Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini zamasonto ka-September 2 kuya ku-December 23, 1996. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhale kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. lzikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:
1. Isiprofetho esikuMika 3:12 sibhekisela ekubhujisweni nasekuchithweni kweJerusalema okwenzeka ngo-607 B.C.E. [si-ZU k. 156 isig. 4]
2. Empeleni ayikho “inhlanzi enkulu” ekwazi ukugwinya umuntu ephelele. (Jona 1:17) [si-ZU k. 153 isig. 4]
3. Kugcwaliseka uDaniyeli 12:1, uMikayeli ubelokhu ‘emile’ kusukela ngo-1914 lapho eba iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini; maduze ‘uzoma’ egameni likaJehova njengeNkosi eyiQhawe engenakunqotshwa, eletha imbubhiso kulesi simiso esibi. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w93-ZU 11/1 k. 23 isig. 23.]
4. Isiprofetho esikuDaniyeli 9:24, 25 sikhomba esikhathini sokuzalwa kukaJesu. [kl-ZU k. 36 isig. 8].
5. Njengoba amaSamariya ayenemibono engokwenkolo engamanga futhi engamukeli zingxenye zeBhayibheli njengeziphefumulelwe, ayengamazi uNkulunkulu. [kl-ZU k. 43 isig. 3].
6. Njengoba uJesu ayeligcina iSabatha, amaKristu angaphansi kwesibopho sokuligcina nawo. (Math. 12:12) [td-ZU 10A]
7. Isiprofetho sikaHoseya ngokuyinhloko sasibhekiswe embusweni wakwaJuda oyizizwe ezimbili. [si-ZU k. 144 isig. 8].
8. Imfuneko yokuqala yokukhonza eKomitini Yokwakha Yesifunda iwukuba nolwazi oluhle lokwakha nemisebenzi yokwakha. [jv-ZU k. 325 isig. 6]
9. NgokukaZefaniya 3:9 (NW), abantu bakaNkulunkulu bayoba munye ezweni elisha ngoba bonke bayokhuluma ulimi olufanayo—isiHeberu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 6/1 k. 30.].
10. U-Adamu no-Eva bakhohliswa uSathane futhi ngokungalaleli badla isithelo esinqatshelwe, ngaleyo ndlela bona kuJehova. [td-ZU 16C].
Phendula lemibuzo elandelayo:
11. Kungani kufaneleka ukuba izindawo eziyinhloko zokuhlangana zamabandla emhlabeni wonke kuthiwe amaHholo OMbuso, futhi isakhiwo sokuqala esabizwa ngaleli gama sasikuphi? [jv-ZU k. 319 isig. 2].
12. Iyiphi inkulumo engokomBhalo eyashiwo amaHeberu amathathu eyembula ukuthi ukulalela kwawo uNkulunkulu kwakungaxhomekile ekuvikelweni nasekusindisweni kwaphezulu? (Dan. 3:16-18) [si-ZU k. 141 isig. 19].
13. Imuphi umbhalo obikezela indawo yokuzalwa kukaMesiya? [si-ZU k. 156 isig. 6]
14. Kungani imisebenzi yamandla eyenziwa egameni likaJesu ingeke ibe ubufakazi obuqinisekile bomusa noma ukusekelwa uNkulunkulu? [kl-ZU k. 46 izig. 6-7]
15. Kungani oFakazi BakaJehova bengathandazeli ukuba uNkulunkulu aziqede manje izimpi nokusweleka kokudla nokuthi avimbele ushushiso? [jv-ZU k. 317 isig. 4]
16. Kuyini “okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe” okubhekiselwe kukho kuHagayi 2:7, futhi ‘kufika’ ngayiphi indlela? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 6/1 k. 31 isig. 5.]
17. Isiprofetho sikaHabakuki siwakhuthaza kanjani amaKristu namuhla ukuba abe nokholo oluqinile? [si-ZU k. 163 isig. 14]
18. UMika wayewuhlobo olunjani lomuntu? [si-ZU k. 155 isig. 1]
19. KuHagayi 2:9 (NW), iliphi ithempeli ‘elaliyindlu yakamuva’ iliphi ‘elalingeyokuqala,’ futhi kungani inkazimulo ‘yendlu yakamuva’ yayinkulu ‘kuneyokuqala’? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 6/1 k. 30.]
20. UHoseya 14:2 wayenxusa ama-Israyeli ukuba enzeni, futhi oFakazi BakaJehova basigcwalisa kanjani leso siprofetho namuhla? (Heb. 13:15) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w94-ZU 9/15 k. 10 izig. 1-2.]
Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
21. Umuzi wase-․․․․․․․․ wabizwa umprofethi ․․․․․․․․ ngokuthi umuzi wokuchitheka kwegazi eminyakeni engaba ngu-200 ngemva kokuba ․․․․․․․․ eqede umsebenzi wakhe ayewunikwe uNkulunkulu lapho. [si-ZU k. 154 isig. 10, k. 160 isig. 10]
22. Kudingeka sikhulekele uNkulunkulu ․․․․․․․․, sishukunyiswe izinhliziyo ezigcwele ukholo nothando; kumelwe futhi simkhulekele ․․․․․․․․ ngokutadisha iZwi lakhe. [kl-ZU k. 45 isig. 4]
23. Ngemva kokubhujiswa kweJerusalema amaRoma ngo-․․․․․․․․ abakwa-․․․․․․․․ njengabantu banyamalala emlandweni, njengoba nje u-Obadiya ayebikezele. [si-ZU k. 152 isig. 12]
24. Ukukhulekela uMoloki, unkulunkulu wamanga omkhulu wabakwa-․․․․․․․․ kwakuhlanganisa ․․․․․․․․ okunyanyekayo okwakulahlwa uMthetho. (Lev. 20:2-5; IzE. 7:42, 43) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 6/1 k. 30.]
25. Imikhakha emithathu yobufakazi ebonisa ukuthi uJesu wayenguMesiya (1) ․․․․․․․․, (2) ․․․․․․․․, (3) ․․․․․․․․. [kl-ZU kk. 34-8 izig. 6-10]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Ukuqonda u-Amose (8:11; 9:2, 3; 9:11, 12) kwasiza indikimba ebusayo yekhulu lokuqala ukuba iqaphele ukuthi kwakuyintando kaNkulunkulu ukuba abangema-Israyeli baqoqelwe ebandleni lobuKristu. (IzE. 15:13-19) [si-ZU k. 150 isig. 16]
27. Lapho (u-Amose; uJoweli; uHabakuki) ebizwa uJehova, wayengeyena umprofethi noma indodana yomprofethi, kodwa wayengumalusi wezimvu nomtshali wezihlahla (zesundu; zomthombe; zomnqumo). [si-ZU k. 148 isig. 1]
28. UJoweli 2:32 wacashunwa (uPetru; uJohane; uPawulu) (kuzEnzo 2:40; kweyabaseRoma 10:13; kweyoku-1 Thimothewu 2:4), lapho agcizelela khona ukubaluleka kokubiza igama likaJehova. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 4/1 k. 20 isig. 16.]
29. Amazwi akuMika 2:12 agcwaliseka namuhla (esixukwini esikhulu, ku-Israyeli ongokomoya, kwezinye izimvu), ikakhulukazi kusukela ngo-(1914, 1919, 1922) kuqhubeke lapho indlela ivulwa ukuba babaleke ekuthunjweni (yiRome, eLobukholwa, yiBabiloni Elikhulu) elingokwenkolo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 5/1 k. 14.]
30. Umprofethi (u-Eliya, uNahume, u-Isaya) wabikezela ngokumelene nenhloko-dolobha yase-Asiriya (i-Athene, iBabiloni, iNineve) ukuthi uNkulunkulu wayeyothulula intukuthelo yakhe ezitheni ezingamniki ukuzinikela okukhethekile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 5/15 k. 24.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi: Hos. 10:12; Zef. 2:3; Fil. 2:25-30; Jak. 1:26, 27; 1 Joh. 2:15-17
31. Ukuze ukukhulekela kwethu kwamukeleke kuNkulunkulu, akumelwe nje kungangcoliswa imikhuba yezwe kuphela kodwa kumelwe kuhlanganise zonke izinto uNkulunkulu azibheka njengezibalulekile. [kl-ZU k. 51 isig. 20]
32. Ngokwenza okulungile ekuphileni kwethu kwansuku zonke, siyothola umusa kaJehova wothando. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 3/15 k. 23 izig. 2-3.]
33. OFakazi BakaJehova namuhla bagcwalisa isiprofetho ngokudumisa uJehova emsebenzini wabo wokushumayela ngoMbuso. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w94-ZU 9/15 k. 10 izig. 1-2.]
34. NjengamaKristu eqiniso, kumelwe sigweme noma imiphi imikhuba ebonisa umoya wezwe elisizungezile elingamhloniphi uNkulunkulu. [kl-ZU k. 50 isig. 17]
35. Ngeke sisithathe kalula isihe sikaNkulunkulu. [si-ZU k. 165 isig. 11]