Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokusikisela Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya
1 Isenezelo seNkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1991 sasikhumbuza ngomthwalo wethu wemfanelo wokuhlwanyela nokunisela lapho senza abafundi bakaKristu. Sasibonisa ukuthi kufanele sishukunyiselwe ukuba siqhube izifundo zeBhayibheli ngenxa yothando lwethu ngabantu abasabela esigijimini soMbuso. Ukusikisela izifundo zeBhayibheli zasekhaya kuyosisiza ukuba sifeze ukuthunywa kwethu kokwenza abafundi.—Math. 28:19, 20.
2 Kuhle ukubona ukuthi abaningi bethu sebeqalile ukusisebenzisa isikhuthazo esihle esanikezwa. Imibiko ibonisa ukuthi kunezifundo zeBhayibheli eziningi ngokwengeziwe eziqhutshwayo. Inani lezifundo zeBhayibheli ezibikwa eNingizimu Afrika lande ngamaphesenti ayisithupha ngo-1991 ngaphezu kwenani langonyaka wenkonzo ka-1990. Ngokuqinisekile labo abaqale ukuqhuba izifundo ngokokuqala ngqá bayajabula ngengxenye abanayo emsebenzini wokwenza abafundi. Kodwa abengeziwe bangahlanganyela kanjani kulesici senkonzo yethu esinomvuzo?
3 Sebenzisa Isipho Senyanga: UNovember uyinyanga efaneleka ngokukhethekile yokufuna ukuqalisa izifundo zeBhayibheli ezintsha. Sizobe sihambisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Indlela enhle yokuvusa isithakazelo somnini-khaya iyoba ukusebenzisa ukusikisela okutholakala encwadini ethi Ukubonisana.
4 Singaqokomisa iBhayibheli ngokusebenzisa izingeniso ezisikiselwe ekhasini 10 encwadini ethi Ukubonisana. Kunezindlela ezinhlanu ezihlukene okukhulunywe ngazo zokuqondisa ukunakekela eBhayibhelini. Ukukhuthaza abantu ukuba bafune izimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini zemibuzo ephathelene nokuphila kungase kuvule indlela yesifundo seBhayibheli.
5 Ngaphansi kwesihlokwana esithi “Isifundo SeBhayibheli Sasekhaya” esisekhasini 11 encwadini ethi Ukubonisana, kunokusikisela okubili okungaba usizo ekuqondiseni ukunakekela encwadini ethi Izwi LikaNkulunkulu. Kokubili kukhuthaza ukusebenzisa incwadi ngendlela yokuqhuba isifundo esihlelekile. Uma usebenzisa indlela yokuqalisa isifundo seBhayibheli ngokusicela ngokuqondile, ungasebenzisa ukusikisela okuhle okukuNkonzo Yethu YoMbuso kaSeptember 1991.
6 Thembela KuJehova: Ukuze siphumelele emsebenzini wezifundo zeBhayibheli, kumelwe sikhumbule ukuthi ukuphumelela ekusikiseleni izifundo zeBhayibheli zasekhaya kungafinyelelwa ngosizo lukaJehova kuphela. Unendima eyinhloko emizamweni yethu yokusiza abantu. (1 Kor. 3:6) Ngakho-ke, kufanele singathandazeli ukuthola umuntu esizofunda naye kuphela kodwa sithandazele nentuthuko eyenziwa yilabobantu abathakazelayo esibatholile. (Joh. 16:23) Kumelwe sikhumbule ukuthi “siyizisebenzi kanye noNkulunkulu.”—1 Kor. 3:9.