IBhokisi Lemibuzo
◼ Yikuphi ukunakekela okudingeka kunikezwe izinto esizisebenzisa emsebenzini wokufakaza?
1 Nakuba ummemezeli wezindaba ezinhle enentshumayelo efanelekayo engokomBhalo ekhanda, angase abe ngongalungiselele uma kuziwa ezintweni azisebenzisayo. Lapho esemzini othile, kungenzeka akayiphethe incwadi eyisipho sangalesosikhathi. Kungenzeka ukuthi omagazini, izincwajana ezingangomagazini, namapheshana okusesikhwameni sakhe sokufakaza kushwabene noma kudabukile. Angase angakwazi ukuthola ipeni noma ifomu lokugcina umbhalo wendlu ngendlu ngenxa yokuthi isikhwama sakhe asihlelekile kahle. Kubalulekile ukuzihlolisisa izinto zakho ngaphambi kokuhlanganyela enkonzweni yasensimini.
2 Yiziphi izinto okudingeka zibe sesikhwameni sokufakaza esihlelwe kahle? IBhayibheli libalulekile. Faka namafomu okugcina umbhalo wendlu ngendlu. Qikelela ukuthi unayo incwadi ehanjiswa ngaleyonyanga. Amakhophi omagazini bamuva, kanye namapheshana nezincwajana ezingangomagazini, nakho kuyadingeka. Faka nencwadi ethi Ukubonisana. Ukuphatha INkonzo Yethu YoMbuso yamuva kuyokwenza ukwazi ukubukeza izintshumayelo ezisikiselwe ngaphambi kokungena emzini. Lapho usebenza ensimini ongathola kuyo abantu abakhuluma olunye ulimi, kuyoba kuhle ukuphatha nencwajana ethi Good News for All Nations. Ukuba nencwadi eyodwa kulezo eziklanyelwe intsha kuyokusiza ukulungele ukukhuluma nabasha.
3 Konke okusebenzisayo kufanele kuhlelwe ngenhlanzeko esikhwameni sakho. Isikhwama ngokwaso akudingeki sibe sisha, kodwa kufanele sibe ngesihlanzekile futhi sibe sesimweni esihle. Isikhwama sakho sokufakaza siyingxenye yezinto ozisebenzisayo ekumemezeleni izindaba ezinhle. Sigcine sisesimweni esifanelekile.