Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 71-k. 77
  • Igazi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Igazi
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uma Umuntu Ethi—
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Sazise Ngokufanele Isipho Sakho Sokuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Igazi Elikusindisa Ngempela Ukuphila
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Lithini IBhayibheli Ngokumpontshelwa Igazi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 71-k. 77

Igazi

Incazelo: Uketshezi oluyisimangaliso ngempela olujikeleza emithanjeni yomuntu neyezilwane eziningi ezinamangqamuzana amaningi, olunikeza ukondleka neoksijini, lukhiphe okungasafuneki, futhi lunendima eyinhloko ekuvikeleni umzimba ekungenweni izifo. Igazi lihileleke kakhulu ekuphileni kangangokuthi iBhayibheli lithi “umphefumulo womzimba usegazini.” (Lev. 17:11) NjengoMthombo wokuphila, uJehova uye wanikeza iziyalezo eziqondile mayelana nendlela igazi elingasetshenziswa ngayo.

AmaKristu ayalwa ukuba ‘ayeke igazi’

IzE. 15:28, 29: “Ngokuba kwaba-kuhle kuMoya oNgcwele nakithi [indikimba ebusayo yebandla lobuKristu] ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo [noma, okubulewe langakhanywa igazi lakho], nobufebe; uma nizilinda kulezozinto, noba nenza kahle. Salani kahle.” (Lapha ukudliwa kwegazi kulinganiswa nokukhonza izithombe nobufebe, izinto okungamelwe sifune ukuzenza.)

Inyama yezilwane ingadliwa, kodwa hhayi igazi

Gen. 9:3, 4: “Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba-ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube-njengemifino eluhlaza. Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.”

Noma isiphi isilwane esisetshenziselwa ukudla kumelwe sophe ngokufanele. Leso esiklinyiwe noma esibanjwe ogibeni noma esitholakala sesizifele asifanele ukudliwa. (IzE. 15:19, 20; qhathanisa noLevitikusi 17:13-16.) Ngokufanayo, noma ikuphi ukudla okuye kwanezelwa igazi kukho noma ngisho izingxenye zegazi akumelwe kudliwe.

UNkulunkulu wavumela ukusetshenziswa kwegazi kuphela ngenxa yomhlatshelo

Lev. 17:11, 12: “Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimniké lona ealtare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo. Ngalokho ngathi kubantwana bakwaIsrayeli: Makungabikho-muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.” (Yonke leyomihlatshelo yezilwane ngaphansi koMthetho kaMose yayikhomba phambili emhlatshelweni owodwa kaJesu Kristu.)

Heb. 9:11-14, 22: “Lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu . . . wangena kanye kuphela . . . kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, [“wasizuzela,” NW] ukukhululwa okuphakade. Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube-ngukuhlanzeka kwenyama, kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. . . . Ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.”

Efe. 1:7: “Esinokuhlengwa kuye [uJesu Kristu] ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.”

Labo ababethi bangamaKristu emakhulwini okuqala C.E. bayiqonda kanjani imiyalo yeBhayibheli ngokuqondene negazi?

UTertullian (c. 160-230 C.E.): “Izindlela zenu eziphambene nemvelo mazihlazeke phambi kwamaKristu. Asinalo ngisho negazi lezilwane ekudleni kwethu, ngoba zona ziwukudla okuvamile. . . . Ekuthethweni kwamacala amaKristu nina [maRoma angamaqaba] niwanika amasosishi afakwe igazi. Yebo, niyaqiniseka ukuthi yona kanye lento enizama ukuwaphambukisa ngayo endleleni eqondile ayivumelekile kuwo. Kukanjani-ke, nithi niqiniseka ukuthi ayokwethuswa igazi lesilwane, nikholelwe ukuthi ayohahela igazi labantu?”—Tertullian, Apologetical Works, and Minucius Felix, Octavius (New York, 1950), yahunyushwa nguEmily Daly, k. 33.

UMinucius Felix (ekhulwini lesithathu C.E.): “Igazi lomuntu lihlasimulisa kangangokuthi, asisebenzisi ngisho negazi lezilwane ezidliwayo ekudleni kwethu.”—The Ante-Nicene Fathers (Grand Rapids, Mich.; 1956), eyahlelwa nguA. Roberts noJ. Donaldson, Umq. IV, k. 192.

Ukumpontshelwa Ngegazi

Ingabe ukwenqabela kweBhayibheli kuhlanganisa negazi labantu?

Yebo, futhi amaKristu akuqala akuqonda ngaleyondlela. IzEnzo 15:29 zithi “niyeke . . . negazi.” Ayisho nje kuphela ukuyeka igazi lezilwane. (Qhathanisa noLevitikusi 17:10, owenqabela ukudla “igazi noma yiliphi.”) UTertullian (owabhala evikela izinkolelo zamaKristu akuqala) wathi: “Umyalo omayelana ‘negazi’ siyowuqonda ngokwengeziwe (njengomyalo) ngokuqondene negazi labantu.”—The Ante-Nicene Fathers, Umq. IV, k. 86.

Ingabe ukumpompela ngempela kuyefana nokudla igazi?

Esibhedlela, uma isiguli singenakukwazi ukudla ngomlomo, sidla ngemithambo yegazi. Khona-ke, ingabe umuntu ongakaze afake igazi emlonyeni wakhe kodwa walamukela igazi ngokumpontshelwa ngempela uyawulalela umyalo wokuthi “niyeke . . . negazi”? (IzE. 15:29) Ngokwesibonelo, cabangela umuntu otshelwa udokotela ukuba ayeke uphuzo oludakayo. Ingabe uyobe uyalalela uma eyeka ukuphuza utshwala kodwa abumpompele ngokuqondile emithanjeni yakhe?

Endabeni yesiguli esenqaba igazi, ingabe zikhona ezinye izindlela zokwelashwa?

Ngokuvamile isaline solution, Ringer’s solution nedextran kungasetshenziswa njengezandisi zomthamo wegazi, futhi lokhu kuyatholakala cishe kuzo zonke izibhedlela zesimanje. Eqinisweni, izingozi ezihambisana nokumpontshelwa igazi zigwenywa ngokusebenzisa lokhu. ICanadian Anaesthetists’ Society Journal (January 1975, k. 12) ithi: “Izingozi zokumpontshelwa ngegazi zinqotshwa okuthatha isikhundla segazi: ukugwenywa kokungenwa yigciwane, ukusabela ekumpontshelweni nokwanda kwamagciwane eRh alwa nezinhlayiya ezibomvu zegazi.” OFakazi BakaJehova abanalutho ngokwenkolo olumelene nezandisi zegazi ezingelona igazi.

OFakazi BakaJehova eqinisweni bayazuza ekwelashweni okungcono ngenxa yokuthi abalamukeli igazi. Udokotela owayebhala kuAmerican Journal of Obstetrics and Gynecology (June 1, 1968, k. 395) wavuma: “Akukho kungabaza ngokuthi isimo lapho wena [dokotela ohlinzayo] uhlinza ngaphandle kokuba nokwenzeka kokumpompela igazi sibonakala sikuthuthukisa ukuhlinza kwakho. Uphuthuma kakhudlwana ekuvaleni noma imuphi umthambo owophayo.”

Zonke izinhlobo zokuhlinza zingenziwa ngokuphumelelayo ngaphandle kokumpompela ngegazi. Lokhu kuhlanganisa ukuhlinzwa okukhulu kwenhliziyo, ukuhlinzwa kwengqondo, ukusikwa kwamalungu omzimba, ngisho nokususwa okuphelele kwezitho ezinekhensa. Ebhala kuyiNew York State Journal of Medicine (October 15, 1972, k. 2527), uDr. Philip Roen wathi: “Asikaze singabaze ukwenza noma iyiphi inqubo yokuhlinza lapho kwenqatshelwe khona ukumpompela ngegazi.” UDr. Denton Cooley, eTexas Heart Institute, wathi: “Sahlabeka umxhwele ngemiphumela [yokusebenzisa izandisi zegazi ezingenalo igazi] koFakazi BakaJehova kangangokuthi saqala ukusebenzisa lenqubo kuzo zonke iziguli zethu zenhliziyo.” (The San Diego Union, December 27, 1970, k. A-10) “Ukuhlinzwa okukhulu kwenhliziyo ngaphandle kwegazi, ekuqaleni okwakwenzelwa amalungu amadala ehlelo loFakazi BakaJehova ngenxa yokuthi inkolo yabo yenqabela ukumpontshelwa ngegazi, manje sekuye kwasetshenziswa ngokuphephile ekuhlinzweni okubucayi kwezinhliziyo zezinsana nezezingane.”—Cardiovascular News, February 1984, k. 5.

Uma Umuntu Ethi—

‘Nivumela abantwana benu bafe ngenxa yokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Ngicabanga ukuthi kubi lokho’

Ungase uphendule: ‘Kodwa siyabavumela ukuba bampontshelwe—ngokuthile okulondekile. Sivumela uhlobo lokumpontshelwa olungenayo ingozi yezinto ezinjengeAIDS, ukushisa kwesibindi, nomalaleveva. Sifuna ukwelashwa okungcono ngabantwana bethu, futhi ngiyaqiniseka ukuthi noma imuphi umzali onothando angafuna kanjalo.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Uma kukhona ukulahleka okukhulu kwegazi, isidingo esikhulu kakhulu siwukubuyisela umthamo woketshezi. Ngokungangabazeki uyazi ukuthi igazi lethu linamanzi angaphezu kuka-50%; bese kuba khona izinhlayiya zegazi ezibomvu nezimhlophe, njalonjalo. Lapho kulahleka igazi eliningi, umzimba ngokwawo uthela eziningi izinhlayiya zegazi esimisweni sokujikeleza kwegazi usheshise ukukhiqizwa kwezintsha. Kodwa kudingeka umthamo woketshezi. Izandisi zomthamo wegazi ezingenalo igazi zingasetshenziswa ukufeza lesosidingo, futhi siyazamukela zona.’ (2) ‘Izandisi zomthamo wegazi ziye zasetshenziswa ezinkulungwaneni zabantu, kwaba nemiphumela emihle.’ (3) ‘Okubaluleke ngisho nangaphezulu kithina yilokho iBhayibheli ngokwalo elikushoyo kuzEnzo 15:28, 29.’

Noma ungase uthi: ‘Ngiyayibona indlela ocabanga ngayo. Ngicabanga ukuthi unombono womntwana wakho siqu ekulesosimo. Njengabazali siyokwenza konke esingakwenza ukuze sivikele inhlala-kahle yomntwana wethu, akunjalo? Ngakho uma umuntu onjengawe nami enqaba uhlobo oluthile lokwelashwa komntwana wethu, ngokuqinisekile kumelwe kube khona isizathu esinamandla salokho.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Ucabanga ukuthi mhlawumbe abanye abazali bangathonywa yilokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo lapha kuzEnzo 15:28, 29?’ (2) ‘Ngakho umbuzo uwukuthi, Ingabe sinokholo olwanele lokwenza lokho okuyalwa uNkulunkulu?’

‘Nina anikholelwa ekumpompeleni igazi’

Ungase uphendule: ‘Amaphephandaba aye akhipha izindaba ngezimo lapho enomuzwa wokuthi oFakazi bangase bafe uma bengalamukeli igazi. Ingabe yilokho ocabanga ngakho? . . . Kungani sithatha lesosimo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Ingabe uyamthanda umkakho (umyeni wakho) ngokwanele ukuba uzimisele ukufaka ukuphila kwakho engozini ngenxa yakhe? . . . Kukhona futhi amadoda afaka ukuphila kwawo engozini ngenxa yezwe lakubo, futhi abhekwa njengamaqhawe, akunjalo? Kodwa kukhona othile omkhulu ngaphezu kwanoma imuphi umuntu noma into lapha emhlabeni, futhi lowo uNkulunkulu. Ungakufaka ukuphila kwakho engozini ngenxa yothando ngaye nokwethembeka ekubuseni kwakhe?’ (2) ‘Eqinisweni impikiswano lapha iwukwethembeka kuNkulunkulu. YiZwi likaNkulunkulu elisitshela ukuba siyeke igazi. (IzE. 15:28, 29)’

Noma ungase uthi: ‘Kunezinto eziningi esezijwayelekile namuhla oFakazi BakaJehova abazigwemayo—ngokwesibonelo, ukuqamba amanga, ukuphinga, ukweba, ukubhema, futhi njengoba ushilo, ukusebenzisa igazi. Kungani? Ngenxa yokuthi ukuphila kwethu kubuswa yiZwi likaNkulunkulu.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Bewazi ukuthi iBhayibheli lithi kumelwe “siyeke igazi”? Ngingathanda ukukubonisa lokho. (IzE. 15:28, 29)’ (2) ‘Mhlawumbe uyakhumbula ukuthi uNkulunkulu watshela abazali bethu bokuqala, uAdamu noEva, ukuthi bangadla kuyo yonke imithi yase-Edene ngaphandle kowodwa. Kodwa abalalelanga, badla lesosithelo esenqatshelwe, balahlekelwa yikho konke. Yeka ubuwula! Yebo, manje awusekho umuthi onesithelo esenqatshelwe. Kodwa ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa uNkulunkulu waphinda wanqabela isintu entweni eyodwa. Manje kwakuhilela igazi. (Gen. 9:3, 4)’ (3) ‘Ngakho umbuzo wangempela uwukuthi, Ingabe sinalo ukholo kuNkulunkulu? Uma simlalela, phambi kwethu sinethemba lokuphila okuphakade ekupheleleni ngaphansi koMbuso wakhe. Ngisho noma sifa, usiqinisekisa ngovuko.’

‘Kuthiwani uma udokotela ethi, “Uzofa uma ungampontshelwa igazi”?’

Ungase uphendule: ‘Uma isimo sisibi kangako ngempela, ingabe udokotela angaqinisa ngokuthi isiguli ngeke sife uma sinikwa igazi?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Kodwa kunothile ongamnikeza futhi umuntu ukuphila, nalowo uNkulunkulu. Awuvumi yini ukuthi, lapho ubhekene ngokoqobo nokufa, ukufulathela uNkulunkulu ngokweqa umthetho wakhe kungaba isinqumo esingenakuhlakanipha? Nginokholo ngempela mina kuNkulunkulu. Wena? IZwi lakhe lithembisa uvuko kulabo abanokholo eNdodaneni yakhe. Ingabe uyakukholelwa lokho? (Joh. 11:25)’

Noma ungase uthi: ‘Kungase kusho ukuthi yena ngokwakhe akazi ukuthi angayisingatha kanjani indaba ngaphandle kokusebenzisa igazi. Uma kunokwenzeka, sizama ukumxhumanisa nodokotela oye waba nokuhlangenwe nakho okudingekayo, noma sifuna izinkonzo zomunye udokotela.’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela