Hlanganyela Nabanye Ulwazi Oluqondile NgoJesu Kristu
1 Enkonzweni yethu yasensimini phakathi noDecember, siyohambisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Yini oyoyisho ukuze uqalise ingxoxo yeBhayibheli efike ngesikhathi, futhi uyoyethula kanjani lencwadi enhle kakhulu?
2 Ukuyihambisa Kwabanye: Yiziphi ezinye izici ezithakazelisayo esingaziqokomisa kulencwadi? Isahluko 5 siphakamisa umbuzo ofanelekile ngalesikhathi sonyaka, “Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?” Ungase uvuse isithakazelo somuntu omusha ngesenzakalo esithakazelisayo esahlukweni 44, “Ukuthulisa Isiphepho Esisabisayo.” Umuntu ogulayo noma obuthakathaka ngokomzimba ngempela angaduduzwa ngesahluko 57, “Uzwela Ngabahluphekayo.” Isahluko 90, “Ithemba Lovuko,” sifanele sikhange kunoma yimuphi umuntu owake wakhala ngenxa yokulahlekelwa othandekayo ngokufa. Ingxoxo ngezimo zezwe ezicindezelayo ingaholela esahlukweni 111, “Isibonakaliso Sezinsuku Zokugcina.”
3 Ngemva kokubingelela okufanelekile, ungase uthi:
◼ “Sibuza abantu ukuthi bangavuma yini ukuthi uJesu Kristu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. [Lindela impendulo.] Yiqiniso, abantu abaningi baye bathonya ukuphila kwabantu, futhi abanye baye baba nengxenye entuthukweni yohlanga lwesintu, kodwa phawula lokho okwenza uJesu Kristu ehluke kubo bonke abanye. [Funda uJohane 17:3.] Akekho omunye onamandla okunikeza isintu ukuphila okuphakade. [Vula isahluko 111 sencwadi ethi Umuntu Omkhulu.] Lapho uJesu elapha emhlabeni, wachaza izenzakalo ezaziyokwenzeka ngaphambi kokuphela kwezwe. Kodwa futhi wakhuthaza abafundi bakhe ukuba bajabule ngoba lezenzakalo zaziyosho ukuthi inkululeko yayisondela.” Ngemva kokukhulumela kafushane izici ezithile zesibonakaliso sokuba khona kukaKristu, bonisa amanye amaphuzu avelele alencwadi. Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R8,00.
4 Enye indlela, ngemva kokubingelela kwasendaweni, kungaba yilena:
◼ “Phakathi noDecember abantu bacabanga futhi bakhuluma kakhulu ngoJesu. Kungaziphi izindlela esingalingisa ngazo isibonelo esabekwa uJesu, umuntu omkhulu kunabo bonke emhlabeni? [Lindela impendulo, bese udonsela ukunaka kweyoku-1 Petru 2:21.] Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathande omakhelwane babo, bazigcine behlanzekile ngokokuziphatha, futhi bathandazele ukuza koMbuso kaNkulunkulu. Ukusindiswa kwethu kuxhomeke ekuqapheleni nasekulaleleni uJesu njengoMsindisi wethu. [Funda uJohane 14:6.] UJesu wayengeyena nje umuntu ovamile. Lencwadi imchaza njengomuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. Isahluko 59 siyakuqinisekisa lokhu, simchaza ‘njengoKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.’ Njengoba sincike kuye ukuze sisindiswe, ingabe awunawo umuzwa wokuthi kunesidingo ngathi sokuba sifunde okuningi ngangokunokwenzeka ngomsebenzi wakhe nalokho akufundisa? Lencwadi ilungiselelwe ngokukhethekile leyonjongo, futhi ngingathanda ukukushiyela lekhophi ngomnikelo ka-R8,00.”
5 Beka Isisekelo Sokuhambela Kwesikhathi Esizayo: Yiqiniso, kungakhathaliseki ukuthi sihambise incwadi ethi Umuntu Omkhulu, omagazini ababili, ipheshana, noma sibe nje nengxoxo emnandi, singase sithi: “Uma ngibuya esikhathini esizayo, ngiyothanda ukuhlanganyela nawe iphuzu elithakazelisayo eliphathelene nomuzi uJesu azalelwa kuwo.” Qiniseka ukuthi ukubhala phansi ngokunakekela lokhu kuhambela nesithakazelo esibonisiwe.
6 UMbuso unikeza okuwukuphela kwethemba langempela lesintu. Masibonise isifiso sethu esiqotho sokuhlanganyela nabo bonke esihlangana nabo ‘ulwazi oluqondile lwemfihlakalo kaNkulunkulu engcwele enguKristu.’—Kol. 2:2, NW.