Imihlangano Yenkonzo KaMarch
Isonto Eliqala NgoMarch 2
INgoma 139
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe kuNkonzo Yethu YoMbuso. Bonisa indlela izihloko ezithile komagazini bamuva ezingasetshenziswa ngayo emsebenzini kamagazini ngoMgqibelo.
20 imiz: “IsAmbulo—Izimfihlakalo Zembuliwe.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Qokomisa intshumayelo efanelekela indawo lapho kuhanjiswa incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo. Hlanganisa nemiboniso emifushane ebonisa indlela ukuphikisa okuvamile okungabhekwana nakho ngayo. Uma umninikhaya ethi: “Sinenkolo yethu,” ngokuhlakanipha mbuze: “Ingabe muva nje esontweni nike naba nazo izingxoxo eziphathelene nencwadi yeBhayibheli yesAmbulo?” Holela ingxoxo ekufundeni isAmbulo 1:3. Omunye umbuzo ongase ubuzwe uthi: “Uyini umbono wesonto lenu ngencwadi yesAmbulo?”
15 imiz: “Izintshumayelo Ezithola Ukusabela.” Ingxoxo ngomdala onokuhlangenwe nakho namaphayona kanye/noma nabamemezeli ababili noma abathathu. Cabangela izintshumayelo ezihlukahlukene ezingasebenza ensimini yenu.
INgoma 15 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoMarch 9
INgoma 101
10 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza labo abahlela ukuba amaphayona asizayo ngoApril ukuba bazitholele iphepha lokwenza isicelo bese belibuyisa ngokushesha.
15 imiz: “Landelela Isithakazelo Ngaphandle Kokulibala.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
20 imiz: “Yini Engingayisho Ukuze Ngivuse Isithakazelo Esengeziwe?” Yethula imiboniso emibili noma emithathu elungiselelwe kahle. Lapho kuqedwa ngamunye wayo, thola ezilalelini ukuthi kungani zicabanga ukuthi lentshumayelo ibizophumelela ekuthuthukiseni isithakazelo somninikhaya.
INgoma 19 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoMarch 16
INgoma 197
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Hlanganisa nokubonga kweNhlangano iminikelo. Tusa abazalwane ngokulandela isimiso esikuDuteronomi 16:17.
15 imiz: “Yenza Izenzo ZikaJehova Zaziwe.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Khuthaza bonke ngemfudumalo ukuba babambisane ekwenzeni uApril abe inyanga ekhethekile yokusebenza.
20 imiz: Umdala uqhuba ingxoxo nabamemezeli abathathu noma abane abazoba amaphayona asizayo ngoApril noma abaye benza kanjalo esikhathini esedlule. Buza ukuthi yini eye yabashukumisela ukuba baphayone, yimaphi amalungiselelo abawenzele uApril, nanoma ikuphi okuhlangenwe nakho abaye baba nakho esikhathini esidlule lapho bengamaphayona asizayo. Memezela amagama alabo asebamukelwe kuze kube manje njengamaphayona asizayo ngoApril.
INgoma 123 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoMarch 23
INgoma 193
15 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini. Isikhuthazo sokucabangela inkonzo yamaphayona asizayo ngoApril. Chaza amalungiselelo okumemela abantu enkulumweni ekhethekile ngoApril 5 kanye nokuhlelela umsebenzi owandisiwe ngoApril.
15 imiz: Umbonisi wenkonzo uxoxa ngamalungiselelo emisebenzi ekhethekile yangoApril ehlelelwe ibandla. Bhekisela encwadini yangoFebruary 25, 1992, eyayibhalelwe bonke abadala. Ingabe abamemezeli sebewenzile amalungiselelo abo okugcina okuba amaphayona asizayo ngoApril? Inkulumo ekhethekile izoba ngoApril 5 futhi iSikhumbuzo sibe ngoApril 17. Sifuna ukuhambisa omagazini abaningi ngangokunokwenzeka phakathi noApril, ikakhulukazi ngosuku olukhethekile lukamagazini, ngoApril 11. Yimaphi amalungiselelo enzelwe ibandla? Khuthaza bonke ukuba bawasekele lamalungiselelo futhi bahlanganyele emsebenzini kamagazini ngazo zonke izimpelasonto phakathi noApril. Abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele bakhuthaze futhi basize ummemezeli ngamunye osemaqenjini abo ukuba abe nengxenye enenjongo enkonzweni futhi abike ngokushesha ekupheleni kuka-April.
15 imiz: Umdala uxoxa ngeBhokisi Lemibuzo elikuNkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1990. Kusukela yakhishwa futhi kwaxoxwa ngayo, kuye kwaphawulwa ukuthi abaningi abakagqoki kahle lapho bevakashela ihhovisi legatsha. Lokhu okungenhla kuzosebenza futhi lapho kuvakashelwa amaHhovisi Okuhumusha aseNamibia eWindhoek, njengoba empeleni ebhekwa njengengxenye yegatsha laseNingizimu Afrika. Hlela umboniso lapho ummemezeli echazela isifundo seBhayibheli ngalokhu kwaziswa ngaphambi kokuba kufike isikhathi abasihlelile sokuyovakashela eBethel. (2-3 imiz.)
INgoma 213 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoMarch 30
INgoma 209
8 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza bonke ngomkhankaso wesikhokhelo seNqabayokulinda ngoApril nangoMay. Lapho isikhokhelo singathathwa, kungahanjiswa omagazini ababili kanye nanoma iyiphi eye yezincwajana ezingangomagazini (ngaphandle kwethi Isikole).
12 imiz: “Yenzani Lokhu Ukuba Ningikhumbule.” Inkulumo enikezwa umbonisi owengamele kanye nokuhlanganyela kwezilaleli. Hlanganisa nokwaziswa okusebhokisini.
15 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo enikezwa ngentshiseko esekelwe ekwazisweni okusesihlokweni esithi “Imifanekiso—Isihluthulelo Sokufinyelela Izinhliziyo” esikuNqabayokulinda kaSeptember 15, 1991. Sikisela imifanekiso engafaneleka ensimini yebandla uma isetshenziswa nezintshumayelo zalenyanga.
10 imiz: Okuhlangenwe nakho kokusebenzisa incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo phakathi noMarch. Mema abamemezeli ukuba balandise okuhlangenwe nakho okuhle uma isikhathi sivuma.
INgoma 72 nomthandazo wokuphetha.