Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/91 k. 5-k. 6
  • Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 8/91 k. 5-k. 6

Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini

Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini ezabelweni zamasonto kaMay 6 kuya kuAugust 19, 1991. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongakwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.

[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingasetshenziswa ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]

Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:

1. Uma unobunzima ekutholeni umngane womshado ofanelekayo phakathi kwamakholwa okanye nawo ungase ushade nothile ongakazinikezeli futhi wabhapathizwa. [wZU89 11/1 k. 22 isig. 19]

2. Njengoba sihluke kakhulu kangaka komunye nomunye, asinaso isizathu sokubonisa isithakazelo somuntu siqu komunye nomunye. [wZU89 11/15 k. 15 izig. 1-3]

3. Isifiso sokuvelela kufanele sishukumisele bonke abesilisa ababhapathiziwe ukuba bazenze bafanelekele isikhundla sobubonisi. (1 Thim. 3:1) [wZU90 9/1 k. 24 isig. 4]

4. Lapho imimoya emine yosizi idedelwa, ngokusobala wonke uIsrayeli ongokomoya uyobe esebekwe uphawu okokugcina. Ngisho nakuba abanye bengase babe abasaphila enyameni, wonke amalungu ayobe esephelele. (IsAm. 7:3) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU k. 116 isig. 9.]

5. IsAmbulo 20:5a sibhekisela ovukweni oluvamile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU k. 290 isig. 15.]

6. NgokukaGenesise 6:5, 6, ngesinye isikhathi uNkulunkulu wazisola ukuthi wayedale umuntu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka igZU77 9/22 kk. 23-4.]

7. Lapho uAbrahama (futhi kamuva uSara) ehleka umcabango wokuthi wayeyoba nendodana eminyakeni yakhe yokuguga, kwakungelona uhleko lokungakholelwa ngenxa yokungabi nokholo. (Gen. 17:17) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/1 k. 21 isig. 15.]

8. UAbrahama wayegcizelela ukuthi indodana yakhe kwakungafanele ishade umKhanani ngoba amaKhanani ayengebona abakhulekeli bakaJehova. (Gen. 24:1-4) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/1 k. 25 isig. 6.]

Phendula imibuzo elandelayo:

9. Kungani manje kunesidingo esikhulu sokuba amadoda abhapathiziwe amukele umthwalo wemfanelo webandla? [wZU90 9/1 k. 23 isig. 2]

10. Uma uye wagudluzwa njengomdala noma inceku ekhonzayo, yisiphi isimo sengqondo okumelwe usilondoloze? [wZU90 9/1 k. 22 isig. 19]

11. Abantu abasebasha bangazenza kanjani bafanelekele amalungelo engeziwe? [wZU90 8/1 k. 13 isig. 16]

12. Obani abafanekiselwa izimpi zabakhwele amahhashi ezichazwe kusAmbulo 9:16-19? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU k. 152 izig. 14, 15.]

13. Isho ukuthini inkulumo ethi “anomqondo munye” kusAmbulo 17:13? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU k. 255 isig. 13.]

14. Inyoka yakhuluma kanjani noEva ekumlingeni kwayo ensimini yase-Edene? (Gen. 3:1) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU85 8/15 k. 31.]

15. Kumelwe aqondwe kanjani uGenesise 9:5, lapho uNkulunkulu athi khona ‘wayeyobiza igazi’ esilwaneni esasibulele umuntu? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw75 k. 639.]

16. Kungani uIsaka athatha uRebeka njengodadewabo? (Gen. 26:9) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU86 9/1 k. 31 isig. 8.]

Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:

17. Ukuze sikhonze uJehova futhi sishukunyiselwe izinhliziyo zethu ezenzweni ezilungile akudingeki nje ulwazi oluvamile kodwa kudingeka ․․․․․․․. (Roma 1:28-31, NW) [wZU89 12/1 k. 11 isig. 3]

18. Abalobi beBhayibheli abalahla amaIsrayeli ngokushada nabangakholwa kwakungu․․․․․․․. [wZU89 11/1 k. 21

isig. 17]

19. Uma indoda ingakwazi ․․․․․․․ iyokwazi kanjani ukunakekela ibandla likaNkulunkulu? (1 Thim. 3:5) [wZU90 9/1 k. 25 isig. 8]

20. Lapho ineminyaka engu-15 ubudala ․․․․․․․ yaqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide ukhokho wayo. (2 IziKr. 34:3) [wZU90 8/1 k. 12 isig. 8]

Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:

21. Igama lesiGreki elithi “e·piˈgno·sis” lisho (ukuhlakanipha; ukuqonda; ulwazi oluqondile). [wZU89 12/1 k. 18 izig. 13, 14]

22. (USamuweli; uDavide; uThimothewu) wayeqhubeka ekhula futhi ethandeka ngokwengeziwe kuJehova nakubantu. (1 Sam. 2:26) [wZU90 8/1 k. 10 isig. 1]

23. (UDema; uDiyotrefe; uDemetriyu) wathanda ukuba mkhulu phakathi kwabafundi, ebonisa isimo sokufuna ukuvelela nokuqhosha. (3 Joh. 9, 10) [wZU90 9/1; k. 18 isig. 4]

24. Elithi “ingelosi enamandla” ngokusobala libhekisela (kuGabriyeli; kusathane; kuJesu Kristu okhazinyulisiwe). (IsAm. 10:1) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU k. 155 isig. 3.]

Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngazansi:

Gen. 15:1-4; Gen. 21:8-14; IsAm. 1:10; IsAm. 14:16

25. Abavubukuli baye bathola izibhebhe zobumba ezifakazela imikhuba enjengokuba kwezigqila yizindlalifa emibhangqwaneni engenabantwana. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU81 3/15 k. 7.]

26. Kusukela ngo-1919 kuqhubeke, uKristu Jesu nezingelosi zakhe baqeda ukuvunwa kwensali, futhi kusukela ngenkathi ka-1931-35, isixuku esikhulu siye savunwa. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU k. 212 isig. 23.]

27. Lokhu kwakufanekisela indlela uAbrahama Omkhulu aqeda ngayo ubuhlobo bakhe noIsrayeli ongokwemvelo ngenxa yokuthi uIsrayeli wenqaba uJesu Kristu, iMbewu yeqiniso ka-Abrahama. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/1 k. 21 isig. 16.]

28. Lenkathi yaqala ngokuthweswa umqhele kukaJesu njengeNkosi yasezulwini futhi iyophela lapho uJesu ekugcineni edlulisela uMbuso kuNkulunkulu wakhe noYise. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU k. 22 isig. 2.]

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela