Ukubonisa Ukwazisa Ngesihlengo
1 Isifiso sokubonisa ukwazisa ngomngane noma isihlobo esifile sivamile kuzo zonke izizinda zokuphila. Lesifiso singaba namandla kakhulu ikakhulukazi lapho othandekayo efe enkambweni yokusindisa ukuphila kwabanye. Bonke abahlanganyela ithemba lokuphila okuphakade banezizathu ezinkulu kakhulu zokubonisa ukwazisa ngesihlengo ngokuba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngo-April 6.—2 Kor. 5:14; 1 Joh. 2:2.
2 Yazisa Uthando LukaJehova: Yeka indlela okufaneleka ngayo ukuba sibonise ukwazisa kwethu okujulile ngoMuphi wethu omkhulu kunabo bonke, uJehova uNkulunkulu, owalungiselela isihlengo! (1 Joh. 4:9, 10) Ukujula kothando lukaJehova kusobala esiphweni esiyingqayizivele asinikeza njengesihlengo sethu, hhayi nje enye yezingelosi ezilungile eziyizigidi, kodwa okuwukuphela kweNdodana yakhe ezelwe yodwa, ethandeka kakhulu. (IzAga 8:22, 30) LeNdodana emazi kangcono kakhulu uJehova, uJesu Kristu, yasikhumbuza: “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.”—Joh. 3:16.
3 Yazisa Uthando LukaJesu Kristu: Ngokufanayo, kufanelekile ukuba sibonise ukwazisa okujulile ngoJesu Kristu, owanikela ngomphefumulo wakhe ukuba ube yisihlengo sabaningi. (Math. 20:28) Uthando lwakhe lubonakala ekuzithobeni kwakhe ngokuzithandela entandweni kaJehova ngaye ngokuphathelene nesihlengo. Cabangela indlela adela ngayo izimo zakhe ezinhle ebuhlotsheni bakhe obuseduze noYise nezigidi zezigidi zezingelosi ezilungile ukuze abe isihlengo sethu. Inselele yokuphila phakathi kwabantu abanesono nokuzithoba kubo noma ulwazi lokuthi ukulungiselela isihlengo kwakubizela ukufa kwakhe akuzange kumkhinyabeze. Kunalokho, ‘wathabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; . . . wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, [ukufa esigxotsheni sokuhlushwa].’—Fil. 2:5-8.
4 Sikubonisa Kanjani Ukwazisa Ngesihlengo?: Ukwazisa kwethu ngesihlengo kumelwe kudlulele ngalé kokubonga nje. Kudingeka sazi ngelungiselelo likaNkulunkulu lensindiso ngoJesu Kristu. (Joh. 17:3) Khona-ke kumelwe sibonise ukholo esihlengweni. (IzE. 3:19) Kamuva, kumelwe sishukunyiselwe ukuba sizinikele kuJehova uNkulunkulu ngokuzinikezela futhi sibhapathizwe. (Math. 16:24) Njengoba siphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu, kufanele sithengisise wonke amathuba ukuze sitshele abanye ngelungiselelo elimangalisayo lesihlengo lokusindiswa.—Roma 10:10.
5 Ukuhlangabezana nalezimfuneko akuyona into engaphezu kwamandla anoma ubani wethu. UMika 6:8 uyasiqinisekisa: “UJehova ufunani kuwe, kungabi-ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?” Ngokufanayo, uDavide wathi kuJehova: “Konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikuniké wena.”—1 IziKr. 29:14.
6 Ukuze sijulise ukwazisa kwethu ngelungiselelo likaJehova elimangalisayo, kungani singafundi futhi sixoxe ngezahluko 112 kuya ku-126 encwadini ethi Umuntu Omkhulu njengomkhaya ngaphambi kosuku lweSikhumbuzo? Ngalendlela, sonke singazilungiselela ngokwengqondo ukuze sibonise ukwazisa ngesihlengo ekugujweni kweSikhumbuzo okuyoqhutshwa ngo-April 6, 1993.