Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/92 k. 1
  • Qikelela Ukuba Uphindele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qikelela Ukuba Uphindele
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ingabe Uyazenza Izimpindelo Zakho?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Ukwenza Izimpindelo Kuholela Ezifundweni ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 2/92 k. 1

Qikelela Ukuba Uphindele

1 Njengezikhonzi zezindaba ezinhle, siyalwa ukuba senze abafundi. (Math. 28:19, 20) Ukwenza izimpindelo kuyingxenye ebalulekile yomsebenzi wethu wokwenza abafundi. Siyaqaphela ukuthi ukuphila kuhilelekile, ngakho sifuna ukwenza wonke umzamo wokuhlakulela isithakazelo esiboniswe ekuqaleni.

2 Kufanele sibheke umuntu ngamunye esimhambisele incwadi njengofanelwe yimpindelo. Nokho, ukuhambisa izincwadi akufanele kube ukuphela kwesisekelo sokwenza impindelo. Abaningi bazimisele ukuxoxa ngesigijimi seBhayibheli kodwa bayazenqaba izincwadi. Ngakho lapho kutholakala isithakazelo, kufanele ngazo zonke izindlela siphindele futhi sizame ukusihlakulela.

3 Ukulandelela Okuhanjisiwe: Njengoba izincwadi ezihanjisiwe ziledlula kude inani lezimpindelo, kunethemba elikhulu lentuthuko. Elinye iphayona lahambisa incwadi kodwa laphawula isithakazelo esincane kakhulu kumninikhaya. Ngolunye usuku ntambama ngemva kokuhambela zonke izindawo zakhe, lomzalwane wanquma ukuhambela lomuntu. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli.

4 Omunye umzalwane wahambisela indoda omagazini ababili kodwa wakhohlwa ngayo, ecabanga ukuthi yayingenaso ngempela isithakazelo. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, lendoda yabhalela ibandla lakuleyondawo icela ukubhapathizwa. Omunye udade oyisithunywa sevangeli wabuzwa ukuthi yisiphi isici ayenomuzwa wokuthi singesivelele kakhulu ekubeni akwazi ukusiza abantu abangu-74 ukuba babe abamemezeli. Wathi: “Sasenza umsebenzi omningi kamagazini, futhi ngangilokhu ngenza izimpindelo kubantu ababemukela omagazini kwaze kwaba yilapho ngiqalisa ukubaqhubela izifundo zeBhayibheli.”

5 Ngezinye izikhathi esingase sikwazi ukukwenza kuphela ukushiyela umnini-khaya ipheshana ekuhambeleni kokuqala. Ngokuvamile, amapheshana angasetshenziswa ngokuphumelelayo ukuze kuboniswe indlela yokuqhuba isifundo seBhayibheli. Omunye umbonisi wesifunda, esebenza nomunye ummemezeli, washiyela owesifazane ipheshana. Kwakuwuhambela okufushane kakhulu, kodwa wakhuthaza udade ukuba aphindele. Lodade wenza impindelo futhi ngokushesha waqalisa isifundo seBhayibheli.

6 Lapho kuboniswa isithakazelo: Uma umninikhaya engayithathi incwadi ekuhambeleni kokuqala, lokhu akusho ngaso sonke isikhathi ukuthi akanaso isithakazelo. Enza impindelo embhangqwaneni osemusha, omunye ummemezeli wathola ukuthi wawunazo kakade ezinye zezincwadi zethu futhi wawuke wafundelwa ngaphambili. Wavuma ngokungathandabuzi ukuvuselela isifundo sawo. Iphayona elikhethekile laphawula isithakazelo esicashile kowesifazane owayenqaba njalo ukwamukela omagazini. Leliphayona labeka omagazini eceleni, futhi lona wesifazane wayezimisele ukuxoxa ngezigaba ezimbalwa kwenye yezincwajana. Ngemva kokuhambela okumbalwa okwengeziwe, wayesemqhubela isifundo seBhayibheli kabili ngesonto.

7 Ngamunye ozinikezela kuJehova kufanele azizwe enomthwalo wemfanelo wokuhlanganyela emsebenzini wokwenza abafundi. Njengoba siphindela njalo kubo bonke ababonisa isithakazelo, siyovuna isithelo esiyoletha izibusiso ezicebile kokubili kithi ‘nakulabo abasizwayo.’—1 Thim. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela