Uyothini Lapho Uphindela?
1 Ukuphumelela enkonzweni yethu kudinga ukulungiselela ukuze kuthi lapho siphindela kulabo ababonise isithakazelo ekuqaleni, sikwazi ukuvuselela isithakazelo sabo futhi siqhubeke nengxoxo yethu. Singakwenza kanjani lokhu?
2 Njengoba amaKristu eqiniso enesithakazelo esiqotho kwabanye, ungase kuqala ubhekisele kokuthile okuzwe ngomninikhaya ekuhambeleni okudlule.
Kumuntu owaveza ukukhathazeka kwakhe ngobugebengu, ungase uthi:
◼ “Ngesikhathi esagcina ngaso ukukhuluma wathi ukhathazekile ngokwanda okuphawulekayo kokungabi namthetho. Ingabe ucabanga ukuthi ukuqasha amaphoyisa engeziwe bekungayixazulula lenkinga?”
◼Uma umuntu azwakalisa ukukhathazeka ngokwenzekayo muva nje esimweni sezwe, ungase uthi:
◼ “Ngesikhathi esagcina ngaso ukuxoxa waveza iphuzu elithakazelisayo ngokuntuleka kokuthula emhlabeni. Ingabe ucabanga ukuthi abaholi bezwe bayoletha uhlelo olusha lwezwe?”
Kumuntu okhathazwa ubugovu babanye, ungase uthi:
◼ “Ngesikhathi esagcina ngaso ukukhuluma waveza iphuzu elihle ngokukhethekile ngokuqondene nobugovu esibubona kubantu ngokuvamile. Ucabanga ukuthi uyini umbono kaNkulunkulu ngabantu abanobugovu? [Lindela impendulo.] Nakhu iBhayibheli elikushoyo kwabase-Efesu 5:5.”
3 Amanye amazwi aye asetshenziswa ngokuphumelelayo ahlanganisa athi:
◼ “Ngayijabulela kakhulu ingxoxo yethu yangesikhathi esidlule, ngakho ngacwaninga ngaleliphuzu elifushane ukuze ngikubonise indlela uJehova aqaphela ngayo usizi lwabangenamakhaya. Phawula uIsaya 65:21-23.”
◼ “Ngakujabulela ukukhulumela kwakho lapho uthi isintu sidinga uhulumeni ongcono.”
◼ “Wabuza umbuzo othakazelisayo wokuthi ingabe zonke izinkolo zivunyelwa uNkulunkulu.”
◼ “Ngempela wangenza ngacabanga ngalokho owakusho mayelana nokunqunyelwa kusengaphambili.”
◼ “Bengicabanga ngenxoxo yethu, futhi kunephuzu elithile encwadini ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? engicabanga ukuthi uzolijabulela. [Ungase ubonise umninikhaya amaphuzu owakhethile encwadini.]”
Izethulo ezinjengalezi zibonisa ukuthi siyazisile ingxoxo yethu yesikhathi esidlule nokuthi sinesithakazelo ekukhulumeni nomninikhaya futhi.
4 Ngaphambi kokuba wenze impindelo, cabangela lokho oyokusho. Fanelanisa intshumayelo yakho nomuntu ngamunye.
5 Uma umuntu esimhambelayo ematasa, sisengakwazi ukuphumelela ngokuthi:
◼“Ngiyazi ukuthi awunaso isikhathi, kodwa nginokuthile ongacabanga ngakho njengoba usaqedela umsebenzi wakho. [Funda uMathewu 5:3.]”
Noma ungase uthi:
◼ “Ngikubhalele lemibhalo emithathu. Njengoba kungesona isikhathi esihle sokukhuluma, mangiyishiye, futhi lapho ngibuya, ngiyothanda ukuthatha imizuzu emihlanu ukuze ngixoxe ngayo nawe.”
6 Izindlela Eziphambene Zokugwenywa: Imibuzo engaletha ukusabela okuphambene noma engase iphazamise umninikhaya ngokuvamile ayivezi imiphumela emihle. Lena ihlanganisa ethi: “Ingabe uyifundile incwadi engikushiyele yona?” “Ingabe ikhona imibuzo onayo?” “Ingabe usangikhumbula?” “Ngikuhambele ukuze ngithole ukuthi usenaso yini isithakazelo ekukhulumeni ngezinjongo zikaNkulunkulu ngalomhlaba.”
7 Siyoba nentshiseko yokuhambela abantu ababonisa isithakazelo esikhathini esidlule uma silungiselela kusenesikhathi ukuze sibanikeze usizo olunengqondo ngempela.