Ukuhlanganyela Nabanye Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
1 Umkhaya Uyisici Esiyisisekelo Somphakathi Wesintu, Futhi Kuwona Kuvela Imizi, Amadolobha, Izifundazwe Nazo Zonke Izizwe. Namuhla Umkhaya Uhlaselwa Ngendlela Engakaze Ibonwe. Amathonya Anamandla Asongela Khona Kanye Ukuba Khona Kokuphila Komkhaya. Yeka Indlela Esibonga Ngayo Ngokuthi Ujehova, Umklami Welungiselelo Lomkhaya, Uye Wasilungiselela Izeluleko Ukuze Sithole Injabulo Yomkhaya! Labo Abalandela Iziqondiso Zakhe Bathola Ukuthi Izinkinga Ziyancipha Bese Kuba Nomkhaya Ophumelelayo. Ngo-september Sinelungelo Lokuhlanganyela Nabanye Incwadi Ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Thatha Isinyathelo Kuqala Sokuxoxa Nabantu Ngendaba Yokuphila Komkhaya. Yiba Nobungane, Nesimo Sengqondo Esiqondile Futhi Ube Oqondayo. Yini Ongase Uyisho?
2 Ungase uqale ngokuphakamisa umbuzo onjengokuthi:
◼ “Uqaphelile yini ukuthi imikhaya eminingi ikuthola kunzima ukukhuthazelela izinkinga zokuphila? [Lindela impendulo.] Imibiko ibonisa ukuthi abantu abaningi babhekana nezinkinga ekhaya. Ucabanga ukuthi yini engasiza imikhaya ukuba izinze futhi ijabule? [Lindela impendulo.] Njengoba kunguNkulunkulu owasungula ilungiselelo lomkhaya, ngeke yini kube nengqondo ukuhlola iziqondiso aye wasinikeza zona? [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.] Imfundo enjalo ezuzisayo ihlelwe kulencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.” Yibe usubuza umninikhaya ukuthi yini acabanga ukuthi iyinkinga evamile yomkhaya, mbonise isahluko esikhuluma ngaleyo nkinga, bese uhambisa incwadi ngo-R4,00.
3 Lapho uphindela, ungase ufune ukufinyelela umgomo wokuqala isifundo seBhayibheli ngokuba uthi:
◼ “Ngiye ngacabanga ngalokho owakusho ngendaba yokuphila komkhaya, futhi ngikulethele okuthile engicabanga ukuthi uzokujabulela. [Mbonise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, vula ikhasi 16, bese ufunda imibuzo eyisithupha esekuqaleni.] Ngokusobala, ngamunye emkhayeni kufanele enze ingxenye yakhe ekunikeleni enjabulweni yomkhaya. Uma unemizuzu embalwa nje, ngizokubonisa indlela ongazuza ngayo kakhulu kulokhu kwaziswa.” Yibe-ke usuqala ukufunda isifundo 8.
4 Enye indlela yokuqala ingxoxo iwukusho inkinga, mhlawumbe ngokuba uthi:
◼ ◼“Nakuba wonke umuntu efuna ukuba nomuzwa wokwaneliseka, kubonakala sengathi imikhaya eminingi ayizange iphumelele ngempela kulokhu. Ucabanga ukuthi yini engayisiza ukuba ithole injabulo yangempela? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lembula kudala uhlobo lwezinkinga esasiyozibona emikhayeni namuhla. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-3.] Nokho, iBhayibheli libuye litshele imikhaya lokho okufanele ikwenze ukuze ixazulule lezi zinkinga futhi ithole injabulo ehlala njalo. Izimiso zalo zinikeziwe kulencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.” Yibe usumbonisa ibhokisi lokubukeza elisekugcineni kwesahluko esifanele, sifunde bese uhambisa incwadi ngomnikelo ka-R4,00.
5 Lapho ubuya, sebenzisa incwajana ethi “Yini UNkulunkulu Ayifunayo?” ukuze uqale isifundo. Ungase uthi:
◼ ◼“Kwangihlaba umxhwele ukuzimisela kwakho ukuhlola izimiso zeBhayibheli ezisebenza ekuphileni komkhaya. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi ukulandela iseluleko esiwusizo esitholakala eBhayibhelini kuletha imiphumela emihle. Nansi incazelo elula ebonisa ukuthi kungani kunjalo.” Funda isigaba sokuqala sesifundo 1 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, uhlanganise neHubo 1:1-3 noma u-Isaya 48:17, 18. Uma ithuba livuma, hlanganisa nengxenye esele yalesi sifundo. Sikisela ukuba ubuye nizofunda ndawonye isifundo esilandelayo.
6 Ukuzisebenzisa Ngokunenzuzo Zonke Izincwadi Zethu: Zonke izincwadi zethu zinokwaziswa okuyinzuzo ekusizeni abantu bafunde iqiniso. Ngenxa yalokhu, iNhlangano iye yayehlisa intengo yezincwadi eziningana ezindala ukuze zinikezwe abantu abaningi ngangokunokwenzeka. Uhlu lwezincwadi kanye nezilimi ezitholakala ngazo luye lwathunyelwa kuwo wonke amabandla. Izinyanga zika-September no-October zinikeza ithuba elihle kakhulu lokuhambisa lezi zincwadi ensimini engabelwe nasensimini engasetshenzwa njalo. INdikimba Ebusayo iye yasinika nemvume ekhethekile yokuhambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngezilimi ezinhlanu zendawo, ngenani elehlisiwe lika-R4,00. Ungakwenza kanjani ukuhambisa ImiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi eyisipho ethi Injabulo Yomkhaya?
7 Lapho ukhuluma nabantu abafunda isiBhunu, isiSuthu, isiTswana, isiXhosa noma isiZulu, hambisa ImiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ngomnikelo ka-R8,00. Abaningi abawajwayele amazwi athi “ImiBhalo YesiGreki,” ngakho ungase usebenzise igama elithi “iTestamente Elisha.” Qokomisa inzuzo ye-Nguqulo YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ungase uqokomise esinye sezihloko ezisengxenyeni ethi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” bese usihlanganisa nencwadi ethi Injabulo Yomkhaya. Noma ungase umbonise uhlu lwezikhombo zamagama aseBhayibhelini ukuze umbonise ukuthi lumsiza kanjani umfundi ukuba athole imibhalo ejwayelekile. ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ingase ihanjiswe futhi nencwadi eyodwa noma ngaphezulu engangena ephaketheni ngomnikelo ka-R1,00 iyinye.
8 Masenze konke okusemandleni ukuba sihlanganyele nabanye imfihlo eholela emkhayeni ojabulisayo—silalela iziyalezo eziseZwini likaNkulunkulu.—IHu. 19:7-10.