga ngokuthi othile waqhubeka ngokubekezela ebavakashela ezobatshela izindaba ezinhle.
GCINA UMBHALO OMUHLE
6 Kubaluleke kakhulu ukugcina umbhalo omuhle wendlu ngendlu. Ukulandelela labo ababengekho ekhaya kuyoqinisekisa ukuthi siyihlanganisa yonke insimu futhi kwandise isikhathi esiphakathi kokuhambela kwethu labo abebekhona ekhaya. Futhi abanye baye bakuthola kukuhle ukushintshana nabanye ngemibhalo yabebengekho ekhaya ngenkathi benza umsebenzi waphakathi nesonto bayinikeze labo abasebenza insimu ngezimpela-sonto. Lokhu kuzenza zihlukahluke ngokuphumelelayo izikhathi amakhaya avakashelwa ngazo futhi kwandise ithuba lokuthola abantu abahlala bengekho phakathi nezikhathi ezithile zosuku nangezinsuku ezithile zesonto. Ukusikisela okwengeziwe kungatholakala kuNqabayokulinda kaJuly 15, 1988, amakhasi 15-20.
7 UJehova uyazi ukuthi kunini lapho kwenziwe khona umzamo owanele wokufinyelela bonke abayolalela. Njengoba singaphansi kokuhola kukaKristu, siyoqhubeka simlalela, siqiniseka ngokuthi umsebenzi uyokwenziwa phakathi nesikhathi esimisiwe.—Hez. 9:11.