Ukumemezela ‘Amazwi Esiprofetho’
1 Siphila esikhathini okugcwaliseka kuso iziprofetho ezisencwadini yesAmbulo. Abaningi bafuna ukuqonda ukuthi lezizenzakalo eziphazamisayo ezenzekayo zisho ukuthini. Bangazuza ‘ngokuzwa amazwi’ esiprofetho sesAmbulo. (IsAm. 1:3) Ngenyanga ka-March, sinethuba lokubasiza ngokuhambisa incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo. Lapho siyihambisa kufanele sikhumbule ukuthi izinkinga isintu esibhekene nazo namuhla zabikezelwa encwadini yesAmbulo. Khona-ke, yini esingayisho?
2 Lendlela ingase iphumelele:
◼ “Impi, indlala, nezifo kuye kwahlupha isintu kulelikhulu lama-20. Ucabanga ukuthi kubangelwa yini lokho, lokhu umuntu usethuthuke kangaka kwezobuchwepheshe? [Lindela impendulo.] Abaningi bayamangala ukuzwa ukuthi lezizimo zazibikezelwe eBhayibhelini. Cishe uyayazi inkulumo ‘yabagibeli bamahhashi amane besAmbulo.’ Eqinisweni lokho iBhayibheli elikushoyo ngalababagibeli kuyisiprofetho esigcwaliseka ezenzakalweni zezwe namuhla. [Vula incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo esahlukweni 16, bese ukhulumela umfanekiso osemakhasini 91-7.] Nakuba lesisiprofetho sibikezela isikhathi sokucindezeleka okukhulu, sinikeza nethemba futhi. [Funda isAmbulo 6:2 esigabeni 3.] UMgibeli wehhashi elimhlophe uJesu Kristu. Uthembise ukuthi uzonqoba ukonakala abese eletha umhlaba onenjabulo nokuthula ngoMbuso asifundisa ukuba siwuthandazele.” Hambisa incwadi.
3 Mhlawumbe lombuzo ungase uvule ingxoxo eyakhayo:
◼ “Unomuzwa wokuthi yini edingekayo ukuze kuqedwe izimo ezimbi emhlabeni? [Lindela impendulo.] Iningi labantu liyavuma ukuthi kunesidingo sezinguquko ezinkulu ukuze lomhlaba uvikeleke. IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uyayazi indlela yokuxazulula izinkinga zethu nokuthi usithembisile ukuthi uzosisiza.” Vula incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, ikhasi 171, bese ufunda isAmbulo 11:15 esigabeni 1. Vula imifanekiso esemakhasini 302 no-308, bese ukhulumela izibusiso eziyotholakala ngaphansi kokubusa koMbuso ngoKristu. Yibe usuchaza ukuthi umninikhaya angazuza kanjani yena.
4 Ungase uzizwe ukhululekile ukusho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Abantu abaningi abayifundile incwadi yeBhayibheli yesAmbulo bakuthola kunzima ukuyiqonda. Ichaza izenzakalo ezihlukahlukene ezingavamile nezibalulekile. Lencwadi, IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, icabangela ivesi ngevesi layo yonke incwadi yesAmbulo futhi ibonise indlela thina esithintwa ngayo ukugcwaliseka kweziprofetho zayo.” Vula lencwadi ekhasini 15, isigaba 2, bese ukhomba isAmbulo 1:1, esibhalwe ngokugqamile. Chaza ukuthi kunikezwa ukukhulumela kwaloluhlobo okuqondile kwevesi ngalinye encwadini yesAmbulo nokuthi lokhu kwaziswa kuyomsiza ukuba aqonde leziziprofetho eziphawulekayo. Hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R10,50.
5 Uma umuntu ematasa noma esenqaba isipho sencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, ungahambisa omagazini ababili noma ipheshana. Qiniseka ukuthi uyaphindela uyoqhubezela phambili isithakazelo esigijimini soMbuso.
6 Isigijimi esikusAmbulo sisithinta sonke isintu. Wonk’ umuntu kudingeka awezwe amazwi alesisiprofetho. Masenze konke esingakwenza ukuze simemezele lesisigijimi esibalulekile.