Sigcine
Ingabe Uyazisebenzisa Lezi Zincwajana?
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
Iklanyelwe ukukhanga labo abanolwazi olungatheni lweBhayibheli, ikakhulukazi labo abasezinkolweni ezingezona ezobuKristu
Indlela yokuyihambisa: “Singathanda ukuzwa umbono wakho ngalokho okukule miBhalo (noma kule ncwadi engcwele). [Funda iHubo 37:11, okubhekiselwe kulo engxenyeni 11.] Ucabanga ukuthi umhlaba uyoba njani uma lesi siprofetho sesigcwalisekile? [Lindela impendulo.] Lesi yisibonelo sethemba nenduduzo abantu bazo zonke izizinda nezinkolo abangasithola eBhayibhelini.” Funda isigaba esiphezulu ekhasini 3, bese umnikeza incwajana.
Nakhu ongase ukuzame: Uma ufunda iBhayibheli nothile ongeyena owenkolo yobuKristu ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, sebenzisa imizuzu embalwa ekuqaleni noma ekuphetheni kwesifundo ngasinye, nicabangele ingxenye eyodwa yale ncwajana ukuze umbonise lokho okuqukethwe yiBhayibheli.
Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade Ingabe Usuyitholile
Iklanyelwe ukukhanga abantu ukuba babone ukuthi akuzona zonke izinhlobo zokukhulekela ezamukelekayo kuNkulunkulu
Indlela yokuhambisa: Kunezindlela eziningi zokukhulekela. Ingabe uNkulunkulu uzamukela zonke izindlela ezingqubuzanayo zabantu abathi bayamkhulekela? Funda uMathewu 7:13, 14. UJesu, umprofethi kaNkulunkulu, wabonisa ukuthi kunezindlela ezimbili kuphela, eholela ekuphileni okuphakade nenye eholela ekubhujisweni. Injongo yale ncwajana iwukukusiza ukuba uthole indlela eholela ekuphileni okuphakade.
Nakhu ongase ukuzame: Cela ukubuya ukuze nifunde le ncwajana nomninikhaya, nibheke nemiBhalo kwelakhe iBhayibheli. Uma kufaneleka, hambisela umninikhaya incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
Iklanyelwa ukukhanga abanemfundo elinganiselwe noma abangakwazi ukufunda kahle
Indlela yokuyihambisa: “Ucabanga ukuthi kungenzeka ukuba sibe abangane bakaNkulunkulu? [Lindela impendulo, bese ufunda uJakobe 2:23.] Le ncwajana iklanyelwe ukusisiza ukuba sibe abangane bakaNkulunkulu, njengo-Abrahama.”
Nakhu ongase ukuzame: Ekuhambeleni kokuqala noma lapho wenza impindelo, bonisa indlela esiqhutshwa ngayo isifundo seBhayibheli ngokuxoxa nomninikhaya ngesifundo sokuqala noma ingxenye yaso.
Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
Iklanyelwe ukunikeza ubufakazi obugculisayo bokuthi abantu akukho lutho okufanele balwesabe kwabafileyo. Kunikezwa ubufakazi bokuthi abafileyo abanamandla
Indlela yokuyihambisa: Abantu abaningi besaba abafileyo, bekholelwa ukuthi abafileyo basengabathonya abaphilayo. Lifundisani iBhayibheli? Funda umShumayeli 9:5, 6, 10. Ngokwalo mBhalo, ingabe abafileyo bangakwazi ukubonisa uthando noma inzondo kwabaphilayo? Le ncwajana inikeza izimpendulo ezicacile nezanelisayo zemibuzo abaningi abanayo mayelana nesimo sabafileyo.
Nakhu ongase ukuzame: Uma eyamukela incwajana, cela ukubuya ukuze nixoxe ngale ndaba futhi uphendule nemibuzo umninikhaya angase abe nayo. Mbonise incwadi Okufundiswa IBhayibheli ngokushesha ngangokunokwenzeka.
The Guidance of God—Our Way to Paradise
Iklanyelwe ukukhanga amaSulumane ahlala endaweni angase azizwe ekhululeke kuyo ukufunda iBhayibheli
Indlela yokuyihambisa: “Ngokwazi kwami, amaSulumane akholelwa kuNkulunkulu oyedwa weqiniso nakubo bonke abaprofethi. Ingabe kunjalo ngempela? [Lindela impendulo.] Ngingathanda ukuxoxa nawe ngesiprofetho sasendulo esibikezela ngokuguqulwa komhlaba ube yipharadesi. Ngingakufundela lokho okwabhalwa umprofethi? [Funda u-Isaya 11:6-9.] Abaningi bayazibuza ukuthi uNkulunkulu uyozenza kanjani lezi zinguquko emhlabeni. Le ncwajana ibonisa lokho abaprofethi abakusho ngale ndaba.”
Nakhu ongase ukuzame: Uma umninikhaya eyamukela incwajana, yithi: “Le ncwadi kaNkulunkulu iyachaza ukuthi ekuqaleni, umuntu wayehlala epharadesi. Engxoxweni yethu yesikhathi esilandelayo, ngiyothanda ukuphendula lo mbuzo, ‘Umuntu wasifulathela kanjani isiqondiso sikaNkulunkulu futhi kanjalo walahlekelwa yipharadesi?’” Lapho ubuyela, xoxa ngengxenye eqala ekhasini 6.
Real Faith—Your Key to a Happy Life
Iklanyelwe ukukhanga amaSulumane ahlala endaweni angase azizwe ekhululeke kuyo ukufunda iBhayibheli
Indlela yokuyihambisa: Mbonise isithombe esisekhasini 16-17 bese uthi: “Lesi simo sihluke kakhulu kulokho esikubona emhlabeni namuhla. Ingabe ucabanga ukuthi kungenzeka umhlaba ube njé ngelinye ilanga? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okuthenjiswa yile ncwadi kaNkulunkulu. [Funda eBhayibhelini lakho omunye wemiBhalo ekhonjiwe.] Le ncwajana isisiza ukuba sihlakulele ukholo lwangempela lokuthi izethembiso ezinjenga lezi ziyogcwaliseka.”
Nakhu ongase ukuzame: Lapho uphetha ukuhambela kokuqala, cela umninikhaya akhethe umbuzo owodwa kwesekhasini elingemuva. Yibe usuhlela ukuxoxa ngempendulo esencwajaneni lapho ubuya.
The Pathway to Peace and Happiness
Iklanyelwe ukukhanga amaBuddha
Indlela yokuyihambisa kumuntu omdala ongumBuddha: “Mhlawumbe ukhathazeke njengami ngemibono eminingi eyonakele nomphumela wayo kubantwana bethu. Ucabanga ukuthi kungani kwanda kangaka ukuziphatha kabi entsheni? [Lindela impendulo.] Bewazi yini ukuthi lokhu kwabikezelwa encwadini eyaqala ukulotshwa ngaphambi kokusungulwa kwenkolo yobuKristu, yobuHindu neyamaSulumane? [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-3.] Phawula ukuthi lezi zimo ziyanda naphezu kwemfundo eqhubekayo. [Funda ivesi 7.] Ukwaziswa okukule ncwajana kwangisiza ngaqonda amaqiniso abantu abaningi abangasoze bawazi. Ungathanda yini ukuyifunda?”
Nakhu ongase ukuzame: Lapho wenza impindelo, ngemva kokuhlakulela isithakazelo somninikhaya eBhayibhelini, mbonise imibuzo esekhasini elingemuva, bese umbonisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli kulelo khasi. Mtshele ukuthi ikhona ikhophi oyiphethe uma efuna ukuyibona. Mbonise uhlu lokuphakathi kule ncwadi bese nifunda isigaba esisodwa noma ezimbili esihlokweni asikhethayo.
Why Should We Worship God in Love and Truth?
Iklanyelwe ukukhanga amaHindu
Indlela yokuyihambisa: “Umthandazo odumile wesiNdiya uthi: ‘Ngisuse enkohlisweni ungiholele ekukhanyeni.’ Ucabanga ukuthi kubalulekile ukukhulekela uNkulunkulu ngothando nangeqiniso? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okwashiwo uJesu ngalokhu.” Funda uJohane 4:24. Ngemva kwalokho, funda isigaba 4 ekhasini 3 bese umnika incwajana.
Nakhu ongase ukuzame: Uma umninikhaya eyamukela incwajana, yithi: “Ezinye izazi zamaHindu zithi iqiniso lifihleke ezinhliziyweni zethu. Abanye bathi iqiniso litholakala emBhalweni ongcwele. Ngesikhathi esilandelayo, ngingathanda sixoxe ngombuzo osekugcineni kwesigaba 3 ekhasini 4: ‘Kufanele silifune kuphi iqiniso laphezulu?’”
Lasting Peace and Happiness—How to Find Them
Iklanyelwe ukukhanga amaShayina
Indlela yokuyihambisa: “Namuhla ukuphila kunezinselele eziningi ezingasincisha injabulo. Yini ekusizayo ukuze ujabule naphezu kwezinkinga? [Lindela impendulo.] Abantu abaningi baye bathola injabulo ngokulandela iseluleko seBhayibheli. [Funda iHubo 119:1, 2.] Abanye bayalenqaba iBhayibheli bathi incwadi yaseNtshonalanga. Kodwa phawula lokhu. [Xoxani ngesigaba 16 ekhasini 17.] Le ncwajana iyachaza ukuthi singakuthola kanjani ukuthula okuhlala njalo nenjabulo.”
Nakhu ongase ukuzame: Uma umninikhaya eyamukela incwajana, funda kanye naye imisho emithathu yokuqala esigabeni 18 ekhasini 17 bese uthi: “Uma ngibuya, ngingathanda ukukubonisa ukuthi yini esingayilindela ngokulangazela njengoba yembulwa iBhayibheli.” Lapho ubuyela, xoxani ngelinye lamaphuzu asesigabeni 6 ekhasini 30.