Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/91 kk. 1-7
  • Ingabe Uyakwazisa Ukubaluleka Kwayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakwazisa Ukubaluleka Kwayo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 12/91 kk. 1-7

Ingabe Uyakwazisa Ukubaluleka Kwayo?

1 Selokhu yakhululwa ngo-1978, INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli iye yaba usizo olungenakulinganiswa kubazali nasentsheni. Egatsheni lethu kuphela kuye kwakhishwa amakhophi angu-627 846 ukuze asakazwe. Abazali baye bayisebenzisa ngokuphumelela kakhulu ekufundiseni abantwana babo, futhi abaningi bentsha yethu baye babonisa ukulangazela okukhulu ekufundeni lokho ekuqukethe.

2 Muva nje, umzali othile uye wabhala: “Kusukela ngesikhathi ingakahlanganisi iminyaka emibili, indodana yethu uVaughan yahlabeka umxhwele yilencwadi yezindaba zeBhayibheli. Yayithanda imifanekiso ekuyo futhi yenqaba ukuyolala ngaphambi kokuba ifundelwe indaba ethile ekuyo. Lapho isicishe ibe neminyaka emibili nengxenye, yaqala ukulalela lezindaba zidlala ekhasethini. Yafunda ukuzifakela nokuziphendulela amakhasethi. Yayilalela lezindaba ngokuphindaphindiwe usuku lonke, ngokuvamile ilandelela ngokubuka imifanekiso esencwadini yayo. Manje, njengoba ineminyaka emine ubudala, izazi zonke izindaba ezikuyo. Izindima eziningi izisho ngekhanda. Futhi iyakujabulela ukumchazela imifanekiso udade wabo omncane onezinyanga eziyishumi nesishiyagalombili naye oyithanda ngendlela efanayo incwadi yakhe.”

3 Yimuphi umphumela konke lokhu kufundiswa okuye kwaba nawo kulengqondo esakhula? Uyise uthi: “Lapho kuphakama izinkinga ngezindaba ezinjengokuqamba amanga, ukungalaleli nezinye, uVaughan uboniswa isifundo esiphathelene nesimiso esihilelekile futhi alithole ngokushesha iphuzu. Futhi, emithandazweni yakhe useqalile ukubonga uJehova ngokuthumela uJesu emhlabeni.”

4 Kungenzeka awunabo wena abantwana abancane. Kodwa ungase ukwazi ukusebenzelana nabantwana ebandleni. Intsha engamaKristu iyakhuthazeka futhi ithole ugqozi lapho izinceku ezimisiwe ebandleni ziba nesithakazelo somuntu siqu kuyo. (IzAga 27:23) Ingabe ungakwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe ukanye nabantwana, ikakhulukazi enkonzweni yasensimini?

5 Ukuhambisa incwadi Yezindaba ZeBhayibheli: Phakathi nenyanga kaDecember, sizobe sihambisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Njengoba iyincwadi ebakhanga kakhulu abancane nabadala, sifisa ukukhuthaza wonke umuntu ebandleni ukuba asebenzise isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka ensimini ehambisa lesisipho.

6 Siyanikhuthaza nina bantu abasha ukuba nenze umzamo okhethekile ngoDecember wokuhambisa lencwadi kwenifunda nabo esikoleni ngaphambi kokuba kuqale amaholide esikole, nokuba nihlanganyele ensimini nabazali benu nabanye ebandleni.

7 Ngezinye izikhathi abantwana badinga nje isikhuthazo esincane ukuze bathathe isinyathelo kuqala sokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Lokhu kwabonakala kokuhlangenwe nakho komfanyana oneminyaka emihlanu ubudala entshonalanga Kenya owazwakalisa isifiso sokuba iphayona elikhethekile. Unina wamtshela ukuthi ngeke akwazi ngisho nokuba iphayona elivamile ngoba wayengenaso isifundo seBhayibheli. Unina wasikisela ukuba afundise izingane ayevame ukudlala nazo ngekhophi yakhe yeNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Lona oneminyaka emihlanu ubudala wathatha incwadi yakhe Yezindaba ZeBhayibheli wayesehamba eyobiza abangane bakhe, ebamema ukuba bazofunda naye iBhayibheli. Waba yini umphumela? Wakha iqembu labantwana abayishumi ayezofunda nabo. Wayeyisebenzisa kahle imifanekiso, ephakamisa imibuzo eminingi ephenyayo, futhi wayebuza imibuzo yokubukeza ekupheleni kwesifundo. Uma bengakhumbuli, wayephinda akufunde nabo lokho kwaziswa. Unina wachaza ukuthi kwakuyinjabulo ngempela ukubona bonke labantwana behlezi ngaphambili egcekeni lendlu yakhe befunda ndawonye! Kwaba injabulo eyengeziwe kunina, kanye nasebandleni, ukubona abayisishiyagalombili balabantwana beba khona emihlanganweni yebandla. Abanye ababili babebancane kakhulu.

8 Bazali, xoxani ngezinye zezintshumayelo ezisikiselwe nabantwana benu. Basizeni ukuba basebenzise imibhalo eseSihlokweni Sengxoxo. Bonisani abantwana indlela yokugcina umbhalo omuhle wendlu ngendlu ukuze bakwazi ukwenza izimpindelo kulabo ababonise isithakazelo. Basizeni ukuba baqalise izifundo zeBhayibheli ngalencwadi, futhi uma kudingekile, basizeni lapho sekukhona abasiqalile.

9 Kwangathi ukwazisa kwethu ngalencwadi enhle kungasishukumisela ukuba siyihambise ngawo wonke amathuba futhi siyisebenzise ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezengeziwe phakathi noDecember.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela