“Niyakuzondwa Yizizwe Zonke”
1 Eminyakeni yamuva sonke siye sakujabulela ukuzwa imibiko evusa amadlingozi ephathelene nezibusiso ezimangalisayo ezitholwa abantu bakaJehova emhlabeni wonke. Ukwamukelwa ngokusemthethweni komsebenzi eMalawi ngemva kweminyaka engu-26 yokucindezelwa ngonya kwasenza safikelwa izinyembezi zenjabulo. Kwathi gidí lapho sibona ukuwa kobuKhomanisi obonakele eMpumalanga Yurophu okwaphumela ekukhululekeni kwezinkulungwane ezingokoqobo zabazalwane bethu ejokeni labo elicindezelayo. Salindela ngokukhathazeka lapho inkululeko yethu yokukhulekela ibekelwa inselele eGreece; sajabula kakhulu lapho sinqoba ngokumangalisayo enkantolo ephakeme eYurophu. Kuye kwasijabulisa ukuzwa imibiko ephathelene nokwandiswa okukhulu kwamagatsha eNhlangano okuye kwenza kwaba nokwenzeka ukukhiqiza izincwadi eziningi zabafuni beqiniso. Savele nje sabamba ongezansi lapho sizwa ukuthi abantu abangaphezu kwe-7 400 babhapathizwa emhlanganweni, eKiev, e-Ukrain. Yebo, lentuthuko ephawulekayo emsebenzini woMbuso iye yandisa injabulo yethu!
2 Nakuba isizathu sethu sokujabula sisikhulu, kufanele siqaphele ukuba singajabuli ngokweqile. Uchungechunge lwemibiko ejabulisayo lungasibangela ukuba siphethe ngokuthi ukuphikiswa kwezindaba ezinhle kuyadamba nokuthi abantu bakaJehova sebeyamukeleka emhlabeni wonke. Ukucabanga okunjalo kungaba okukhohlisayo. Nakuba siye sazuza ukunqoba okwanelisayo futhi safinyelela isilinganiso esithile sempumelelo ekunciphiseni izithiyo zezindaba ezinhle emazweni athile, akufanele sikhohlwe ukuthi ubuhlobo bethu obuyisisekelo nezwe abushintshile. Njengabalandeli bakaJesu, ‘asisibo abezwe.’ Njengoba sinjalo, siyaqiniseka ukuthi ‘siyakuzondwa yizizwe zonke.’ (Joh. 15:19; Math. 24:9) Uma nje lesimiso sezinto sisekhona, akukho lutho oluguqula umthetho oyisisekelo wokuthi “bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.”—2 Thim. 3:12.
3 Umlando uyakufakazela ukuba yiqiniso kwalesixwayiso. Nakuba uJesu, uMsunguli wobuKristu, anikeza ubufakazi obumangalisayo phambi kwababusi abanamandla kanye nezinceku zabo, wayephathwa kabi nsuku zonke futhi wayehlala esengozini yokubulawa. Nakuba abaphostoli bakhe basiza abantu abaningi ukuba babe abafundi, bahlanganyela ekulotshweni kwemiBhalo yamaKristu YesiGreki, futhi babonakalisa izipho ezimangalisayo zomoya, nabo babezondwa futhi bephathwa kabi. Naphezu kokuziphatha kwawo okuhle kanye nokuba nothando ngomakhelwane, wonke amaKristu ayebhekwa iningi ‘njengehlelo’ elinyanyekayo ‘elaliphikiswa ezindaweni zonke.’ (IzE. 28:22) Nakuba ibandla lobuKristu elisemhlabeni wonke namuhla liye lasetshenziswa uJehova ngendlela emangalisayo ukuze lifeze intando yakhe, liye laphikiswa ngokuqhubekayo yizo zonke izingxenye zalesimiso sezinto. Asikho isizathu sokulindela ukuba lokho kuphikiswa kuphele.
4 Ekhulwini lokuqala, uSathane washushisa abafundi bakaJesu ngezindlela ezihlukahlukene. Abaphikisi abanenzondo bakhuluma amanga aluhlaza ababheca kabi. (IzE. 14:2) Kwakunezinsongo ezivuthayo kwenziwa umzamo wokubesabisa. (IzE. 4:17, 18) Izixuku ezithukuthele zazama ukubathulisa. (IzE. 19:29-34) Bavalelwa ematilongweni ngaphandle kwesizathu esizwakalayo. (IzE. 12:4, 5) Ngokuvamile abashushisi babephendukela ekusebenziseni ubudlova obungokoqobo. (IzE. 14:19) Kwezinye izimo abantu abangenacala babebulawa ngamabomu. (IzE. 7:54-60) Umphostoli uPawulu ngokwakhe wakhuthazelela cishe zonke lezinhlobo zokuphathwa kabi. (2 Kor. 11:23-27) Abaphikisi babeshesha ukulisebenzisa kabi noma iliphi ithuba ukuze baphazamise umsebenzi wokushumayela futhi bahluphe lezisebenzi ezithembekile.
5 Namuhla uSathane usebenzisa amacebo afanayo. Kuye kwaqanjwa amanga aluhlaza, asimelela ngokungeyikho njengehlelo noma inkolo. Kwamanye amazwe, iziphathimandla ziye zathi izincwadi zethu ziyaphazamisa futhi zazivala. Ukuhlonipha kwethu ubungcwele begazi kuye kwahlekwa usulu umphakathi futhi kwabekelwa inselele. Ngawo-1940, izixuku ezithukuthele ezazicasulwe indaba yokukhulekela ifulege zahlasela abafowethu, zabalimaza, futhi zacekela phansi impahla yabo. Izinkulungwane ziye zafakwa emajele ngenxa yempikiswano yokungathathi-hlangothi. Emazweni omashiqela abafowethu baye bamangalelwa ngamanga okuthi bafuna ukugumbuqela umbuso, kwaphumela ekubeni amakhulu abo aphathwe ngonya futhi abulawe emajele nasezinkanjini zokuhlushwa. Ukucindezela akuzange kudambe, okubonisa ngokucacile ukuthi siyizisulu zenzondo ngaphandle kwezizathu ezizwakalayo.—Bheka ethi Abamemezeli, isahluko 29.
6 Isikhathi Esizayo Sisiphatheleni? Nakuba abantu bakaJehova bengase baphumelele ngezikhathi ezithile ukuba badambise ukucindezeleka ezingxenyeni ezithile zezwe, isimo sisonke sisalokhu sifana. UDeveli usaqhubeka ethukuthelele ukwehliselwa kwakhe phansi ngo-1914. Uyazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane. Ngokuqinisekile intukuthelo yakhe izoshuba njengoba usizi olukhulu lusondela. Ubhukule ngempela empini yakhe yokulwa neNkosi esesihlalweni sobukhosi, uKristu Jesu, futhi uzimisele ukulwa kuze kube sekugcineni. Kukubantu bakaJehova kuphela lapha emhlabeni, ngokwethembeka “abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu” lapho yena namademoni akhe bengayibonakalisa khona intukuthelo yabo.—IsAm. 12:12, 17.
7 Ngakho njengoba sibheke esikhathini esizayo, sidinga ukuba nombono ongokoqobo ngalokho okufanele sikulindele. Asikho isizathu sokucabanga ukuthi uDeveli uzodambisa ukuhlasela kwakhe noma ayeke. Inzondo anayo ngathi aye wayifaka kulelizwe ingaqhuma noma nini kunoma iyiphi indawo. Emazweni amaningi inkululeko yethu yokushumayela iye yatholwa ngemva komshikashika wesikhathi eside. Leyonkululeko ingase ibe yingcuphe, ilondolozwe umbusi nje othile onozwela noma umthetho ongathandwa. Izinxushunxushu ezinkulu zingenzeka ngokungazelele, zilethe izinhlekelele kanye nokuxhashazwa kwamalungelo abantu okungadingekile.
8 Ukuchuma nenkululeko okukhona esikujabulelayo emazweni athile kungaphela ngokuphazima kweso, kwenze abazalwane bethu babhekane nokuphathwa okufanayo abaye babhekana nakho ngesikhathi esidlule. Singalokothi sizivumele ukuba sozele sibe nomoya wokunganaki noma wokungakhathali, sicabange ukuthi izitha zethu ziye zanqotshwa. Inzondo yalelizwe ingase ingabonakali ngokugcwele ngaso sonke isikhathi, kodwa isalokhu ishubile. Yonke into eseZwini likaNkulunkulu ibonisa ukuthi ukuphikisa kwezwe kuzoshuba kunokuba kudambe njengoba isiphelo sisondela. Ngakho kufanele sihlale siqaphile, ‘sihlakaniphe njengezinyoka, sibe-mnene njengamajuba.’ (Math. 10:16) Kufanele siqaphele ukuthi ‘sizokulwa kanzima’ kuze kube sekupheleni, futhi ukukhuthazela kuyisihluthulelo sokusinda kwethu.—Juda 3; Math. 24:13.
