Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/91 k. 8
  • Ingxenye 5—Ukuhambela Kombonisi Wenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingxenye 5—Ukuhambela Kombonisi Wenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usizo Ngesikhathi Esifanele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Ukubambisana Nomqhubi Wesifundo Sethu Sencwadi Sebandla
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Imihlangano Yenkonzo Yasensimini Efeza Injongo Yayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Indlela Ongazuza Ngayo Eqenjini Lakho Lenkonzo Yasensimini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 11/91 k. 8

Ilungiselelo Lesifundo Sencwadi Sebandla

Ingxenye 5—Ukuhambela Kombonisi Wenkonzo

1 Umbonisi wenkonzo kufanele abe umvangeli nomfundisi. Unendima ebalulekile ekusizeni ibandla ukuba lifeze umthwalo walo wemfanelo wokushumayela nokufundisa izindaba ezinhle ensimini eliyabelwe. (Marku 13:10) Lapho ethatha umthwalo wakhe wemfanelo ngokungathi sína futhi wonke umuntu ebambisana naye, abamemezeli bayoba nekhono elengeziwe ekushumayeleni izindaba ezinhle futhi insimu iyohlanganiswa kahle ngokwengeziwe.

2 Umbonisi wenkonzo ugxilisa ukunakekela ekubangeleni inkuthalo eyengeziwe enkonzweni yasensimini. Lokhu kufezwa ngokuyinhloko ngeSifundo Sencwadi Sebandla. Ngokuvamile, umbonisi wenkonzo wabelwa ukuba aqhube isifundo sencwadi, kodwa kanye inyanga ngayinye umsizi wakhe angambambela lapho yena esahambele elinye iqembu.—kmZU 12/81 kk. 1, 2.

3 Ukulungiselela Ukuhambela: Ngaphambi kwesonto lalokhu kuhambela, umbonisi wenkonzo kufanele ahlole amakhadi oMbiko Wommemezeli Webandla alabo abahlanganyela kuleloqembu. Kufanele futhi ahlele ukuhlangana nomqhubi futhi abuyekeze umsebenzi wabamemezeli ababelwe kuleloqembu. Umqhubi angamazisa umbonisi wenkonzo nganoma iziphi izinkinga eziphathelene nenkonzo noma izidingo ezingase zingabonakali emakhadini ombiko. Umqhubi wesifundo kufanele akhunjuzwe ukuthi isifundo kumelwe sithathe imizuzu engu-45 kuphela ukuze anikeze inkulumo ephathelene nenkonzo isikhathi esiyimizuzu engu-15 ebekwa umbonisi wenkonzo.

4 Lenkulumo iyogxila ekuthuthukiseni ukwazisa okwengeziwe ngenkonzo. Uma abamemezeli bedinga usizo ezicini ezithile zenkonzo, umbonisi wenkonzo kufanele anikeze ukusikisela okusebenzisekayo ukuze kube nentuthuko. Amazwi akhe kufanele abe ngaqondile nakhuthazayo ukuze angadumazi muntu ngamazwi akhe ahlabayo. Lokhu kungavele konakalise injongo yokuhambela kwakhe. Inkulumo yakhe kufanele ikhuthaze bonke ukuba bathuthuke.

5 Umbonisi wenkonzo ulwela ukunikeza ukunakekela komuntu siqu kubazalwane nodade abaningi ngangokunokwenzeka uma isimiso sakhe simvumele. Angamisa izikhathi azosebenza ngazo nabantu abahlukahlukene enkonzweni. Njengoba esebenza nabamemezeli endlini ngendlu, angase anikeze ukusikisela okukodwa noma okubili okuwusizo ngokuqondene nezindlela zokuthuthukisa izintshumayelo zabo. Lokhu akufanele kwenziwe ngendlela yokugxeka kodwa ngesifiso esiqotho sokusiza. Angase futhi acele ukuhamba nabamemezeli abathile ezimpindelweni nasezifundweni zeBhayibheli. Uma kukhona abantu eqenjini ababonakala bedinga usizo lomuntu siqu, angase enze ukuhambela kokwalusa phakathi nalelosonto ukuze abasize. Ngemva kwalokho, angazisa umqhubi ngokusikisela akunikezile. Lokhu kunakekela okufudumele nokuqondiswe kumuntu siqu kuye kwashukumisa abanye abase behlise izinga labo lentshiseko enkonzweni yasensimini.

6 Imihlangano Yenkonzo: Imihlangano yenkonzo yasensimini yangalelosonto kufanele iqhutshwe umbonisi wenkonzo. Kufanele iqale ngesikhathi ngisho noma kukhona abambalwa nje. Lomhlangano kufanele ungathathi isikhathi esingaphezu kwemizuzu engu-10 kuya kwengu-15. Akuphoqelekile ukuba kucatshangelwe umBhalo wetekisi lansuku zonke. Ngaphambi kokuba iqembu lihlakazeke, wonke umuntu kufanele azi ukuthi uzobe esebenza kuphi futhi nobani. (1 Kor. 14:33, 40) Umbonisi wenkonzo kufanele akhuthaze bonke abantu ukuba baye enkonzweni yasensimini ngaphandle kokulibala.

7 Ukuhambela kombonisi wenkonzo kwasikhathi sonke emaqenjini esifundo sencwadi kungaba isibusiso sangempela ebandleni. Ngokuthi sonke ngabanye sibambisane naye lapho ehambele, inkonzo yethu iyoba ngehlelekile nephumelelayo. Ngaphezu kwalokho, uyowujabulela umsebenzi wakhe. (Heb. 13:17) Abantu abanjengezimvu bayobuthelwa ndawonye, futhi siyothola injabulo yokwazi ukuthi sikufezile ukuthunywa kwethu kokushumayela kubo bonke abayokuzwa.—Isaya 61:1, 2; Hez. 9:11; Joh. 17:26.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela