Incwajana Entsha Ezohanjiswa!
1. Sizohambisani ngo-November, futhi iyini injongo yale ncwajana?
1 EMhlanganweni wethu weSigodi onesihloko esithi “Hlalani Nilindile,” kwakhishwa incwajana enesihloko esithi IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? Phakathi no-November amabandla emhlabeni wonke azobe eyihambisa okokuqala ngqa. Le ncwajana izobazuzisa kanjani abantu ensimini yethu? Abantu abaningi, ikakhulukazi labo abangebona abenkolo yobuKristu, kuncane kakhulu abakwaziyo ngeBhayibheli. Ngakho-ke, ekhasini 3 le ncwajana iyachaza ukuthi iklanyelwe ukunikeza “ulwazi oluyisisekelo ngeBhayibheli.”
2. Singayihambisa kanjani le ncwajana?
2 Indlela Yokuyihambisa: Singase sisho into enjengokuthi: “Singathanda ukuzwa umbono wakho ngalokho okushiwo lapha. [Funda u-2 Thimothewu 3:16.] Abaningi esikhuluma nabo bayavumelana nala mazwi; abanye banomuzwa wokuthi iBhayibheli limane nje liyincwadi enhle. Wena ucabangani ngeBhayibheli? [Lindela impendulo.] Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyikholelwayo, sinezizathu ezinhle zokuzihlolela iBhayibheli. [Funda isigaba esiyisethulo esisekuqaleni kwekhasi 3.] Njengoba ufunda lo myalezo omfushane weBhayibheli ovusa amadlingozi okule ncwajana, uyobona okuthile okuthakazelisayo: IBhayibheli linesihloko esisodwa nomyalezo owodwa.”
3. Yisiphi esinye isethulo esingasisebenzisa, ikakhulu uma sisebenza ensimini enabantu abaningi abangebona abenkolo yobuKristu?
3 Nansi enye indlela, ikakhulukazi uma ushumayela lapho kunabantu abaningi abangebona abenkolo yobuKristu: “Singathanda ukuzwa umbono wakho ngalokho okushiwo kulo mBhalo (noma kule ncwadi engcwele). [Funda iHubo 37:11.] Ucabanga ukuthi umhlaba uyoba njani lapho sesigcwalisekile lesi siprofetho? [Lindela impendulo.] Lokhu kubonisa ithemba nenduduzo abantu bazo zonke izinhlanga nezinkolo abangalithola eBhayibhelini.” Funda isigaba esiyisethulo esisekuqaleni kwekhasi 3, bese uhambisa incwajana.
4. Singayisebenzisa kanjani le ncwajana ekuqaleni isifundo seBhayibheli?
4 Qala Isifundo SeBhayibheli: Lapho sibuyela, singakhumbuza umninikhaya ngamaphuzu esasixoxe ngayo esikhathini esidlule bese sixoxa ngesigaba esisodwa noma ezimbili esihlokweni esasixoxe ngaso sisebenzisa imibuzo esekupheleni kwaso. Noma uma sithanda ukuvele sethule incwadi Okufundiswa YiBhayibheli, singafunda naye ingxenye engemuva encwajaneni, simnikeze incwadi, simbuze ukuthi yisiphi isihloko asithandayo bese sixoxa ngesigaba esisodwa noma ezimbili zaleso sihloko. Sengathi sonke singahlanganyela ngokugcwele ekuhambiseni le ncwajana ngo-November!