IMihlangano Yenkonzo Ngo-February
Isonto Eliqala Ngo-February 7
INgoma 131
15 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Qokomisa ukuhanjiswa komagazini okusekelwe komagazini bamuva. Bukeza amaphuzu ayinhloko aseBhokisini Lemibuzo.
18 imiz: “Hlakulela Isithakazelo EMbusweni KaNkulunkulu Wokuthula.” Xoxa ngesihloko nezilaleli. Imiboniso emibili. Ngemva kokucabangela isigaba 2, bonisa indlela yokuhambisa ipheshana kumninikhaya omatasa. Ummemezeli makabuze ngenhlonipho umbuzo ozobeka isisekelo sempindelo. Yenza umboniso wentshumayelo esesigabeni 3 lapho umninikhaya ebonisa khona isithakazelo futhi ummemezeli esebenzisa incwadi ethi Ungaphila Phakade. Kufanele futhi kubekwe isisekelo sempindelo.
12 imiz: “Ingabe Uyayihlonipha Indawo Yakho Yokukhulekela?” Inkulumo ebekwa umdala esekelwe esihlokweni esiku-Nqabayokulinda ka-June 15, 1993. Yenza ukwaziswa kusebenze ezimweni zebandla. Uma kunenkinga ekhethekile okufanele kuxoxwe ngayo, ngokuhlakanipha nikeza iseluleko esifanelekile.
INgoma 137 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 14
INgoma 126
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Yisho ukuthi iNhlangano iyawazisa umnikelo othunyelwe, bese utusa ibandla ngokusekela ngokwethembeka izidingo zebandla. Khuthaza ukuhlanganyela emsebenzini wasensimini wangempela-sonto. Chaza namalungiselelo oSuku Lukamagazini olukhethekile ngo-April 9 bese ukhuthaza abamemezeli ukuba baqale manje ukulungiselela ngoku-oda omagazini abengeziwe.
20 imiz: “Bashukumise Ukuba Bathuthuke Ngokwenza Izimpindelo Eziphumelelayo.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Yiba nomboniso wempindelo osekelwe entshumayelweni esesigabeni 3. Qokomisa isidingo sokubonisa ukuhlakanipha ngokungahlanganisi ukwaziswa okuningi kakhulu phakathi nokuhambela, futhi ugcizelele ukubaluleka kokugxilisa isithakazelo sokuhambela kwesikhathi esizayo.
15 imiz: “Niyakuzondwa Yizizwe Zonke.” Inkulumo enikezwa umdala onokuhlangenwe nakho.
INgoma 122 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 21
INgoma 198
5 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini.
15 imiz: “Dumisani Izibulo LikaJehova!” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Kufanele inikezwe ngemfudumalo nangentshiseko umdala, akhuthaze bonke ukuba benze uhlu lwabantu abazobamemela eSikhumbuzweni nasenkulumweni yeningi elandelayo eba khona njalo. Yenza umboniso wamaphuzu ashiwo esigabeni 7. Ummemezeli makaxoxe nomuntu ongena eHholo LoMbuso bese eqalaza. Ummemezeli uthola ukuthi lendoda yakhuthazwa isihlobo sayo esihlala kwelinye idolobha ukuba ibe khona. Ummemezeli ucela ukuba lendoda ihlale naye nomkhaya wakhe ukuze bahlanganyele nayo iBhayibheli neculo. Ummemezeli uphawula ukuthi angaphendula noma imiphi imibuzo lendoda engase ibe nayo ngemva komhlangano. Phetha lengxenye ngokwenza isaziso sokuthi ibandla lizosigubha nini iSikhumbuzo.
10 imiz: IBhayibheli—Umthombo Wethu Ongcono Kakhulu Wesikhuthazo. Incwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 46-9. Inkulumo enikezwa umdala. Abaningi abasebandleni nabangaphandle kwalo bayasidinga isikhuthazo. Bonisa indlela ummemezeli ngamunye ebandleni angalisebenzisa ngayo iZwi likaNkulunkulu ukuze akhuthaze abanye.
15 imiz: “Yeka Indlela Okuzuzisa Ngayo Ukulandisa Ngalokho UJehova Aye Wakwenza!” Ingxoxo ehlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo yezigaba 1-11 zalesihloko esisesenezelweni. Yiba nokukhulumela okubili okulungiselelwe kwabazalwane abanesimiso somuntu siqu noma somkhaya sokufunda lencwadi. Bacele ukuba basho okuthile abaye bakujabulela ukukufunda.
INgoma 208 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 28
INgoma 219
5 imiz: Izaziso zebandla. Chaza isipho sencwadi sango-March.
15 imiz: “Yeka Indlela Okuzuzisa Ngayo Ukulandisa Ngalokho UJehova Aye Wakwenza!” Ukucatshangelwa ngemibuzo nezimpendulo kwezigaba 12-20 zesenezelo. Yiba nokukhulumela okulungiselelwe kahle kwabamemezeli ababili abaye bazuza ngokufunda lencwadi.
15 imiz: “Sisekele Ngokugcwele Isimiso Sebandla Lenu Somhlangano Weningi.” Inkulumo, kodwa ingahlanganisa nombuzo owodwa noma emibili eqondiswe ezilalelini. Chaza indlela abantu abathakazelayo abaqalayo ukuba khona eMhlanganweni Weningi abangenziwa ngayo bazizwe bemukelekile. Yiba nokukhulumela okukodwa okulungiselelwe okuvela kummemezeli okubonisa indlela aye wazuza ngayo ngokuba khona njalo eMhlanganweni Weningi.
10 imiz: “Qaphelani Umusa Ongafanele.” Inkulumo.
INgoma 197 nomthandazo wokuphetha.