Ilungiselelo LeSifundo Sencwadi Sebandla
Ingxenye 4—Qhubekani Nakhana
1 Ngamunye eqenjini leSifundo Sencwadi Sebandla angaba nendima ezuzisayo ekuthuthukeni kwabanye ngokomoya eqenjini. Sonke sifuna ukulalela umyalo ongokomBhalo ‘wokuvuselela abanye othandweni nasemisebenzini emihle, ikakhulu njengoba sibona usuku lusondela.’—Heb. 10:24, 25.
2 Ukusizana: Sonke singasiza ekwakheni umoya ofudumele, nowobungane esifundweni sencwadi. Lapho ngamunye wethu ebonisa isithakazelo somuntu siqu kwamanye amalungu, kuba nengxenye ekusondelaneni kweqembu. KwabaseGalathiya 6:10 siyalwa ukuba ‘senze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.’ Ngokwesibonelo, ingabe uyaphawula lapho abanye abaseqenjini begula futhi bengekho emihlanganweni? Mhlawumbe ungase ubathinte ngocingo noma ubavakashele wena siqu. Umoya onjalo eqenjini lesifundo sencwadi udonsela abazalwane ndawonye.
3 Ingabe abanye badinga isikhuthazo ngenxa yokucindezeleka kwansuku zonke, imithwalo yemfanelo yomkhaya, noma ezinye izinkinga? Yini ongayenza ukuze usize? Yenza umzamo okhethekile ukuze uhilele abanye engxoxweni emihlanganweni, hhayi nje ukubabingelela. Abanye bangase bathambekele ekubeni namahloni kodwa bafuna othile abangaxoxa naye futhi bayosabela uma kuyiwa kubo. (uwZU kk. 137-8) Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba ‘athokozise abadanileyo, asekele ababuthakathaka, abekezelele bonke.’ (1 Thes. 5:14) Uma othile egula noma edumele, yeka ukuthi kududuza kanjani lapho abangane befika bezovakasha noma benikeza usizo! Ngokuvamile, ukwazi nje ukuthi othile uyakukhathalela yilokho kuphela okudingekayo.
4 Futhi sifuna ukubambisana namalungiselelo enkonzo yasensimini. Kumelwe sizame ukusebenza nabehlukahlukene eqenjini. (2 Kor. 6:11-13; 12:15) Ngezinye izikhathi umqhubi wesifundo seqembu angase asicele ukuba sisize othile. Sisabela kanjani? Iqembu lesifundo sencwadi liqiniswa kakhulu lapho abamemezeli namaphayona besebenza ndawonye ezicini ezehlukene zomsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi.
5 Isibonelo Sakho Siqu: Kunezinye izindlela onganikela ngazo elungiselelweni lesifundo sencwadi. Isibonelo sakho esihle sibalulekile. Ngokwesibonelo, usuke ubonisa inhlonipho lapho ugqoka njengoba ubungenza lapho uya emhlanganweni eHholo loMbuso. Ubabekela isibonelo esihle labo okungenzeka sebenomkhuba wokugqoka ngokunganaki. Ingabe ukwenza umkhuba ukufika ngesikhahi ukuze ungaphazamisi umhlangano?
6 Ilungiselelo leSifundo Sencwadi Sebandla liyilungiselelo lothando elivela kuJehova elidinga ukuba silisekele ngokugcwele. (Isaya 40:11) Liyindawo esingathola kuyo usizo lomuntu siqu futhi lineqhaza ekuqabulekeni kwabanye ngokomoya. Sonke ‘masiduduzane sakhane’ ngokulisekela ngokugcwele lelilungiselelo.—1 Thes. 5:11, NW.