Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/95 k. 8
  • Siza Abanye ‘Bagcine Izinto Ezilotshiwe’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abanye ‘Bagcine Izinto Ezilotshiwe’
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukumemezela ‘Amazwi Esiprofetho’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngomuzwa Wokuphuthuma
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Basize Baqonde
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Isambulo—Isihluthulelo Senjabulo Yeqiniso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 3/95 k. 8

Siza Abanye ‘Bagcine Izinto Ezilotshiwe’

1 Akwanele nje ‘ukuzwa’ amazwi eziprofetho ezisencwadini yesAmbulo. Ukuze umuntu azuze ngokugcwele, kumelwe ‘agcine’ okulotshiwe. (IsAm. 1:3) Ukuhambisa incwadi kumane nje kuyisinyathelo sokuqala sokwenza abafundi. Uma nje sesibatholile abanesithakazelo abazimisele ukulalela, kufanele siphindele kubo ngokushesha siyobasiza bafunde okwengeziwe. Yini esingakhuluma ngayo lapho siphindela?

2 Uma ekuhambeleni kwakho kokuqala wawukhulume ngabagibeli bamahhashi abane abangokomfanekiso, ungase uyiqale ngalendlela ingxoxo yakho:

◼ “Ngesikhathi esidlule sakhuluma ngencwadi yesAmbulo nendlela iziprofetho zayo ezigcwaliseka ngayo namuhla ezenzakalweni zomhlaba. IsAmbulo isahluko 6 sabikezela ukugabavula kwabagibeli bamahhashi abane, okwakuyophumela ebudloveni nasekucindezelekeni okukhulu emhlabeni. Sizibonele ngawethu lokhu kwenzeka. Abaningi bayazibuza ukuthi lokhu kucindezeleka kuyophela nini ukuze sijabulele ukuphila emhlabeni onokuthula. Ubona kanjani? [Lindela impendulo.] Abafundi bakaJesu babenesithakazelo empendulweni yalombuzo.” Funda uMathewu 24:3, lapho kubuzwa khona lombuzo, bese ufunda nevesi 34, lapho uJesu ephendula khona. Uma ukusabela kukuhle, chaza okwengeziwe ngezinsuku zokugcina.

3 Uma ekuhambeleni kwakho kokuqala naxoxa ngoMbuso kaNkulunkulu, ungase ukhethe ukuqhubeka ngokubuza lombuzo:

◼ “Ngombono wakho, hlobo luni lukahulumeni oludingekayo ukuze kwaneliswe zonke izidingo zesintu? [Lindela impendulo. Funda uJeremiya 10:23.] Njengoba ungabona, uNkulunkulu akazange ahlose ukuba umuntu aziqondisele izindaba zakhe. Imizamo yokwenzenjalo ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu iyimbangela yezinkinga zethu eziningi. UMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kukahulumeni ongasinika esikudingayo.” Vula ekhasini 360 encwadini Ukubonisana, bese nixoxa ngemibhalo engaphansi kwesihlokwana sesithathu. Qhubeka nengxoxo ngokuchaza ukuthi kungani singathembela ngokugcwele kuNkulunkulu.

4 Ungase uthande ukuzama lokhu ukuze uqale ingxoxo engokomBhalo:

◼ Mbonise umfanekiso osekhasini 302 lencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, bese uchaza: “Isintu siyojabulela lezizimo uma intando kaNkulunkulu seyenziwa emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini. Nokho, abanye besaba ukuthi izimo ezimbi ziyophinde zibuye. Lokho ngeke kwenzeke ngoba abantu ababi bayobe bengasekho.” Funda iHubo 37:10, 11. Cela umninikhaya ukuba azizuzele esimisweni sethu sesifundo seBhayibheli ukuze afunde okwengeziwe.

5 Uma wawushiye ipheshana elithi “Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula,” bhekisela emfanekisweni ongaphandle bese ufunda isigaba 1 ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu.” Bese uthi:

◼ “Uma sifuna ukuphila ezweni elinjengaleli, kunokuthile okubalulekile okumelwe sikwenze.” Funda isigaba sokugcina, bese uhambisa incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo.

6 Njengoba umgomo wethu uwukuqala izifundo zeBhayibheli, kudingeka senze izimpindelo eziphumelelayo. Hlela isikhathi sazo, futhi ulungiselele kahle. Uma senzenjalo singabasiza ngempela abantu abanhliziyo ziqotho.—IsAm. 22:6, 7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela