Ingabe Ubika Njalo?
1 Yeka indlela okuqabula ngayo ukuthola imibiko yomsebenzi ofezwa ensimini! Lokhu kubonisa ukuthi uJehova uyaqhubeka ekhulisa. (1 Kor. 3:6) Umuntu ngamunye kithi unomthwalo wemfanelo wokuqikelela ukuthi kuthunyelwa umbiko ophelele noqondile ehhovisi legatsha.
2 Akungabazeki ukuthi sonke sajabula ukuzwa ukuthi kufinyelelwe amanani amasha aphakeme abamemezeli ngo-August 1996 emazweni amaningi angaphansi kokuqondisa kwegatsha laseNingizimu Afrika. Nokho, kwaphawuleka ukuthi amabandla angu-111 eNingizimu Afrika awazange ayithumele imibiko yawo ngesikhathi ukuze kuhlanganiswe umbiko ka-August. Kwenzeka okufanayo emabandleni angu-15 aseBotswana, angu-22 eLesotho, angu-5 eNamibia, nangu-35 eSwazini. Kanti ngokwamanani oMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10) othunyelwa unobhala webandla ngalinye, kunezinkulungwane ezimbalwa zabamemezeli emabandleni ezingawufaki umbiko. Kungenzeka inkinga ikabili: Kungenzeka ukuthi abanye onobhala abayithumeli ngesikhathi imibiko kanti futhi kungenzeka abanye abamemezeli ababiki.
3 Ummemezeli ngamunye kufanele azibuze: ‘Ingabe ekupheleni kwenyanga ngayinye ngiyibika njalo nangokushesha inkonzo yami yasensimini?’ Sonke sinomthwalo wemfanelo wokufaka umbiko ophelele noqondile inyanga ngayinye. Ukwenza kanjalo kuyobonisa inhlonipho yethu ngamalungiselelo enhlangano kaJehova futhi kubonise ukwazisa ngengxenye encane esinayo ekwenzeni umbiko oqondile.
4 Njengoba unobhala kufanele athumele umbiko wenkonzo yasensimini webandla eNhlanganweni engakadluli umhla ka-6 wenyanga elandelayo, ningabona-ke ukuthi kungani kubalulekile ukuba ummemezeli ngamunye afake umbiko wakhe wenkonzo yasensimini ngokushesha ekupheleni kwenyanga. Ingabe uyabambisana naleli lungiselelo ngokubika ngokushesha nangokuqondile ekupheleni kwenyanga ngayinye?
5 Ummemezeli ngamunye obambisana ngokuzithandela nalamalungiselelo angenhla angaba nokwaneliseka kokwazi ukuthi uye waba nengxenye ekwenziweni kombiko oqondile wanyanga zonke womsebenzi woFakazi BakaJehova. (Qhathanisa noHezekeli 9:11.) Kwangathi sonke singayifaka njalo imibiko eqondile yenkonzo yasensimini futhi siyifake ngesikhathi inyanga ngayinye!