Landelela Isithakazelo Ngaphandle Kokulibala
1 “Ungakubekeli ikusasa ongakwenza namuhla.” Abaningi bajwayelene nalenkulumo yesiNgisi esikhuthaza ukuba wenze izinto ezibalulekile ngokushesha. Ukuthi singasisebenzisa lesimiso enkonzweni yethu kuboniswa okuhlangenwe nakho okulandelayo.
2 Udade wahambisela indoda ethile incwadi futhi wathembisa ukuthi uzobuya. Ngephutha omunye udade wangena kuleyondlu ngemva kwehora. Lendoda yeza emnyango iphethe incwadi ngesandla futhi yathi kuye: “Lapho uthi uzobuya, bengingacabangi ukuthi kuzoshesha kangaka, kodwa ngena, ngisilungele isifundo sami.”
3 Nakuba ukuphindela ngokushesha okungako kungase kungabi okuvamile, lokhu okuhlangenwe nakho kuqokomisa isidingo sokuphaphamela ukulandelela isithakazelo esisithola enkonzweni yethu ngaphandle kokulibala ngokungadingekile. Phakathi noMarch sizobe sihambisa incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo. Izenzakalo zezwe zikwenza kube sobala ukuthi lencwadi, echaza incwadi yokugcina yemiBhalo YamaKristu YesiGreki, ihambisana nesikhathi njengemibiko yezindaba yanamuhla evela ephephandabeni, emsakazweni, nakuthelevishini ephathelene nezenzakalo zomhlaba ezikuthinta ngokuqondile ukuphila kwaso sonke isintu.
4 Abantu Badinga Usizo Olwengeziwe: Ukuze sisize abantu bakuqonde ukwaziswa okukulencwadi futhi baqaphele ukuthi kuyakuthinta ukuphila kwabo nekusasa, sidinga ukulungiselela ukwenza impindelo, kutuswa ukuba yenziwe ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokuhambela kokuqala. Siyokwenza kanjani lokhu? Kungenzeka ukuthi ukutshela umuntu ukuthi uzobuya kungasiza ekuboneni ukuthi unesithakazelo esingakanani.
5 Vula Indlela Yokwenza Impindelo: Akulula ngaso sonke isikhathi ezweni lanamuhla ukuzibopha ngokuthi uzokwenza okuthile ngesikhathi esithile, futhi nomninikhaya angase angakukhumbuli ukugcina isivumelwano. Nakuba kunjalo, uma usiphawula ngokucophelela isikhathi sokwenza impindelo enjalo bese uqikelela ukuba uye kuyo—phakathi nezinsuku ezimbalwa nje uma kunokwenzeka—uyobe uyawufeza umthwalo wakho wemfanelo wokuthatha isivumelwano ngokungathi sína. Uma lowomuntu engekho ekhaya, qikelela ukuba uqhubeke uzama ukumthinta. Angase akhuthazeke ukuba akuthathe ngokungathi sína ukuhambela kwakho lapho ebona ukuzimisela kwakho ukuba umthole esekhaya.
6 Njengoba singeke siqiniseke ngokuphelele ngesithakazelo esiboniswe umuntu lapho sibonana naye okokuqala, qikelela ukuba uphindele ngisho nalapho kubonakala kunokukhathalela okuncane. Kuyazuzisa ukusilandelela isithakazelo esinjalo ngaphandle kokulibala. Kungenzeka uye wavusa isithakazelo somuntu encwadini Umvuthwandaba WesAmbulo, futhi lapho ubuyela ungase umangale ngendlela enhle owamukelwa ngayo. Ngakho qikelela ukuba ulandelele isithakazelo ngaphandle kokulibala!