Yeka Indlela Okuzuzisa Ngayo Ukulandisa Ngalokho UJehova Aye Wakwenza!
1 Umlobi ophefumlelwe weHubo 48 wakhuthaza labo ababekwa-Israyeli ukuba ‘bazungeze iSiyoni, balikake, babale imibhoshongo yalo ukuze balandise isizukulwane esizayo.’ Beshukunyiswa uthando ngoJehova, babeyoba nesithakazelo esiqotho kuyo yonke imininingwane yalesosikhungo sasemhlabeni sokubusa okungokwasezulwini. Yeka ukuthi lemininingwane yayiyoba yigugu kangakanani ngoba yilomuzi uJehova ayebeke kuwo igama lakhe! Babeyokhuluma ngalo, futhi ikakhulukazi kwakufanele baqiniseke ukuthi abantwana babo bayezwa ngazo zonke izinto ezaziyigugu ezinhliziyweni zabo.—IHu. 48:12, 13.
2 Manje siphila esikhathini lapho ukubusa okungokwasezulwini kukaMesiya kaJehova kungasekho eSiyoni lasemhlabeni kodwa sekuseJerusalema lasezulwini. (Heb. 12:22) UMbuso kaJehova ezandleni zikaJesu Kristu ubulokhu ubusa kusukela ngo-1914. (IsAm. 12:10) Umsebenzi wawo usithakazelisa kakhulu. Sinesithakazelo esiqotho futhi endleleni uJehova aye wahola ngayo izinceku zakhe zasemhlabeni ukuze zifeze intando yakhe njengabameleli ababonakalayo balowoMbuso. Imininingwane ethakazelisayo ngokuphathelene nawo ichazwe encwadini yethu entsha ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Yeka indlela esajabula ngayo lapho siyithola eMhlanganweni wethu Wesigodi wamuva “Wokufundisa Kwaphezulu!”
3 Ngo-September 1, lencwadi yabe isikhishwe ngezilimi ezingu-20 kakade, futhi ukuhunyushwa kwayo kanye nokunyatheliswa kwayo kwakuqhubeka ukuze kwaneliswe izidingo zalabo abakhuluma ezinye izilimi ezingu-13. Ingabe umkhaya wakho uye wayithola? Ingabe niyayifunda? Ingabe niyakhuluma ngezinto enizifunda kuyo?
4 Ngemva kokubheka imifanekiso nokufunda amazwi achaza imifanekiso, njengoba kuye kwasikiselwa emhlanganweni, abazalwane nodade abaningi ngokushesha bafunda indaba ngokwayo. Bathini ngayo? Naku okumbalwa kwakho.
5 Udade othile wabhala: “Iwukuphela kwencwadi engike ngayithola engimagange ukuyiqeda ukuze ngiphinde ngiyifunde. Manje sengifunda isahluko 25. Lapho ngiyifunda, kuba yilapho izinyembezi ziphuma ngokwengeziwe emehlweni ami futhi inhliziyo yami igcwala uthando ngoJehova ngokwengeziwe. Lencwadi iyakhuthaza kakhulu futhi iqinisa ukholo.”
6 Umzalwane obelokhu ekhonza uJehova iminyaka engu-40 wathi: “Angizange ngiqaphele ukuthi lencwadi ingaheha kangakanani. Ngangiphuza kakhulu ukulala ngisheshe ngivuke futhi ngaqeda ukuyifunda ngamasonto amabili. Ngempela iyincwadi eshukumisa kunazo zonke engike ngazifunda. Iwumsebenzi wokucwaninga kobungcweti kodwa futhi iyingcweti ekunikezeni isikhuthazo.”
7 Isimiso Sokufunda Sasikhathi Sonke: Abanye abayifunda ngokushesha yonke lencwadi baye bazimisela ukuyiphinda kodwa kulokhu bengasheshi kakhulu.
8 Uma kunamalungu angaphezu kwelilodwa emkhayeni wakho aseqinisweni, ungase usebenzise izingxenye zalencwadi esifundweni somkhaya. Eminye imikhaya yaqala ukukwenza lokho ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokuyithola emhlanganweni. Lokhu akusho ukuthi ezinye izinto, ezinjengokulungiselela iSifundo se-Nqabayokulinda, kufanele zidebeselelwe. Kodwa ungase ukuthole kuyinzuzo kakhulu ukusebenzisa eminye imizuzu engu-15 noma engu-20 nifunda futhi nixoxa ngokwaziswa okukulencwadi ethi Abamemezeli.
9 Eminye imikhaya ifunda amakhasi amabili noma amathathu—mhlawumbe isihlokwana esisodwa noma ezimbili—ubusuku ngabunye ngaphambi kokusuka etafuleni ngemva kokudla kwakusihlwa. Abanye kungenzeka sebeyifundile kakade yonke incwadi, kodwa bayazuza ekuyifundeni ngokungajahi nasethubeni lokuxoxa ngokwaziswa. Abanye abakwenzayo lokhu bebelokhu bekhonza uJehova iminyaka eminingi. Njengoba befunda, kubuya izinkumbulo eziningi ezijabulisayo. Kubafudumeza izinhliziyo ukuxoxa ngengxenye ababa nayo ezenzakalweni abafunda ngazo.
10 Ngenxa yezimo ekhaya lakho, ungase uthole ukuthi uyifunda wedwa. Omunye udade owabhalela iNhlangano wathi: “Bengilokhu ngiyifunda kancane kancane lencwadi ubusuku ngabunye ngaphambi kokuba ngiyolala. Lencwadi yakha kimi ukwazisa okujule ngokwengeziwe nothando ngeqiniso, futhi ngizizwa ngisondelene ngokwengeziwe noJehova futhi ngibonga kakhulu ngokuthi ngiyingxenye yenhlangano yakhe. Ngilijabulela ngempela ikhasi ngalinye engilifundayo.”
11 Nakuba lencwadi inkulu, izingxenye zayo ngazinye azizinkulu. Ingxenye yokuqala iwukuhlanganiswa kwezenzakalo okufushane kodwa okuthakazelisayo kusukela ezinsukwini zika-Abela kuze kube sonyakeni ka-1992—emakhasini nje angu-108. Ezinye izingxenye zisukela emakhasini angu-13 kuya kwangu-150. Ngayinye yalezingxenye ihlukaniswe yaba izahluko ezimbalwa. Esikhundleni sokuyifunda ngokubhuduzela, funda ingxenye eyodwa, isahluko esisodwa, noma isihlokwana esisodwa ngesikhathi; usijabulele; futhi uzuze kuso.
12 Yiba Nesikhathi Sokucabanga Ngalokho Okufundayo: Yini ezoba umgomo wakho njengoba uyifunda? Ukuhlanganisa nje amakhasi—uqede incwadi—akufanele kube umgomo wakho. Incwadi ethi Abamemezeli inombhalo wefa lakho elingokomoya. Kufanele uyazi kahle. Yiba nesikhathi sokucabanga ngalokho okushiwo yilokho okufundayo. Lapho ubukeza umsebenzi wofakazi bakaJehova bamandulo, cabangela indlela ongalingisa ngayo ukholo lwabo. (Heb. 12:1, 2) Lapho ufunda ngokuqubuka kokuhlubuka okukhulu, phawula izingibe ezabamba labo abaphambuka, ukuze uzivikele wena ngokwakho ngokomoya. Futhi lapho ubukeza umlando wosuku lwethu lwanamuhla, qaphela izimfanelo ezingokomoya zalabo abasetshenziswa uNkulunkulu, indlela ababonisa ngayo ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kwakuyinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwabo, nendlela abasabela ngayo ezimweni ezithile—ezinye zazo ezazinzima kakhulu—uNkulunkulu azivumela.—Heb. 13:7.
13 Uyokuthola kuqinisa ukholo ukuhlola imininingwane ebonisa indlela uJehova aye waholela ngayo abantu bakhe ekuqondeni okucacile iqiniso leBhayibheli esilijabulelayo manje. Ukwazisa kwakho ilungiselelo elibonakalayo uJehova alisebenzisayo kuyokhula njengoba ujwayelana kangcono nokuthuthuka kwenhlangano. Ngokuqinisekile uyoba nomuzwa wenjabulo lapho ufunda indlela izindaba ezinhle eziye zafinyelela ngayo ezingxenyeni ezikude zomhlaba, kugcwaliseka isiprofetho. Okuhlangenwe nakho kwabantu abathembekile bakuzo zonke izingxenye zomhlaba abaye basebenza ngentshiseko ukuze bamemezele uMbuso kuyofudumeza inhliziyo yakho. Uyoqiniselwa ukuba ubhekane novivinyo lomuntu siqu lapho ufunda lokho abazalwane nodade abathembekile asebeye bakukhuthazelela kakade ngenxa yothando lwabo ngoJehova.
14 Ngemva kokuba senifunde ingxenye ethile yokwaziswa, yibani nesikhathi sokuxoxa ndawonye ngokuba yinzuzo kwayo kanye nokubukeza imininingwane yayo. Uma ninezingane ezincane, zenzeni zihileleke ekuchazeni imifanekiso nasekuchazeni lokho ezikwaziyo ngabantu abakuyo. Ngisho noma uyifunda wedwa, yenza umzamo wokuhlanganyela nabanye lokho okufundayo. Uma kufaneleka, sebenzisa ukwaziswa okukuyo ezimpindelweni nalapho uqhuba izifundo zeBhayibheli. Ukuyiphinda kuyoyigxilisa engqondweni yakho nasenhliziyweni, futhi kuyozuzisa nabanye.
15 Yiba Nesithakazelo Emininingwaneni: Isikhathi osisebenzisela ukufunda incwadi ethi Abamemezeli kufanele sijabulise futhi sizuzise.
