Ukutshala Nokunisela—Izinyathelo Zokwenza Abafundi
1 “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.” (1 Kor. 3:6) Umphostoli uPawulu wazichaza kanjalo izinyathelo ezintathu eziyisisekelo ekwenziweni kwabafundi bakaKristu. Izinyathelo ezimbili zokuqala, ukutshala nokunisela, zihilela ilungelo nomthwalo wemfanelo osemahlombe ezinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele, futhi zabhapathizwa.
2 Lokhu kudinga ukushumayela obala nasendlini ngendlu, ngokwethukela, nangezinye izindlela. Futhi kuhilela ukufundisa abantu ngokuqhubekayo ukuba bagcine zonke izinto uJesu ayala ngazo. (Math. 28:19, 20) Lesi sinyathelo samuva singenziwa kuphela ngokuphindela kulabo ababonisa isithakazelo, sibahilele ezingxoxweni ezingokweBhayibheli, futhi sibaqhubele izifundo zeBhayibheli. Ingabe uzibonakalisa uyisisebenzi esithembekile, esibambisana noJehova ngokutshala imbewu yeqiniso bese ulandelela ngokunisela nokuhlakula okudingekayo?—1 Kor. 3:9.
QAPHELA AMATHUBA NESIDINGO SESIFUNDO
3 ENingizimu Afrika phakathi nonyaka wenkonzo ka-1990, sahambisa cishe izincwadi nezincwajana ezingu-837000 nomagazini abangaphezu kwezigidi ezingu-5,5! (EBotswana kwahanjiswa izincwadi nezincwajana ezingu-18 148 nomagazini abangu-65 690; eLesotho izincwadi nezincwajana ezingu-12 812 nomagazini abangu-79 729; eNamibia izincwadi nezincwajana ezingu-29 137 nomagazini abangu-83 097; eSt. Helena izincwadi nezincwajana ezingu-409 nomagazini abangu-11 188 naseSwazini kwahanjiswa izincwadi nezincwajana ezingu-14 961 nomagazini abangu-82 654.) Futhi saba nabantu abangaphezu kwabangu-130 000 eSikhumbuzweni, okusedlula kude lé isilinganiso sabamemezeli abangu-46 595 salowonyaka. Ukuhanjiswa kwezincwadi kuyingxenye ebalulekile yesici sokutshala somsebenzi wethu. Imbewu yeqiniso etshalwa kanjalo inethuba elikhulu lokukhiqiza abafundi abasha, kodwa ingabe thina, njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, siyazizwa sishukunyiselwa ukuba senze izimpindelo kulabantu futhi sihlakulele isithakazelo abanaso ezindabeni zeBhayibheli? Abamemezeli bamabandla eNingizimu Afrika manje banesilinganiso esingu-0,6 sezifundo zeBhayibheli. (EBotswana banesilinganiso sezifundo zeBhayibheli esingu-0,8; eLesotho esisodwa; eNamibia singu-0,7; eSt. Helena singu-0,5 kanti eSwazini singu-0,9.) Siyaqiniseka ngokuthi lesilinganiso singathuthuka uma ummemezeli ngamunye engahlaziya ngokuthe ngqó umthwalo wakhe wemfanelo wokudlulela ngalé kwesinyathelo sokuqala sokutshala imbewu yeqiniso futhi athuthukele ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezithuthukayo. Nakuba abanye, ngenxa yezinto eziningi ezibavimbayo, bengase bangakwazi ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya esisodwa noma ezengeziwe, kuhle ukuba ngamunye abukeze izimo zakhe siqu.
4 Kuyathakazelisa ukubona okwenzekayo kwezinye izindawo. Amabandla anensimu ethela izithelo futhi abika isilinganiso sezifundo zeBhayibheli esisukela kwesisodwa kuya kwezimbili ummemezeli ngamunye. Ukwanda kwabamemezeli abasha kulingana nenani lezifundo zeBhayibheli eziqhutshwayo. Lokhu kungabonakala ngokuqhathanisa inani eliyisilinganiso labamemezeli nenani lezifundo zeBhayibheli emazweni amaningi njengoba kubikwe kuYearbook ka-1991.
5 Into esishukumisela ukuba siqhube izifundo zeBhayibheli kumelwe kube uthando lwethu ngabantu abasabela esigijimini soMbuso esisishumayelayo. Kumelwe ngobuqotho sikhathalele abantu ngendlela efanayo noJehova futhi siqaphele ukuthi ukusindiswa kwabo kuhlobene nokukhula okungokomoya. (1 Pet. 2:2) Njengezitshalo ezingokoqobo ezidinga amanzi ukuze anakekele ukukhula kwazo, abantu ababonisa isithakazelo sokuqala esigijimini soMbuso ngokuvamile ngeke baqale ukuhlanganyela emihlanganweni ngaphandle kokuba beqondiswa njalo enhlanganweni kaJehova ngesifundo seBhayibheli sasekhaya.
6 Kubalulekile futhi nokulalela kwethu. UJesu wathi labo abasohlangothini lweqiniso bayalilalela izwi lakhe. (Joh. 18:37) Wayala abafundi bakhe ukuba bashumayele futhi bafundise, futhi wabahlomisa ukuze bafeze lowomsebenzi. Ngesibonelo sakhe esivelele njengomfundisi nangokubakhathalela ngokujulile abantu, uJesu wasibekela isibonelo sokusilandela ekusizeni abanye. (Luka 6:40; Joh. 13:13; 14:12) Imizamo yethu ingaba nengxenye ekusindeni kwethu nokwalabo esibafundisayo.—1 Thim. 4:16.
IZINTO EZISIZA EKUQALISENI IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI
7 Ukuze enze into ayakhayo ibe yinhle, umakhi onekhono ukhetha amathuluzi enqwabeni enhlobonhlobo yamathuluzi anawo. Njengabafundisi, sinezincwadi eziningi kakhulu, kuhlanganise nezincwajana ezingangomagazini namapheshana, okuklanywe njengamathuluzi okusisiza sifinyelele inhliziyo yabantu abanezizinda nemibono okwahlukahlukene.
8 Abanye abamemezeli baye bathola imiphumela emihle ekusebenziseni amapheshana nezincwajana ezingangomagazini ukuze bethule izingxoxo zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula licaphuna imibhalo ehlukahlukene engaphezu kuka-20 ekuchazeni lelithemba elihle. Lemibhalo ingasetshenziselwa ukuthuthukisa izingxoxo ezahlukahlukene zeBhayibheli ezithakazelisayo. Izincwajana zethu ezingangomagazini, ngendlela ehehayo nelula, nazo zingajwayelanisa abantu namaqiniso eBhayibheli ayisisekelo futhi zibashukumisele ukuba baqhubeke behlola.
9 Ingabe kunothile omaziyo ongafundile kahle noma ongaboni kahle? Ingabe uke wazama ukusebenzisa incwajana engangomagazini ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! ukuze uqalise ingxoxo ethuthukayo yeBhayibheli nomuntu onjalo? Incwajana ethi Bheka! ingelinye ithuluzi elihle elinezigaba zokuqala lezo ngobuciko ezihilela umninikhaya ekufundeni ngezithembiso zikaNkulunkulu ngekusasa. Futhi ngokuqinisekile incwadi ethi Ungaphila Phakade Epharadesi Emhlabeni, eyakhishwa ngo-1982, iye yaphumelela ekusizeni amaphesenti amaningi abantu abangaphezu kuka-1700 000 abaye babhapathizwa kusukela ngalesosikhathi.
UKWENZA NGENDLELA EBONISA UKUNAKEKELA UMTHWALO WEMFANELO KULABO ABANESITHAKAZELO
10 Ungase ukuthole kuzuzisa ukubheka iKhadi lakho loMbiko Wommemezeli Webandla futhi uphawule inani lezincwadi, izincwajana (kuhlanganise nezingangomagazini), nomagazini owakuhambisa phakathi nezinyanga ezingu-12 ezedlule. Ingabe wagcina nje ngokuzihambisa? Noma ingabe wadlulela ngalé kwesinyathelo sokutshala? Kulabo bantu ababonisa isithakazelo esanele ukuba bathathe izincwadi zethu, bangaki owaphindela kubo ngokushesha? Ingabe waphindela kubo ukuze ubone ukuthi imbewu owawuyitshalile yayisihlumile yini? Ingabe walandelela ngamanzi anele wawusuthandaza kuJehova umcela ukuba ayikhulise?—Qhathanisa nezEnzo 16:14 neyesi-2 Thesalonika 3:1.
11 Mhlawumbe awuzenzi izimpindelo noma uqhube isifundo seBhayibheli ngenxa nje yokuthi uzizwa ungafaneleki. Ngokunokwenzeka, lokhu kubangwa isimo sakho sengqondo kunokuba kubangwe ukuntula ikhono. UJehova akabathumelanga abantu bakhe ukuba benze umsebenzi engabahlomisanga ngokwanele futhi abenze bafaneleke. NgeZwi lakhe elingcwele nenhlangano, usilungiselela “yonke imisebenzi emihle.” (2 Thim. 3:16, 17; 2 Kor. 3:5, 6) Ngomoya ongcwele, izincwadi, nezinkulumo ezinikezwa ngomlomo nemiboniso esiteji, kungasaphathwa izibonelo eziphilayo zezinceku ezinekhono nezizinikezele ezikulungele ukusisiza, Usinika esikudingayo. Asidingi imfundo ephakeme yezwe ukuze siqhube isifundo seBhayibheli. Sidinga ukusabela emfundweni ephakeme engokomoya enikezwa ngenhlangano kaJehova.—Qhathanisa nezEnzo 4:13.
12 Ukusebenzisa kithi siqu lokho okunikezwa kuNkonzo Yethu YoMbuso, iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini, iMihlangano YeNkonzo, nezinye izindlela zokusifundisa kudingekile. Umphostoli uPawulu ngokungagwegwesi watshela amaKristu angamaHeberu: “Ngokuba noma benifanele ukuba nibe-ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube-khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu.” (Heb. 5:12) Umuntu osesebenze umsebenzi wokwakha iminyaka eminingana ulindeleke ukuba abe nesilinganiso esithile sekhono endleleni asebenzisa ngayo amathuluzi akhe. Intuthuko ekufundeni indlela yokuqhuba izingxoxo zeBhayibheli iyobonakala lapho sibonisa isithakazelo esiqotho futhi senza umzamo wenkuthalo.—IzAga 12:24; 22:29.
13 Ukuphindela nokuxoxa ngeBhayibheli ngokuqhubekayo nalabo ababonisa isithakazelo esigijimini soMbuso kufuna okuthile okuyisikhathi nomzamo. Kodwa kumelwe siqaphele ukuthi ukuba kwethu seqinisweni kuwukubonakaliswa kothando lukaJehova nomusa ongasifanele. Lokhu kwaboniswa ngothile owachitha amahora amaningi esifundisa iqiniso ngesineke. Ngokufanayo, uthando kumelwe lusiqhubezele ukuba sithengisise isikhathi esidingekayo futhi sisinikele kulomsebenzi obaluleke kakhulu wokwenza abafundi.—2 Kor. 5:14, 15; Efe. 5:15, 16.
14 Amabandla amaningi aye alandela ukusikisela kweNhlangano kokwenza amalungiselelo okufakaza kusihlwa. Amahora antambama ngokuvamile ayisikhathi esikahle sokuphindela kulabo abaye babonisa isithakazelo. Umbiko wendlu ngendlu, onikeza ukwaziswa okuqondile ngabantu okufakazwe kubo, uyadingeka ukuze kwenziwe izimpindelo eziphumelelayo futhi kuqaliswe izingxoxo zeBhayibheli. Musa ukushutheka amarekhodi anjalo encwadini noma eBhayibhelini bese uyawakhohlwa. Ukungakhumbuli ukwenza impindelo kuze kube semasontweni amaningi kamuva lapho kwenzeka uba kuleyondawo kushiya umuntu evulekele ukuba ahanjelwe izithunywa zikaSathane, ezijabulela ukuhlwitha okungenzeka kuye kwatshalwa enhliziyweni yalomuntu. (Luka 8:12) Ingabe uyowabhuntshisa amaqhinga kaSathane ngokubuyela ngokushesha? Uma uwuqaphela umthwalo wakho wemfanelo futhi ulazisa ilungelo onalo, uyobuyela ngokushesha, uma kunokwenzeka.—1 Kor. 9:16, 23.
INDLELA YOKUQALISA ISIFUNDO SEBHAYIBHELI
15 Ukuqalisa isifundo seBhayibheli akuhileli inqubo ethile enzima, neyinkimbinkimbi. Abanye abantu bangase bakwamukele kalula ukusikisela kwakho okuqondile kokubaqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya. Nokho, abamemezeli abaningi bakhetha ukungayithi vú eyesifundo kodwa bamane baqondise ingxoxo yeBhayibheli ukuba iholele kulokho.
16 Uthando ngabantu nesifiso esiqotho sokubasiza kuyadingeka. Ukulungiselela kahle nakho kuyadingeka. Lokhu kumelwe kuhlanganise ukubukeza amaphuzu okungenzeka uye wawasho aphathelene nalokho osuye waxoxa ngakho kakade nomuntu, nokunquma ukuthi uyomqhamukela kanjani ekuqhubekiseleni phambili ingxoxo engokweBhayibheli. Engqondweni yiba nendawo eqondile ozoqondisa kuyo amaphuzu ozowakhulumela. Ingabe uzokhetha imibhalo embalwa eyengeziwe ephathelene nendaba okwaxoxwa ngayo esikhathini esidlule? Noma ingabe uzovula ipheshana noma incwadi umuntu anayo futhi ucabangele naye izigaba zokuqala ezimbalwa? Ungase ukhethe isihloko aye wabonisa isithakazelo kuso. Ekuqaleni, thatha imizuzu engu-10 kuya ku-15 kuphela. Isikhathi singalokhu senyuswa kancane kancane, kuye ngokujula kwesithakazelo esiboniswayo. Ukwahlulela kwakho okuhle kumelwe kukusize unqume indlela okumelwe uqhubeke ngayo nokuthi kumelwe uhlale isikhathi esingakanani.
17 Eminyakeni eminingi edlule kuye kwanikezwa ukusikisela okuningi okuwusizo ukuze kunisize ekuthatheni izinyathelo eziqhubekayo zokwenza abafundi. Njengengxenye yalolochungechunge, INkonzo Yethu YoMbuso kaOctober noNovember 1990 yayinezihloko eziwusizo ezazithi “Finyelelani Inhliziyo Ngezifundo ZeBhayibheli Eziphumelelayo” nesithi “Ukuqondisa Abafundi BeBhayibheli Enhlanganweni KaJehova.” INkonzo Yethu YoMbuso kaFebruary 1987 yayinesihloko esithi “Ukulungiselela Nokuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya.” Ukuhlola i-Index okusheshayo ngaphansi kwesithi “Bible Studies” kuyokuqondisa ekwazisweni okuwusizo.
18 Njengesibonelo sendlela yokuqhuba isifundo, qaphela lokho okwenziwayo Esifundweni Sencwadi Sebandla. Njengoba kulindelekile, esifundweni seBhayibheli sasekhaya, awunayo ingxenye eyabiwe ngaphambili ozoyihlanganisa. Ngakho isivinini ohlanganisa ngaso izigaba kumelwe siye ngekhono nezidingo zalowo ofunda naye. Ngaphezu kwalokho, umbonisi wenkonzo nabanye abamemezeli abanokuhlangenwe nakho namaphayona bakujabulela kakhulu ukuhamba nawe futhi banikeze ukusikisela okuwusizo okumayelana nokuqhuba izifundo zeBhayibheli eziphumelelayo.
19 Siqaphela ukuthi uJehova ufeza indima ebalulekile emizamweni yethu yokusiza abantu, kumelwe singathandazeli nje kuphela ukuthola umuntu esizofunda naye kodwa futhi nentuthuko yabanesithakazelo esiye sabathola. Isimo sethu sengqondo nemizwa kumelwe kufane nokukamphostoli uPawulu lapho efakaza eNkosini uAgripha: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi-wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe-njengami.” (IzEnzo 26:29) UPawulu wafuna ukuba izilaleli zakhe zibe abafundi abaqotho bakaKristu, kungakhathaliseki ukuthi kwakudinga isikhathi esifushane noma eside sokubasiza ngabanye.
20 Ukuqhuba izifundo zeBhayibheli kusenza ‘sifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.’ (IzEnzo 20:24) Amanani amakhulu asengasuswa ebumnyameni ayiswe ekukhanyeni asuswe nasegunyeni likaSathane aphendulelwe kwelikaNkulunkulu. (IzEnzo 26:18) Wena, nceku ngayinye kaJehova ezinikezele, yabhapathizwa kumelwe wenze ingxenye yakho ngokutshala imbewu yeqiniso bese ulandelela ngokunisela okudingekile ngezingxoxo zeBhayibheli nezifundo zeBhayibheli zasekhaya oziqhuba njalo. Ngaleyondlela ungathola injabulo enkulu ngokubona abantu beba abafundi futhi behlanganyela nawe ekusizeni nabanye futhi ukuba babe abafundi bakaJesu Kristu.