Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/91 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 8/91 k. 7

IZaziso

● Isipho sencwadi ngoAugust: Noma iyiphi yezincwajana ezingangomagazini ezilandelayo ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo wamasenti angu-75 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” nethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R7,50. Ngo-October: Izikhokhelo zePhaphama! noma INqabayokulinda noma zabo bobabili omagazini ngomnikelo ka-R16,00 sisinye somagazini abaphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka zomagazini abaphuma kanye ngenyanga nezikhokhelo zezinyanga eziyisithupha zomagazini abaphuma kabili ngenyanga ziwu-R8,00. NgoNovember: IBhayibheli—IZwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?

● Bonke abantu abahlanganyela nebandla kufanele bavuselele izikhokhelo zabo zeNqabayokulinda nePhaphama! ngebandla. Umzalwane onakekela izikhokhelo kufanele aqikelele ukuthi izikhokhelo zithunyelwa eNhlanganweni njalo isonto ngalinye. Kuyoba wusizo uma zonke izicelo zezincwadi nezinye izinto kwenziwa ngebandla kunokuba abantu ngabanye bazithumelele eNhlanganweni.

● Amabandla kufanele aqale ukucela Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1992 ngesicelo sawo sezincwadi sikaSeptember. Ikhalenda elisha liyoba elikhangayo nelifundisa ngokukhethekile, lihlanganisa izithombe zeZwe Lesithembiso nemifanekiso edwetshiwe yezenzakalo zeBhayibheli ezihlobene nazo. Kokubili imifanekiso nezenzakalo kuyoba wusizo olwengeziwe kithi. Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1992 liyotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiShayina, isiSuthu, isiXhosa, nangesiZulu.

● Ibandla ngalinye lizothola amafomu amathathu Okubalwa Kwezincwadi futhi kufanele lizibale ngokoqobo izincwadi zomkhankaso. Sizani niwagcwalise kahle lamafomu, bese nisithumelela elokuqala kungakedluli uSeptember 6, 1991. Gcinani ikhophi emafayilini enu. Sinithumelela nefomu yesithathu ukuba niyisebenzise njengephepha lokubala.

● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” Uhlelo luka-1990 (ibandla neningi: R8,00; amaphayona: R5,20)—NgesiTswana, nesiXhosa

● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:

“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” Uhlelo luka-1990—NgesiJalimane

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela