Imihlangano Yenkonzo KaDecember
PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso iyohlela iMihlangano YeNkonzo yesonto ngalinye phakathi nezinyanga zomhlangano wesigodi. Amabandla angase enze ushintsho uma kudingekile ukuze abe khona emhlanganweni wesigodi futhi kamuva abe nokubukezwa kwamaphuzu avelele esimiso kwemizuzu engu-30 eMhlanganweni WeNkonzo ngesonto elilandelayo. Ukubukezwa kosuku ngalunye kungase kwabelwe kusengaphambili abazalwane ababili noma abathathu abafanelekayo abayokwazi ukugxila emaphuzwini ayinhloko. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza abazalwane ukuba bakhumbule amaphuzu ayinhloko abangawasebenzisa ngokomuntu siqu nasensimini. Ukukhulumela kwezilaleli nokuhlangenwe nakho okulandiswayo kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
Isonto Eliqala NgoDecember 7
INgoma 218
15 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezifanelekayo ezithathwe kuNkonzo Yethu YoMbuso. Sikisela izindlela zokuvusa isithakazelo komagazini abazohanjiswa enkonzweni yasensimini kulempelasonto. Yazisa ngamalungiselelo enziwe abadala okuba abasha bahlanganyele enkonzweni phakathi nesikhathi seholide lesikole. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abasangena isikole abahlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo phakathi noDecember, uma bekhona. Khuthaza bonke ebandleni ukuba basekele futhi basebenze kanye nalaba abasha. Njengoba kungenzeka abaningi bazobe beseholidini noma besemhlanganweni ngasekupheleni kukaDecember, khuthaza bonke abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo ebhokisini lemibiko ngaphambi kokuya eholidini.
15 imiz: “Khuthaza Abanye Ukuba Babhekisise UJesu.” Inkulumo ekhuthazayo, eveza ukubaluleka kwencwadi ethi Umuntu Omkhulu ekusizeni abantu ukuba bamukele ukukhulekela okuqondile.
15 imiz: Ingabe Asephelele Amalungiselelo Akho Okuba Khona Emhlanganweni WesiGodi? Ingxoxo yentshiseko phakathi komdala nenceku ekhonzayo. (Sebenzisa abazalwane abazoba semhlanganweni owabelwe ibandla.) Xoxa ngezizathu zokuya emihlanganweni. (Dut. 31:12, 13) Bonke kumelwe balalelisise benombono wokunquma indlela abangasebenzisa ngayo lokho kwaziswa kubo siqu nasenkonzweni yasensimini. Kunesidingo sokwenza ukuhlola kokugcina ukuze kubonwe ukuthi bonke banawo amalungiselelo ezinto zokuhamba. Kunezixwayiso ezithile sonke okumelwe sizikhumbule. Akekho okumelwe ahlele ukuzilibazisa kuze kwephuze ebusuku phakathi nomhlangano, njengoba sonke sidinga ukuphumula okwanele. Kufanele sihlele ukufakaza. Kobani? Kubantu esihlangana nabo ezintweni zokuhamba zomphakathi nasemagalaji, emathilomu, emahhotela, njalonjalo. Lungiselelani kusengaphambili ngokuba nezincwadi ezanele zokuhambisela abantu esiyokhuluma nabo uma siseholidini nalapho sisemhlanganweni. (Ungase uhlanganise futhi nezikhumbuzo ezifanelekile ezivela esenezelweni seNkonzo Yethu YoMbuso kaOctober 1992.)
INgoma 205 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoDecember 14
INgoma 20
10 imiz: Izaziso zebandla. Hlanganisa umbiko wezimali nokwazisa ngeminikelo. Tusa ibandla ngokusekela komusa izidingo zebandla kanye neSikhwama Senhlangano SamaHholo OMbuso nomsebenzi weNhlangano womhlaba wonke. Uma isikhathi sivuma, landisa okuhlangenwe nakho okukhethiwe ekusebenziseni incwadi ethi Umuntu Omkhulu ekusizeni abantu ukuba bakhethe ukukhulekela okuqondile. Yazisa ngamalungiselelo akhethekile okufakaza ngoDecember 25.
20 imiz: “Hlanganyela Nabanye Ulwazi Oluqondile NgoJesu Kristu.” Imibuzo nezimpendulo. Bonisa ukusetshenziswa kwencwadi ethi Umuntu Omkhulu njengoba kusikiselwe esigabeni 2.
15 imiz: “Qhubekani Nikhuluma Ngezinto Enizibonileyo Nenizizwileyo.” Inkulumo. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okukhethiwe kwabasha ebandleni abakhonza njengamaphayona asizayo noma abaye bawasebenzisa kahle amaholide esikole ukuze bahlanganyele ngokwengeziwe enkonzweni.
INgoma 71 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoDecember 21
INgoma 53
8 imiz: Izaziso zebandla; hlanganisa nesaziso sokufakaza okukhethekile ngoJanuary 1. Sikisela iphuzu elilodwa noma amabili okukhulunyelwa angase asetshenziswe njengamazwi esingeniso kulempelasonto enkonzweni yasensimini.
15 imiz: “Landelela Isithakazelo Ngokuhlakanipha Phakathi Nenkathi Yeholide.” Ingxoxo ehlanganyelwa nezilaleli. Yenza umboniso ngamaphuzu asezigabeni 3 no-4.
10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo enikezwa ngumdala.
12 imiz: Ukukhulumela Okuvela Kubamemezeli Abasebasha. Yethula lengxenye ngokusho ukuthi bangaki abantu abasangena isikole abakhona ebandleni. Bangaki kubo ababhapathiziwe? Bangaki abakhonza njengabamemezeli abangabhapathiziwe? Ungase futhi ufune ukunikeza izibalo zenkonzo yasensimini ukuze ubonise lokho okufezwa ngabasha. Batuse lapho kufaneleke khona. Khona-ke mema abasha abathile abakulungele ukuba bachaze indlela abaye bakufanelekela ngayo ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe nokuthi kungani bejabulela inkonzo yasensimini futhi befuna ukuhlanganyela ngokugcwele. Iyini imigomo yabo yesikhathi esizayo? Labo okuxoxwa nabo kufanele bazikhulumele ngamazwi abo siqu futhi bangaphindaphindi amazwi abacelwe ukuba bawasho ngekhanda.
INgoma 128 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoDecember 28
INgoma 196
10 imiz: Izaziso zebandla. Izindaba EzingokwaseZulwini. Bonisa indlela yokusebenzisa izincwadi eziyobe zihanjiswa yibandla ngoJanuary.
10 imiz: “Ziqeqeshe Unomgomo Wokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu.” Inkulumo ekhuthazayo ngombonisi weSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Chaza ngokukhanyayo indlela iNkulumo No. 2 okumelwe inikelwe ngayo, futhi khumbuza labo ababelwa inkulumo yamaphuzu avelele eBhayibheli ukuba bangenzi ukukhulumela okude ngengxenye yeBhayibheli eyabelwe iNkulumo No. 2.
13 imiz: “Ungayithola Induduzo Ezikhathini Zokucindezeleka.” (wZU92 7/15 kk. 19-22) Inkulumo ekhuthazayo enikezwa ngumdala.
12 imiz: Izidingo zebandla.
INgoma 103 nomthandazo wokuphetha.