Landelela Isithakazelo Ngokuhlakanipha Phakathi Nenkathi Yeholide
1 UDecember uyinyanga lapho abaningi balabo ababonise isithakazelo esigijimini sethu cishe beyobe bematasa ngemisebenzi ephathelene neholide. Ngakho-ke, lapho silandelela isithakazelo, kuyodingeka sibe ngabahlakaniphile futhi mhlawumbe sibe ngabakulungele ukungena endabeni ngokushesha, ngaphandle kwalapho umninikhaya ebonisa isifiso sengxoxo eqhubekayo.
2 Ukucabangela Kusengaphambili Lokho Esiyokusho: Kufanele ngaso sonke isikhathi kusicacele kahle engqondweni lokho esifuna ukukusho. Lokhu kudinga ukuba sibhekisele kulokho esakubhala ekuhambeleni kwangaphambili futhi sizikhumbuze ngamaphuzu ahlanganiswa engxoxweni nanoma yimiphi imibuzo engaphendulwanga eyashiywa nomninikhaya.
3 Uma ukusikisela okusesigabeni 3 sesihloko esingenhla kusetshenzisiwe, lapho siphindela singase sithi:
“Ngalesikhathi sonyaka, abantu abaningi bacabanga ngokuzalwa kukaKristu. Esikhathini esagcina ngaso ukuxoxa, ngathembisa ukuhlanganyela nawe iphuzu elithakazelisayo ngomuzi uJesu azalelwa kuwo. Ingabe ubuwazi ukuthi eminyakeni engu-700 iBhayibheli labikezela kusengaphambili ukuthi uJesu wayeyozalelwa eBetlehema?” Lindela impendulo. Khona-ke, ngemva kokufunda uMika 5:2, ungase uthi: “Lesi isiprofetho esimangalisayo, akunjalo? Nakuba leli kuyiphuzu elithakazelisayo elingokweBhayibheli, ingabe ubuwazi ukuthi iziprofetho zeBhayibheli ziyagcwaliseka nasosukwini lwethu?” Uma umuntu enesikhathi, singase siqhubeke nengxoxo, noma uma ematasa, singase sisikisele ukubuya futhi sixoxe naye ngalokhu ngokuqhubekayo.
4 Uma kwashiywa ipheshana elithi “Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula,” singase sisho lokhu okulandelayo:
◼ “Phawula lokho okushiwo lapha ekhasini 3, ngaphansi kwesihlokwana esithi ‘Ukuphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu.’ Lokhu kumayelana nezimo eziyoba khona ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. [Cabangela isigaba sokuqala nesesibili, uqokomise eminye yemibhalo.] Ubungathanda yini ukujabulela ukuphila okunjalo?” Sikisela kumninikhaya ukuthi ungathanda ukubuya ngesonto elilandelayo futhi uxoxe naye ngamanye amaphuzu ambalwa akulelipheshana. Uma umninikhaya engakabi nayo incwadi ethi Umuntu Omkhulu, bonisa indlela isahluko 111 esiningiliza ngayo isibonakaliso uJesu asinikeza esasiyophawula ukuphela kwesimiso sezinto samanje esibi. Mhambisele incwadi.
5 Ukusikisela Isifundo SeBhayibheli Sasekhaya: Uma sishiyela umninikhaya incwadi ethi Umuntu Omkhulu noma esenayo kakade, kuyoba kuhle ukubonisa indlela isifundo seBhayibheli sasekhaya esiqhutshwa ngayo ngokusebenzisa isahluko 111. Singasebenzisa indlela efanayo naleyo esetshenziswa eSifundweni Sencwadi Sebandla. Uma isifundo siqhubeka sithuthuka, singashintsha sifunde enye yezincwajana ezingangomagazini noma siye ngokuqondile encwadini ethi Ungaphila Phakade.
6 Masizimisele ngaso sonke isikhathi ukulandelela sonke isithakazelo. Kumelwe sibe abahlakaniphile futhi ngaso sonke isikhathi sizame ukuvula indlela yokuhambela kwesikhathi esizayo ngokuphakamisa imibuzo ethakazelisayo ekupheleni kwengxoxo ngayinye. Lokhu kuyosisiza ukuba “[sihlonyiselwe, NW] yonke imisebenzi emihle.”—2 Thim. 3:17.