16 Ingabe ungathanda ukuba umkhaya wakho uvakashele indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova? Amakhasi 208-9 abonisa izakhiwo ezazisetshenziswa iNhlangano ekhulwini leminyaka eledlule endaweni yasePittsburgh. Amakhasi 216-17 akujwayelanisa nezakhiwo ezasetshenziswa kamuva eBrooklyn. Imifanekiso esemakhasini 352-6 ingakusiza ukuba ube nombono wendlunkulu yomhlaba wonke namuhla. Izahluko 26 no-27 ziningiliza ngomsebenzi owenziwa eBethel, kanti amakhasi 295-8 anikeza ukwaziswa okwengeziwe ngokuphila kwaseBethel.
17 Abaningi bethu abakwazi ukuvakashela amagatsha amaningi eNhlangano. Amakhasi 357-401 encwadi ethi Abamemezeli akuthathisa uhambo lokubuka indawo emhlabeni wonke. Asikho isidingo sokudlula kuwo ngokushesha. Chitha isikhathi esithile ezweni ngalinye futhi ulijabulele. Sebenzisa ibalazwe lomhlaba elisemakhasini 415-17 ukuze uthole indawo ngayinye. Funda ukwaziswa okuhambisana nomfanekiso ngamunye wegatsha. Ngokusebenzisa uhlu lwezihloko ungathola nokunye ukwaziswa okuthakazelisayo okuphathelene nezwe ngalinye. Sebenzisa lelithuba ukuba wazi amalungu omkhaya wakho ongokomoya akwamanye amazwe.
18 Lapho abantu behlangana ndawonye ukuze bajabulele ubudlelwane, ngezinye izikhathi badlala imidlalo ehilela ulwazi lwezwe. Bekungeke yini kube okuzuzisa ngokwengeziwe ukwazi izinsuku kanye nezenzakalo eziphawulekayo emlandweni wosuku lwanamuhla wabantu bakaJehova? Uyothola amaphuzu amaningi anjalo ahlelwe emakhasini 718-23 encwadini ethi Abamemezeli. Lolohlu lunikeza uhlaka nje oluyisisekelo; unganezela kulo imininingwane etholakala kuyo yonke lencwadi. Sebenzisa lokhu njengesisekelo sokubukeza. Abasebancane emkhayeni cishe bayokubamba kalula ngekhanda. Abanye bethu thina esesibadala kungenzeka singasheshi ukukubamba. Kodwa lena imininingwane yomlando ongokwasezulwini esingazuza kuyo sonke ngokuyazi. Ngemva kokuba usufunde izinsuku namaqiniso ayisisekelo, yakhela kulesosisekelo. Thola ukuthi mingaki imininingwane ongayikhumbula ngokuphathelene nesenzakalo ngasinye. Ngemva kwalokho khuluma ngengxenye isenzakalo ngasinye esibe nayo ekufezekeni kwentando kaNkulunkulu. Ngokulandelayo, xoxa ngendlela okuye kwakuthinta ngayo ukuphila kwakho siqu nendlela wena ongena ngayo kulokho uJehova akwenzayo.
19 Bona Amathuba Akuvulekele: Njengoba nifunda futhi nixoxa ngencwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, niyothola kwembuleka ukugcwaliseka kuka-Isaya 60:22. Ekhasini 519 lencwadi ithi: “Isithembiso sokuthi ‘omncane wayeyoba inkulungwane’ siye sagcwaliseka ngempela, futhi sagcwaliseka kakhulu! Ezweni ngalinye kwangaphezu kwangu-50 kwakungekho ngisho ‘nomncane’ kuwo—lapho kwakungekho ngisho noyedwa woFakazi BakaJehova emuva ngo-1919, lapho babengazange bashumayele khona—namuhla kunabadumisi bakaJehova abangaphezu kwenkulungwane. Kwamanye alamazwe, manje kunoFakazi BakaJehova abangamashumi ezinkulungwane, yebo, ngisho nabangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu, abangabamemezeli abashisekayo boMbuso kaNkulunkulu! Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova baye baba “isizwe esinamandla”—njengebandla elinobunye elisembulungeni yonke baningi ngenani ukwedlula inani labantu lanoma yiliphi emazweni azibusayo okungenani angu-80 emhlabeni wonke.”
20 Lowomsebenzi wokwanda koMbuso awukapheli neze. Ngokuphambene nalokho, uJehova uye wawusheshisa ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili. Uzohlanganyela kuwo ngezinga elingakanani? Ingabe uyawaqaphela ngempela wonke amathuba akuvulekele? Njengoba ufunda ngalokho abanye abakwenzayo, kwangathi inhliziyo yakho ingakushukumisela ukuba uzenze utholakale ukuze uhlanganyele ngokugcwele emsebenzini omkhulu uNkulunkulu wethu onothando awuqondisa ngoJesu Kristu ukuba wenziwe osukwini lwethu.