IBhokisi Lemibuzo
◼ Iyiphi inqubo okufanele ilandelwe lapho kwethulwa izwi lesinqumo ebandleni?
Izwi lesinqumo lidingeka lapho kufanele kwenziwe isinqumo ngokuphathelene nezindaba ezibalulekile ezifana nokuthenga isiza, ukuvuselela noma ukwakha iHholo LoMbuso, ukuthumela iminikelo ekhethekile eNhlanganweni, noma ukunakekela izindleko zombonisi wesifunda. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukwethula izwi lesinqumo ukuze kutholwe imvume isikhathi ngasinye lapho kusetshenziswa izimali zebandla.
Kungase kwenziwe okuhlukile, ibandla lingase linqume ukuba inyanga ngayinye linikele kanye eNhlanganweni imali ethile ngaphandle kwalokho umuntu ngamunye akunikelayo kakade emsebenzini wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke. Futhi, izindleko ezivamile zokusebenza kweHholo LoMbuso, ezifana nezinkonzo zokulisebenzisa kanye nezinto zokulihlanza, azidingi ukuba kwenziwe izwi lesinqumo.
Lapho kuba nesidingo, indikimba yabadala kufanele ixoxe ngalendaba ngokunakekela. Uma iningi livuma ukuthi kudingeka kwenziwe okuthile, omunye wabadala, mhlawumbe ilungu leKomiti Yenkonzo Yebandla, kufanele alungiselele izwi lesinqumo elibhalwe phansi ukuze lethulwe eMhlanganweni Wenkonzo.
Umdala owusihlalo kufanele achaze kafushane kodwa ngokucacile isidingo esikhona nalokho indikimba yabadala etusa ukuba kwenziwe ukuze sinakekelwe. Khona-ke ibandla libe selinikezwa ithuba lokubuza imibuzo efanelekayo. Uma indaba iyinkimbinkimbi, kungase kube ngcono kakhulu ukuhlehlisa ukuvota kuze kube seMhlanganweni Wenkonzo olandelayo ukuze kunikezwe wonke umuntu ithuba lokucabanga ngakho. Ukuvota kwenziwa ngokuphakamisa izandla.
Ukuvotela izwi lesinqumo kwenziwa amalungu ebandla azinikezele futhi abhapathizwa kuphela ngaphandle kwalapho imfuneko engokomthetho ifuna kwenziwe ngendlela ehlukile, njengoba kungase kube njalo lapho kuhileleke izindaba zenhlangano esemthethweni noma izimali ezibolekiswayo zokwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Ngeke kufaneleke ngezivakashi ezivela kwamanye amabandla ukuba zihlanganyele.
Ngemva kokuba izwi lesinqumo selivunyiwe, kufanele kubhalwe usuku, lisayinwe, bese lifakwa efayilini yebandla.