Khuthaza Abanye Ukuba Babhekisise UJesu
1 Incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ingevelele kakhulu. Izahluko zayo ezingu-133 zingakhuthaza abafundi ukuba babhekisise uJesu futhi zibashukumisela ukuba balingise isibonelo sakhe. Kuye kwashiwo ngokufanele ukuthi wonke amakhosi ake abusa, uma ehlanganiswa, awazange akuthonye ukuphila komuntu emhlabeni ngokunamandla njengoba kwenza uJesu. Ngempela labo ababhekisisa uJesu bayozuza.
2 UJesu wafundisa abafundi bakhe ngoYise futhi wababonisa izimfanelo zikaNkulunkulu eziyigugu. Izinhliziyo zethu ziyashukunyiswa lapho sicabangela ikhono likaJesu elihle kakhulu njengomfundisi, ukuhola kwakhe ngesibindi, nesihawu sakhe sothando. Lapho sikhumbula ukuhlupheka kwakhe njengoba anikela ngokuphila kwakhe ukuze asihlenge, sishukunyiselwa ekubeni simazise! Incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ingasiza abantu ukuba babheke uJesu ngalendlela.
3 Lungiselela Ngokungashwampuluzi: Yiba okulungele kahle ukuqalisa ingxoxo yeBhayibheli eyokhuthaza abanye ukuba babhekisise uJesu. Amaqembu emikhaya nabanye bangaprakthiza ndawonye. Lwela ukuvusa isithakazelo futhi ukhuthaze abantu ukuba bafunde incwadi ethi Umuntu Omkhulu. Kungase kudingeke ukuba uxoxe nomuntu izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ukuze ufeze lokhu. Lapho umuntu engenayo imali yokuthenga incwadi noma enqaba isipho, ungase umhambisele omagazini bamuva noma umshiyele ipheshana. Uma isithakazelo sokuqala sisincane, singashiya ipheshana noma mhlawumbe incwajana engangomagazini noma umagazini.
4 Izingxoxo zethu endlini ngendlu phakathi noDecember ziyogxila kuJesu futhi ziyokhuthaza abantu ukuba bamazi kangcono. Ngokuqokomisa imiqondo evezwe encwadini ethi Umuntu Omkhulu, singasiza abantu ukuba babone uJesu, hhayi njengomuntu ongokomlando nje kuphela, kodwa njengeNdodana kaNkulunkulu neNkosi ebusayo yoMbuso oyoxazulula zonke izinkinga zesintu.
5 Njengoba kwagcizelelwa kuNkonzo Yethu YoMbuso ngenyanga edlule, sifuna ukusebenzisa izincwadi zethu ngokuhlakanipha. Phakathi noDecember, lapho uJesu esezingqondweni zabaningi, siyoba namathuba amaningi okuhambisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu. Kumelwe futhi sikuphaphamele ukuhambisa lencwadi ekufakazeni ngokwethukela. Cabanga ngezindlela zokufakaza ezivakashini, ezihlotsheni, kosebenza nabo, nakubantu ohlangana nabo lapho uyothenga. Hlela kusengaphambili, ube nezincwadi ezanele ezithi Umuntu Omkhulu ukuze uzihambise emsebenzini wendlu ngendlu nangokufakaza ngokwethukela.
6 Omunye umuntu ongakujabuleli ngaso sonke isikhathi ukufunda wazwakalisa ukwazisa kwakhe ngencwadi ethi Umuntu Omkhulu, ethi iye yenza ukufunda kwaba okujabulisayo ekugcineni. Masisize abanye ukuba bazizwe ngendlela efanayo, sizimisele ukubakhuthaza ukuba babhekisise uJesu ngokufunda ngesithakazelo esiqotho incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.