Izethulo Zokwenza Abaninikhaya Balalele
1 Iyiphi ingxenye ebaluleke kakhulu yentshumayelo yakho yasendlini ngendlu? Iningi lethu belingavuma ukuthi isethulo. Uma ungaphumeleli ekuvuseni isithakazelo somninikhaya phakathi nemizuzwana yokuqala ecishe ibe ngu-30, cishe uyoyinqamula ingxoxo.
2 Iziphi izici okufanele uzicabangele lapho ulungiselela isethulo esiphumelelayo? Hlaziya imikhuba nezidingo zabantu okunokwenzeka uhlangane nabo. Ingabe kuwumkhuba ukutekulisana, noma ingabe ulindeleke ukuba usheshe uhlale endabeni? Ingabe kunemibhangqwana eminingi engabantu abasebasha endaweni yakini? Yini eyikhathazayo? Ingabe abantu endaweni yakini bayazazi izinkinga ezibhekene nesintu sisonke?
ngabenza balalele ngokusho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Sawubona. Igama lami ngu ————. Ngiyakhathazeka lapho ngifunda ngokulamba nokubulawa kwabantu ezimpini. Ingabe nawe uzizwa kanjalo?” Eminye imibuzo engasiza ekuqaliseni ingxoxo yilena: “Liyini ikhambi lezinkinga zezwe?” “Ingabe ucabanga ukuthi ukhona ongaqeda izinkinga zanamuhla emhlabeni?” “Ubungathini uma bekungaba nombusi onezimfanelo ezinjengalezi okukhulunywa ngazo kuIsaya 9:6, 7? [Funda bese ukhulumela lombhalo.]”
3 Kwamanye amasimu, abantu bangase babonise ukukhathalela okukhulu ngekhaya labo nomkhaya kunasezindabeni zomhlaba wonke ezinjengokuthula kwezwe.
Ungavusa isithakazelo ngokubuza:
◼ “Ucabanga ukuthi ukuphila kuyoba njani kuwe nasemkhayeni wakho eminyakeni eyishumi? Umbono weBhayibheli ngekusasa ukhuthaza kakhulu ngoba ubikezela ukuza kombusi oyobusa ngezindinganiso eziphelele. Phawula lokho uIsaya 9:6, 7 akushoyo ngaye.”
4 Ingabe uhlala endaweni lapho ubugebengu nokuphepha kuwundab’ izekwayo? Abanye bangase balalele uma usebenzisa isethulo sokuqala ngaphansi kwesithi “Ubugebengu/Ukuphepha” ekhasini 10 lencwadi ethi Ukubonisana.
Ungase uthi:
◼ “Sawubona. Sikhuluma nomakhelwane ngendaba yokuphepha komuntu siqu. Sizungezwe ubugebengu obuningi, futhi buyakuthinta ukuphila kwethu.” Khona-ke umbuzo onjengokuthi “Liyini ikhambi?” noma “Ingabe ucabanga ukuthi ukhona ongaqeda lezinkinga emhlabeni?” noma “Ubungathini uma bekungaba nombusi onezimfanelo ezinjengalezi?” ungasiza ekuqaliseni ingxoxo. Khona-ke ungafunda uIsaya 9:6, 7.
5 Sonke, kuhlanganise nabantu abasebasha abasafunda isikole, singasebenzisa lezintshumayelo ezilula zombhalo owodwa. Eqinisweni, ungase uthande ukuzama eyodwa lapho uhambisa omagazini. Awuvumi yini ukuthi intshumayelo enjalo engokomBhalo ibingaba indlela enhle yokuqonda ukuthi isilaleli sethu sibonisa isithakazelo esiqotho noma cha? Siyaqiniseka ukuthi abaningi bayojabulela ukusebenzisa lezintshumayelo phakathi noJanuary, kokubili lapho behambisa omagazini nalapho behambisa isipho esivamile senyanga.
6 Uma usebenzisa ngokuphumelelayo imizuzwana engu-30 yokuqala yokuhambela kwakho, kokubili ngesimo sakho nangesethulo sakho, cishe uyofinyelela umgomo obalulekile wokwenza abaninikhaya balalele.