Qhubekani Nikhuluma Ngezinto Enizibonileyo Nenizizwileyo
1 Ngisho nalapho besongelwa ngokushaywa nokuboshwa, abaphostoli batshela abaphikisi babo: “Asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” (IzE. 4:20) Babekwazisa ukuba yigugu kwemisebenzi nezimfundiso zikaJesu.
2 Izindaba ezinhle ngoJesu noMbuso wakhe zibalulekile kubantu namuhla njengoba zazinjalo ngalesosikhathi. Ngakho-ke, kufanele sibambe wonke amathuba ukuze sikhulume ngalokho esikuboné nesikuzwé eZwini likaNkulunkulu. Abantu ngokuvamile baba sesimweni esihle sengqondo sokukhuluma ngezindaba zenkolo phakathi nenkathi yeholide, futhi lokhu kuvula amathuba engeziwe okufakaza.
3 Basha, Khulumani Phakathi Nesikhathi Seholide Lesikole: OFakazi abaningi abasha babamba amathuba engeziwe ukuze bafakaze phakathi nesikhathi samaholide esikole. Labo ababhapathiziwe phakathi kwenu bangase bafune ukubhalisa njengamaphayona asizayo phakathi noDecember. Emabandleni amaningi abadala baye bahlela imihlangano yenkonzo yasensimini eyengeziwe ukuze kuzuze abamemezeli abangena isikole. Asibakhuthazi abasha ukuba basebenze bodwa kodwa kunalokho sibakhuthaza ukuba basebenze kanye nabazali babo noma abanye abamemezeli asebekhulile. Phakathi noDecember kunamathuba amahle kakhulu okuhlanganyela emsebenzini kamagazini njengoba abantu abaningi bayobe bethengela uKhisimusi. Omagazini bethu bayoba nezihloko eziyokwenza abantu bazi ukuthi uJesu njengeNkosi ebusayo uyozixazulula kanjani izinkinga zezwe. (Qhathanisa noLuka 2:14.) Njengoba izingqondo zabantu abaningi ziphendulelwa kuJesu Kristu nasemicabangweni yokuthula kulesikhathi sonyaka, bekungeke yini kube yisikhathi esihle sokuhambisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu kubantu abaningi ngangokunokwenzeka?
4 Uma ukwenqaba kwakho ukuhlanganyela emasikweni angokwenkolo ahlangene noKhisimusi kuba yimpikiswano, ungase uthi:
◼ “Angihlanganyeli emikhosini kaKhisimusi ngoba imikhosi enjalo ayimdumisi uJesu njengowukuphela kwendlela yethu yokusindiswa nokuwukuphela komuntu oyoqeda impi nezinkinga zobuzwe. [Caphuna noma ufunde IzEnzo 4:12.] UJesu akaseyona ingane kodwa uyiNkosi ebusayo. Lencwadi, Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, ixoxa ngazo zonke izimfundiso nezibonakaliso zikaJesu futhi ibonisa indlela ayoqeda ngayo ukuhlupheka kwesintu.” Khona-ke, bonisa umfanekiso osesahlukweni 133, futhi ufunde isigaba sesibili ekhasini elilandelayo. Bonisa amanye amaphuzu onomuzwa wokuthi angase amthakazelise umuntu.
5 Khuluma Nosebenza Nabo: Omunye umzalwane wahambisa izincwadi ezingu-63 ngokubeka nje ikhophi yencwadi ethi Umuntu Omkhulu etafuleni lakhe lokusebenzela. Ukubonakala kwayo okukhangayo kanye nesihloko ngokwaso kuphakamisa imibuzo. Kalula ungase ubuze osebenza naye: “Ubani obungathi ungumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila?” Khona-ke nezela: “Lencwadi ihlanganisa ngokuningiliziwe konke ukuphila kukaJesu, ixoxa ngazo zonke izinkulumo azinikeza, iphendula imibuzo abaningi abayibuzayo ngezimangaliso zakhe, futhi inikeza nokunye ukwaziswa okuthakazelisayo. Iwukubukezwa okugcwele kwalokho iBhayibheli elikufundisayo ngoJesu futhi ibonisa ngaphandle kokungabaza ukuthi uJesu Kristu wayengumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila.” Khona-ke bhekisela emazwini kaNapoléon ngoJesu njengoba ecashunwe esigabeni sesithathu sesingeniso salencwadi.
6 Amathuba afanayo angase avulekele ukufakaza komakhelwane noma ezihlotsheni ezingakholwa. Thandazela ukuba uJehova akunike isibindi namandla okukhuluma ngesikhathi esifanele. (IzE. 4:29, 31) Lokho esiyokusho ngoJesu kuyofudumeza izinhliziyo zabantu abacabangayo abathambekele ekulungeni. Yikuphi okuhlangenwe nakho okungcono esingaba nakho kunokusiza esifunda naye, esisebenza naye, umakhelwane, noma isihlobo ukuba bangene endleleni eya ekuphileni okuphakade?—Joh. 14:6.