9 Engxenyeni yezwe esiphila kulo, kungenzeka ukuthi umsebenzi uyachuma ngaphandle kokuphazanyiswa abaphikisi okusobala. Lokhu kungasenza singabaze ukuthi kukhona yini okudingeka sikhathazeke ngakho kangako. Nakuba kunjalo, sikhona isidingo sokuqapha. Izimo zingashintsha ngokushesha. Ngaphandle kwesixwayiso, abaphikisi bangasebenzisa ngokungafanele impikiswano ethile futhi bayisebenzise ekumelaneni nathi. Izihlubuki zihlala zifuna isizathu sokusisola. Abefundisi abathukuthele abazizwa besongelwa umsebenzi wethu bangase bakhulume kabi emphakathini. Ukuhlongoza kwethu ukwakha iHholo LoMbuso emphakathini wakithi kungathungela impikiswano ethukuthelisa bonke abantu bendawo. Kungase kunyatheliswe izinkulumo ezenza abantu bavuke indlobane, zisibeke esimweni esibi. Abantu bendawo abavelele bangase ngamabomu bakhulume kabi ngathi, benze omakhelwane bethu babe nenzondo lapho sibahambele. Ngisho nabathandekayo emakhaya ethu bangase basicasukele futhi basishushise. Ngakho kunesidingo sokuqapha, siqaphele ukuthi inzondo yezwe isekhona ngempela, futhi ingaziveza noma nini.
10 Kufanele Kusithinte Kanjani Lokhu? Ngokufanelekile konke lokhu kuthinta ukucabanga kwethu kanye nombono wethu ngesikhathi esizayo. Ngayiphi indlela? Ingabe lokhu kufanele kusenze sikhathazeke, sibe novalo ngalokho okungase kudingeke sikukhuthazelele? Ingabe kufanele sinciphise umfutho emsebenzini wethu wokushumayela ngenxa yokuthi kungenzeka ukuthi abanye emphakathini wakithi abakuthandi? Ingabe sikhona isizathu esiphathekayo sokuzizwa sithukuthele lapho sibhecwa ngokungafanele? Ingabe kuyinto engenakugwenywa ukuthi ukuphathwa ngendluzula kuyosephuca injabulo yethu ekukhonzeni uJehova? Ingabe kunokungaqiniseki okuthile ngokuphathelene nomphumela? Cha, lutho neze! Kungani kunjalo?
11 Akufanele neze sikhohlwe iqiniso lokuthi isigijimi esisimemezelayo akusona esethu, kodwa esikaJehova. (Jer. 1:9) Singaphansi kwesibopho sokulalela lomyalo: “Nibize igama lakhe, nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe, . . . emhlabeni wonke.” (Isaya 12:4, 5) Uye wabekezelela ukuphathwa kabi kwabantu bakhe ngenxa yenjongo ethile ekhethekile, okungukuthi, ukuba ‘igama lakhe lishunyayelwe emhlabeni wonke.’ (Eks. 9:16) Senza umsebenzi oyalwe uJehova, futhi uyena osinikeza isibindi sokukhuluma ngesibindi. (IzE. 4:29-31) Lona umsebenzi obaluleke kakhulu, ozuzisayo, nophuthumayo ongenziwa kulezinsuku zokugcina zesimiso esidala.
12 Lolulwazi lusinikeza isibindi sokuma siqinile silwe ngokuqondile noSathane nalelizwe. (1 Pet. 5:8, 9) Ukwazi ukuthi uJehova unathi kusenza ‘siqine sime isibindi,’ kuqede noma iyiphi imbangela yokwesaba lapho sibhekene nabashushisi bethu. (Dut. 31:6; Heb. 13:6) Nakuba njalo siyozama ukuba namasu okungacunuli, silinganisele, sihlakaniphe lapho sisongelwa abaphikisi, siyokwenza kucace ukuthi sizimisele “ukulalela uNkulunkulu kunabantu” lapho ukukhulekela kwethu kubekelwa inselele. (IzE. 5:29) Lapho kunethuba elifanelekayo lokuzivikela, siyokwenza lokho. (1 Pet. 3:15) Nokho, ngeke sichithe isikhathi sethu siphikisana nabaphikisi abangontamolukhuni abanesithakazelo nje ekusihlambalazeni. Kunokuba sithukuthele noma sizame ukuphindisela lapho besibheca noma besimangalela ngamanga, simane nje ‘sibayeke.’—Math. 15:14.
