Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/91 k. 1
  • Ukuhlala Simatasa Enkonzweni KaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlala Simatasa Enkonzweni KaJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Yandisa Ingcebo Yakho Yenkonzo YoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Ukusebenzisa Isikole Ukuthuthukisa Inkonzo Yasensimini
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 12/91 k. 1

Ukuhlala Simatasa Enkonzweni KaJehova

1 Sinelungelo ngempela lokukhonza uJehova. Njengoba sesingenise ulwazi oluqondile ngaye nangeNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu, sishukunyiswa uthando ukuba sizikhandle ngokugcwele ekwenzeni intando yaKhe. (Joh. 17:3) Kungenzeka sikhathale, kodwa uJehova usinika amandla ukuze sibe nezikhwepha.—Isaya 40:29.

2 Iyiphi indlela engcono kakhulu esingabonisa ngayo ukwazisa kwethu ngothando olukhulu uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abaye basibonisa lona? (2 Kor. 5:14, 15) Indlela eyinhloko iwukulingisa uJesu, owafakaza ngokungakhathali ngegama likaYise noMbuso. (1 Pet. 2:21) Uma sinokholo oluqinile, ukuphila kwethu kuyogxila emsebenzini esiwunikezwe uNkulunkulu wokushumayela izindaba ezinhle.—Math. 24:14.

3 Ingabe asikho nesikhashana esincane ebesingasinikela enkonzweni yasensimini? Izimo ziyehluka. Inkonzo yethu ingase ibe elinganiselwe ngenxa yokukhula ngeminyaka, impilo ebuthaka, noma imithwalo yemfanelo yomkhaya. Nokho, sonke kudingeka sizinikele ngenhliziyo yonke enkonzweni yethu eya kuJehova. Lokhu kusho ukuthi thina ngabanye kufanele sibonise ukujula kokuzinikela kwethu nobuqotho bokuzinikezela kwethu ngokwenza konke okusemandleni ethu enkonzweni. (2 Thim. 2:15) Kunamathuba asivulekele sonke ngokuvumelana nezimo zethu ngabanye. Yimaphi amanye alamathuba?

4 Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yethu: Okokuqala kufanele sibe nesithakazelo sokuthuthukisa inkonzo yethu. Lokhu kungafezwa ngokuba nekhono elengeziwe njengomfundisi. Omunye wemigomo eyinhloko yeSikole Senkonzo EsingokwaseZulwini uwukusisiza ukuba siphumelele ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini. Ingabe siyayicabanga inkonzo yasensimini lapho silungiselela izabelo zethu? Ingabe siyasisebenzisa iseluleko esisitholayo ukuze sithuthukise inkonzo yethu siqu? (sgZU kk. 95-9) Ngokufanayo, ukusikisela okuningi ngenkonzo yasensimini kuyanikezwa phakathi noMhlangano Wenkonzo. Masikusebenzise ngokushesha ngangokunokwenzeka.

5 Ngokulandelayo, cabangela amathuba okulungisa izimo zakho ukuze uhlanganyele emsebenzini wamaphayona asizayo noma avamile. Ukwenza kanjalo ngokuqinisekile kuyokwenza uhlale umatasa enkonzweni kaBaba wethu, uJehova. (1 Kor. 15:58) Kuthiwani uma ungeke ukwazi ukuphayona? Ungabonisa umoya wamaphayona ngokuhlakulela uthando oluqotho ngenkonzo nokubakhathalela okujulile abantu ensimini. Futhi ungasebenzisa wonke amathuba ukuze usize abantu abaqotho ukuba bazi uJehova nezinjongo zakhe ezimangalisayo ngokwenza izimpindelo nangokuqhuba izifundo zeBhayibheli.

6 Ukusabela obizweni lokukhonza lapho indingeko inkulu khona nakho kungase kube ingxenye yokuthuthuka kwethu. (Isaya 6:8) Labo abaye bathuthela ebandleni elalidinga usizo lwezinceku noma elalidinga usizo ekuhlanganiseni insimu yalo ngokuqinisekile baye bavuna izibusiso eziningi.

7 Lapho siqala ukufunda iqiniso, uthando ngoJehova nangoKristu Jesu lwasishukumisela ukuba senze ukulungisa okukhulu ekuphileni kwethu. Manje, njengoba sikhula ekwaziseni ubuhlobo bethu noBaba wethu wasezulwini kanye nalokho iNdodana yakhe eyasenzela khona, ingabe kukhona okunye ukulungisa esingakwenza ukuze sandise inkonzo yethu? Kwangathi sonke singazikhandla ngokuhlala simatasa enkonzweni kaJehova.—Roma 12:11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela