Ukuzisebenzisa Ngokunenzuzo Izincwadi Zethu
1 UJehova uye wasilungiselela insada yokudla okucebile okungokomoya. Okuningi kwakho kusezincwadini ezinamakhasi angu-192. Ngo-January sizobe sihambisa enye yalezizincwadi ezinamakhasi angu-192, ethi, Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? Uma ungenawo amakhophi alencwadi ekhaya, siza uzitholele wona endaweni yezincwadi. Kungaba kuhle ukubukeza amanye amaphuzu okukhulunyelwa ongawasebenzisa entshumayelweni yakho.
2 Lapho uhambisa incwadi ethi “Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?,” vula iBhayibheli lakho kusAmbulo 21:3, 4 bese lapho umninikhaya ekungenisa endlini, uthi:
“Ubungathanda yini ukuphila ezweni elingenakho ukufa noma usizi? Lesi isithembiso esisencwadini yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo. Phawula lokho okushiwo lapha kusAmbulo 21:3, 4. [Funda umbhalo.] Ucabanga ukuthi siyoke sikubone yini ukugcwaliseka kwalamazwi?” Lindela impendulo. Vula ikhasi 102 encwadini ethi Ukuthula Nokulondeka bese ufunda isigaba 20. Gcizelela indlela uHlelo Olusha lukaNkulunkulu okuwukuphela kwalo oluyoqeda ukugula nokufa bese luletha ukuthula kweqiniso nokulondeka. Tshela umninikhaya ukuthi ungakujabulela kakhulu ukumshiyela lencwadi ngomnikelo ka-R3,50 bese ubuya nizoqhubeka nengxoxo.
3 Lena enye indlela ongayizama:
◼ “Wonke umuntu angathanda ukuphila ezweni elinokuthula nokulondeka. Ngokudabukisayo, asizange sikuthole lokho esikhathini sokuphila kwethu. Ucabanga ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze kube nokuthula nokulondeka? [Lindela impendulo.] UNkulunkulu unamandla okuletha ukuthula kulomhlaba, futhi uye wathembisa ukuthi uzokwenza.” Vula ikhasi 98, bese ufunda uMika 4:3, 4. Uma esabela kahle, chaza okwengeziwe ngethemba loMbuso, hambisa incwadi, bese wenza amalungiselelo okuphindela.
4 Ungase ukhethe ukusebenzisa incwajana engangomagazini ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?” Uma kunjalo, ungase usho lokhu:
◼ “Abantu abaningi bayazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka okungaka emhlabeni. Njengoba engumninimandla onke, kungani engenzi okuthile ukuze aqede ukuhlupheka kwethu? Uzizwa kanjani? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu akasilahlile.” Vula ikhasi 27, isigaba 22, bese ufunda iHubo 37:11, 29. Mbonise umfanekiso okhangayo obonisa lokho esingabheka phambili kukho. Uma eyamukela lencwajana, sikisela ukubuya uzombonisa indlela engasetshenziswa ngayo esifundweni seBhayibheli.
5 Izincwadi zethu ziye zashukumisa izinkulungwane zabantu ukuba zihlolisise iBhayibheli. Lokho eziye zakufunda kuye kwazilethela ithemba lesikhathi esizayo esijabulisayo. (IHu. 146:5) Kuyilungelo lethu ukuzisiza.