13 Ukukhuthazelela kwethu uvivinyo kuyamjabulisa uJehova. (1 Pet. 2:19) Yiliphi inani okufanele silikhokhe ukuze sizuze lokho kuvunyelwa? Ingabe kufanele sisale sesikhonza nje singenanjabulo ngenxa yokuthi siyazondwa futhi siyaphikiswa? Lutho neze! UJehova uthembisa ukuthi ukulalela kwethu uzokuvuza “ngenjabulo . . . nokuthula.” (Roma 15:13) Lapho ebhekene nokuhlupheka okunzima, uJesu wahlala ejabulile ngenxa ‘yentokozo ayeyibekelwe.’ (Heb. 12:2) Kungokufanayo nangathi. Ngenxa yokuthi umvuzo wokukhuthazela kwethu mkhulu kakhulu, sishukunyiselwa ukuba ‘sijabule sithokoze’ nakuba sihlushwa uvivinyo olubuhlungu. (Math. 5:11, 12) Ngisho nangezikhathi ezinzima, lenjabulo ngokwayo iyisizathu sokudumisa nokubonga uJehova sisekela isigijimi soMbuso.
14 Ingabe kunokungaqiniseki okuthile ngokuphathelene nomphumela wokugcina, okusinikeza isizathu sokuba netwetwe noma ukungaqiniseki? Cha, umphumela wempi ephakathi kwenhlangano kaJehova nezwe likaSathane wanqunywa kudala. (1 Joh. 2: 15-17) Kungakhathaliseki ukuthi ukuphikiswa kushube kangakanani noma kukhulu kangakanani, uJehova uyosinikeza ukunqoba. (Isaya 54:17; Roma 8:31, 37) Ngisho nakuba sivivinywa ngokugcwele, akukho lutho olungasivimbela ukuba samukele umvuzo. Asikho isizathu ‘sokukhathazeka ngalutho,’ ngenxa yokuthi uJehova uye wasinikeza ukuthula esabela ekunxuseni kwethu.—Fil. 4:6, 7.
15 Ngakho simbonga njalo uJehova lapho sizwa imibiko yabazalwane bethu abaye baphephiswa ekushushisweni noma banikezwa inkululeko yokushumayela ezindaweni abebevinjelwe kuzo esikhathini esidlule. Siyajabula lapho izimo ezishintshayo zivula amathuba amasha okuba izinkulungwane zabantu abaqotho zizwe isigijimi soMbuso. Sibonga ngempela lapho uJehova ekhetha ukusinikeza ukunqoba lapho sibhekene nabaphikisi abanenzondo. Siyazi ukuthi uyowubusisa futhi awenze uchume umsebenzi wethu nganoma iyiphi indlela okudingeke ngayo ukuze aphakamise indlu yakhe yokukhulekela kweqiniso futhi anikeze “okunxanelekayo” okuvela kuzo zonke izizwe ithuba lokungena.—Hag. 2:7; Isaya 2:2-4.
16 Ngesikhathi esifanayo, sikuqaphela ngokugcwele ukuthi isitha sethu, uSathane, sinamandla kakhulu futhi sizomelana nathi ngamandla kuze kube sesiphelweni. Ukuhlasela kwakhe kungase kube sobala futhi kube kubi kakhulu, noma kube nobuqili futhi kukhohlise. Ukushushiswa kungaqubuka ngokungazelele ezindaweni obekunokuthula kuzo esikhathini esidlule. Abaphikisi abonakele bangase bavuke inj’ ebomvu futhi benze imizamo enamandla yokusicindezela ngokungafanele. Ngesikhathi esifanele kuyoba sobala kubo bonke abanjalo ukuthi ‘balwa noNkulunkulu,’ futhi uyobacoboshisa. (IzE. 5: 38, 39; 2 Thes. 1:6-9) Okwamanje, kungakhathaliseki ukuthi yini okufanele siyikhuthazelele, sizimisele ukuhlala siqinile ngokwethembeka sikhonza uJehova futhi sishumayela isigijimi soMbuso. Singabantu abajabule kunabo bonke emhlabeni, sazi ukuthi ‘sesivivinyekile siyakwamukeliswa umqhele wokuphila.’—Jak. 1:12.