Bonisa Ukuthi Uyabakhathalela Ngokuphindela Kubo
1 Ukufuna abantu abanesithakazelo endlini ngendlu kubonisa isifiso onaso sokunikeza abanye ithuba lokuzwa isigijimi soMbuso. Ngakho qikelela ukuba ulandelele izincwadi ozihambisile phakathi nenyanga ka-January, ngoba lena indlela enhle yokubonisa ukuthi uyabakhathalela abanye.
2 Ungase ulandelele lapho wahambisa khona incwadi ethi “Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?” ngentshumayelo emfushane enjengalena:
◼ “Abaholi bezwe namuhla abazange bakwazi ukuletha ukuthula nokulondeka. UJehova uNkulunkulu nguyena kuphela ongakwazi ukwenza lokho. IBhayibheli liyasibonisa lokho okufanele sikwenze. [Xoxani ngamaphuzu asezigabeni 1 no-2 ekhasini 175, bese ufunda u-Isaya 26:4.] Ngithanda ukukubonisa indlela lencwadi engakusiza ngayo.”
3 Uma umninikhaya engazange ayithathe incwadi, kodwa abonisa isithakazelo esigijimini sethu, ungase uzame lendlela:
◼ “Ngiyajabula ukuphinda ngikuthole usekhaya. Lapho ngikuvakashele esikhathini esidlule wabonisa ukusijabulela isithembiso seBhayibheli esikusAmbulo 21:3, 4. Namhlanje ngizothanda ukukubonisa indlela uNkulunkulu azosigcwalisa ngayo isithembiso sakhe sokwenza lomhlaba ube yipharadesi. Phawula nalokho okushiwo lapha kumaHubo 37:9-11. [Funda.] UNkulunkulu uyoqeda abantu ababi. Ungathanda yini ukuba phakathi kwalabo abathobekile abayojabulela ukuthula okukhulu? [Lindela impendulo.] Bese uphawula namavesi 29 no-34. Ngingakujabulela kakhulu ukubuya sizoqhubeka nengxoxo yethu ngesikhathi esiyokuvumela.” Kuye ngokuthi izimo zinjani, ungase uthande ukuhambisa omagazini bamuva. Yenza amalungiselelo aqondile okubuya.
4 Ungase ulandelele lapho wahambisa khona incwajana engangomagazini ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?” ngalokhu kusikisela:
◼ “Esikhathini esidlule ngakushiyela lencwajana ephakamisa umbuzo obalulekile othi: ‘Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela ngempela?’ Ngemva kokuhlola lencwajana, ufinyelele kusiphi isiphetho? [Lindela impendulo.] Cishe kwakukhuthaza ukufunda imibhalo ethembisa umhlaba omusha oyipharadesi, esingahlala kuwo ngokuthula. [Mbonise umfanekiso osekhasini 2 no-3, bese umbonisa ezinye zezici ezikhangayo zomhlaba omusha.] Ngiyaqiniseka ukuthi wena nabathandekayo bakho ningathanda ukuhlala emhlabeni onjalo. Phawula lokho isigaba 16 esisekhasini 31 esikushoyo ngalokhu.” Funda lesisigaba, bese uveza ukuthi ukufuna uJehova kusho ukufunda okwengeziwe ngaye nangezinjongo zakhe ngokutadisha iZwi lakhe, iBhayibheli.
5 Ukuze senze izimpindelo eziphumelelayo, kufanele sibonise ukuthi siyabakhathalela abantu. Kuyosisiza ukuhlala sikhumbula lezizimiso ezintathu eziyisisekelo. Vumelana nezimo. Kungenzeka umninikhaya akakujwayele ukubekela eceleni isikhathi esithile ukuze abe nengxoxo yeBhayibheli. Fushanisa. Ungahlali isikhathi eside kakhulu noma uhlanganise amaphuzu amaningi kakhulu ekuqaleni. Ezimweni eziningi, bayosabela kahle lapho ubahambele uma uhlanganisa amaphuzu nje ambalwa ngesikhathi esifushane. Yiba nomusa nobungane. Bonisa umninikhaya ukuthi unesithakazelo somuntu siqu kuye njengomuntu. Umgomo wethu oyinhloko uwukwenza umninikhaya ahileleke engxoxweni engokomBhalo. Khona-ke sifuna ukuqala isifundo seBhayibheli sasekhaya esikhiqizayo.
6 UJehova uye wabeka isibonelo esihle njengoMalusi onothando okhathalela izimvu zakhe. (Hez. 34:11-14) Umzamo wethu oqotho wokulingisa ukukhathalela kwakhe kothando uyamjabulisa, ubonisa uthando lwethu, futhi uletha izibusiso kwabanye.