Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/92 k. 1
  • Ingabe Ungakwazi Ukuba Iphayona Elisizayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ungakwazi Ukuba Iphayona Elisizayo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umgomo Ofanelekayo Wonyaka Omusha Wenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Memezela Kabanzi Ubuhle BukaJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ingabe Singaphinda Sikwenze?—Kunesinye Isimemo Samaphayona Asizayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 2/92 k. 1

Ingabe Ungakwazi Ukuba Iphayona Elisizayo?

1 UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bazinikele enkonzweni, futhi wabaqinisekisa ngokuthi ukulandela lenkambo kwakuyobalethela injabulo nezibusiso eziningi ezingokomoya. (Math. 10:8b; IzE. 20:35) NgoApril wonyaka odlule abantu abangaphezu kwabangu-6000 bazizwela mathupha injabulo yomsebenzi owandisiwe njengamaphayona asizayo. Ingabe ungakwazi ukuhlanganyela kulezibusiso kulonyaka ngokubhalisa njengephayona elisizayo ngoMarch noma ngoApril noma mhlawumbe ngazo zombili lezinyanga?—IHu. 34:8.

2 Ukuhlola Izimo Zakho: Njengoba ucabangela okuhlangenwe nakho okulandiswa ngezansi, zibuze: ‘Ingabe ngiyazibona kwezinye zalezibonelo? Ngingakwenza kanjani ukulungisa okudingekile okungangivulela indlela yokuba iphayona elisizayo?’

3 Omunye udade wakwazi ukuba iphayona elisizayo ngisho nakuba ayenezingane ezinhlanu futhi enza umsebenzi wokuziphilisa. Wavuzwa kanjani? Umyeni wakhe nezingane bamsekela kahle kakhulu, futhi ngenxa yesibonelo esihle sikadade, umyeni washukunyiselwa ukuba abe ummemezeli ongabhapathiziwe ngenyanga eyalandela.

4 Kwelinye ibandla bonke abadala nezinceku ezikhonzayo bakhonza njengamaphayona asizayo phakathi nenyanga eyodwa. Abaningi babo babenza umsebenzi wokuziphilisa, kodwa babematasa kakhulu ngemisebenzi engokomoya ngezimpelasonto. Ukuhola okuhle abakunikeza ekushumayeleni nasekuhleleni inkonzo yasensimini kwazuzisa lonke ibandla. Kubamemezeli abangu-77, abangu-73 bahlanganyela ohlotsheni oluthile lwenkonzo yamaphayona ngaleyonyanga.

5 Intombazane esafunda isikole eneminyaka engu-15 yasebenzisa iholide layo lamasonto amabili ukuba ihlanganyele enkonzweni yamaphayona asizayo futhi ithi: “Ngiyawubona ngempela umehluko, ikakhulukazi intuthuko ekuxoxeni. Ngakwazi ukuba nezingxoxo eziningi ngokwengeziwe nabantu emakhaya abo.”

6 Labo asebethole umhlala-phansi ngokuvamile banamathuba amahle okuphishekela izithakazelo zoMbuso. Ngemva kokushona komyeni wakhe, udade oneminyaka engu-84 ubudala wabhala: “Zonke izingane zami zase zikhulile futhi zishadile zinemikhaya yazo. Azizange zingilahle, kodwa ukungivakashela kwazo kwakungenakuyiqeda imizwa yokulahlekelwa nesizungu. Khona-ke omunye wabadala bebandla lethu wasikisela ukuba ngizame ubuphayona obusizayo. Nganqikaza kodwa ekugcineni nganquma ukuba ngibuzame. Yeka injabulo! Ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayengivumele ukuba ngiphile kuze kube yilesikhathi ukuze ngibe nokuhlangenwe nakho kokuba iphayona elisizayo. Kusukela lapho ngiye ngaqhubeka ngiyiphayona elisizayo zonke izinyanga.”

7 Omunye umzalwane odayisa izindlu wasihlela kabusha isimiso sakhe sokubukisa ngezindlu ezidayisayo ukuze abe nesikhathi senkonzo yobuphayona. Abanye baye benza ukulungisa okufanayo emsebenzini wabo ukuze bavule ithuba lomsebenzi onjalo owandisiwe.

8 Yenza Amalungiselelo Akho Manje: Kungani ungenzi amalungiselelo aqondile kusemanje ukuze ube yiphayona elisizayo ngoMarch nangoApril? Ukuze uphumelele, kudingeka ukuhlela ngokucophelela. Lokhu kuyabonakala kokuhlangenwe nakho kwalabo abaye bakwazi ukuba amaphayona asizayo ngisho nakuba babenemithwalo yemfanelo yemikhaya, imisebenzi yokuziphilisa yesikhathi esigcwele, kanye nezinye izibopho ezingokomBhalo. Xoxa nabanye abaye baphayona ngokuphumelelayo ukuze uzuze kokuhlangenwe nakho kwabo. Futhi, iya kuJehova ngomthandazo, ucele usizo lwakhe.—Isaya 40:29-31; Jak. 1:5.

9 Akukho kungabaza ngakho, kuningi ukujabula okutholwa yilabo abahlela izimo zabo ukuze bakhonze njengamaphayona asizayo. Uma ungakabi senkonzweni yesikhathi esigcwele, ingabe kungenzeka ukuthi uyalijabulela lelilungelo? Uma wenza umzamo wokwandisa ilungelo lakho lokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye, uJehova ngokuqinisekile uyothululela kuwe isibusiso sakhe esicebile.—Mal. 3:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela