Ilungiselelo Lesifundo Sencwadi Sebandla
Ingxenye 2—Isidingo Sokulungiselela Nokuhlanganyela
1 IZwi likaJehova lithi uyajabula umuntu othola ukuhlakanipha nokuqonda, ngoba kunomvuzo omkhulu. (IzAga 3:13, 14, 16-18) Ukuhlakanipha okungokomoya kuyigugu futhi kusindisa ukuphila. Kwenza ukuba umKristu akwazi ukusebenzisa ulwazi aluthola eZwini likaNkulunkulu ngokugcwele ekukhulekeleni kwentshiseko, ekuxazululeni izinkinga zansuku zonke, nasekwenzeni izinqumo ngokuqondene nemigomo yakhe ekuphileni.
2 ISifundo Sencwadi Sebandla siye saklanyelwa ukusisiza ukuba sifunde futhi sisebenzise iZwi likaNkulunkulu futhi ngalendlela sikhule ekuhlakanipheni nasekuqondeni okungokomoya. Ngakho-ke, ukuba khona njalo eSifundweni Sencwadi Sebandla kufanele kube yingxenye ebalulekile yesimiso sethu somuntu siqu sokuthola ukuhlakanipha.—IzAga 4:7-9.
LUNGISELELA KAHLE
3 Abanye balabo ababehlanganyela nebandla lekhulu lokuqala leminyaka abazange bazikhandle ngentshiseko ukuba bafunde iqiniso futhi bahambisane nokukhanya okuqhubekayo. Bahlala beyizingane kuKristu futhi kanjalo babengajwayelene nezwi lokulunga. (Heb. 5:11-13) Umphostoli uPawulu wanxusa ibandla ukuba ‘liqhubekele kokupheleleyo [ekuvuthweni, NW]’ (Heb. 6:1) Ngokusobala, lokhu kudinga okungaphezu nje kokulalela uma kwenzeka abanye bexoxa ngeqiniso. Kudingeka ukucabanga nokuhlola ukuze kushukumise “amakhono” ethu “okucabanga ngokucacile,” futhi kumelwe sizikhandle ngentshiseko.—2 Pet. 3:1, 2, qhathanisa neNW; Luka 13:24.
4 Ukusilungiselela kahle iSifundo Sencwadi Sebandla kukhulisa ukuqonda kwethu futhi kwakha ukwazisa ngalokho kwaziswa. Nokho, ukulungiselela okuphumelelayo kudinga okungaphezu nje kokufunda izigaba nokudwebela ngokushesha izimpendulo eziyisisekelo zemibuzo. Sidinga isikhathi sokunambithisisa lokho kwaziswa ngokuzindla ngalokho okukushoyo nokubaluleka kwakho kithina siqu. Bheka imibhalo ekhonjiwe futhi ucabange ngendlela ehlangana ngayo namaphuzu asezigabeni. Bheka amagama ongawaqondi ngokugcwele.
5 Kwabanye bethu, isifundo somuntu siqu singase sibe umsebenzi onzima, futhi siyasidinga isikhathi; kodwa, yeka indlela esiyinzuzo ngayo! UPawulu wakhuluma ngemiphumela yesifundo esinjalo esijulile, ethi: “Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.” (Heb. 5:14) Isifundo esinjalo somuntu siqu sisisiza ukuba sikhulele ekuvuthweni, ukuze sinqume ukuthi iyiphi inkambo efanele lapho sibhekene nezinqumo okumelwe sizenze.
HLANGANYELA
6 Kufanele silwele ukuhlanganyela emhlanganweni ngamunye. Ngani? Izimpendulo zethu ezilungiselelwe kahle azikhona ukubonakaliswa kokholo lwethu nje kuphela kodwa futhi zikhuthaza futhi zakhe abafowethu. (Roma 10:10; Heb. 10:23-25) Futhi ukuhlanganyela ngenkuthalo eSifundweni Sencwadi Sebandla kunendima ebalulekile ekuthuthukeni kwethu okungokomoya. Uma abanokuhlangenwe nakho, abantwana, nabantu abasanda kuthakazela bonke bephendula ngokukhululekile, iqembu lijabulela izimpendulo ezihlukahlukene. Lokhu kuyafundisa futhi kuyaqabula kubo bonke.—kmZU 3/86 k. 3.
7 Uma sisilungiselela ngenkuthalo iSifundo Sencwadi Sebandla, siba khona njalo, futhi sihlanganyela ngokukhululekile, ukufuna kwethu ukuhlakanipha kuyoba okuphumelelayo futhi ‘siyofumana ukumazi uNkulunkulu.’—IzAga 2:4, 5.