Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 6/15 kk. 8-13
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuma Okuqinile KukaNkulunkulu Ngegazi
  • Igazi Kwezokwelapha Noma Njengomuthi
  • Ingabe Lisindisa Ukuphila Ngokwezokwelapha?
  • Ingabe Zikhona Izindlela Ezingasetshenziswa Esikhundleni Segazi?
  • Igazi Eliyigugu Kakhulu
  • Igazi—Libalulekile Ekuphileni
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Imibuzo Yokutadisha Yencwajana Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Igazi Elikusindisa Ngempela Ukuphila
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Ukumpontshelwa Igazi—Kulondeke Kangakanani?
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 6/15 kk. 8-13

Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?

‘Khethani ukuphila . . . ngokulalela izwi [likaNkulunkulu] . . . ngoba ungukuphila kwenu nobude bezinsuku zenu.’—DUTERONOMI 30:19, 20.

1. Kungayiphi indlela amaKristu evelele ekuhlonipheni kwawo ukuphila?

ABANTU abaningi bathi bayakuhlonipha ukuphila, lokhu bekufakazela ngendlela ababheka ngayo isijeziso sokufa, ukukhishwa kwezisu, noma ukuzingela. Nokho, kunendlela ekhethekile amaKristu eqiniso abonisa ngayo inhlonipho ngokuphila. IHubo 36:9 lithi: “Ukuwe [Nkulunkulu] umthombo wokuphila.” Njengoba ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, amaKristu amukela umbono wakhe ngegazi lokuphila.

2, 3. Kungani kufanele sicabange ngoNkulunkulu mayelana negazi? (IzEnzo 17:25, 28)

2 Ukuphila kwethu kuxhomeke egazini, elithwala umoya-mpilo kuwo wonke umzimba wethu, lisuse isikhutha, lisenze sikwazi ukuzifanelanisa nezinguquko zezinga lokushisa, futhi lisisize ukuba silwisane nezifo. Lowo owasinika ukuphila waklama futhi wasinika lesicubu esiwuketshezi esimangalisayo, esisekela ukuphila okuthiwa igazi. Lokhu kubonakalisa isithakazelo sakhe esiqhubekayo ekulondolozeni ukuphila kwesintu.—Genesise 45:5; Duteronomi 28:66; 30:15, 16.

3 Kokubili amaKristu nabantu ngokuvamile kufanele bazibuze: ‘Ingabe igazi lingakusindisa ukuphila kwami ngemisebenzi yalo engokwemvelo, noma ingabe igazi lingase lisindise ukuphila ngendlela ejule ngokwengeziwe?’ Nakuba abantu abaningi bekuqaphela ukuxhumana phakathi kokuphila nemisebenzi evamile yegazi, empeleni kunokuningi nangaphezulu okuhilelekile. Izimiso zokuhle zamaKristu, amaMuslim, namaJuda zonke zigxile kuMniki-Kuphila owaveza umbono wakhe ngokuphila nangegazi. Yebo, uMdali wethu kuningi akushoyo ngegazi.

Ukuma Okuqinile KukaNkulunkulu Ngegazi

4. Ekuqaleni emlandweni wesintu, uNkulunkulu wathini ngegazi?

4 Igazi kukhulunywa ngalo izikhathi ezingaphezu kwezingu-400 eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Phakathi kwemiyalo yokuqala kakhulu kaJehova kunalona: “Konke okuphilayo nokuhambayo kuyoba ukudla kwenu. . . . Kodwa akumelwe nidle inyama esenegazi layo lokuphila kuyo.” Wanezela: “Ngegazi lenu lokuphila ngokuqinisekile ngiyofuna ukuba nilandise.” (Genesise 9:3-5, New International Version) UJehova washo lawomazwi kuNowa, ukhokho womkhaya wesintu. Ngakho, sonke isintu saziswa ukuthi uMdali ubheka igazi njengelimelele ukuphila. Kanjalo wonke umuntu othi uqaphela uNkulunkulu njengoMniki-kuphila kumelwe aqaphele ukuthi UNkulunkulu unokuma okuqinile ngokusebenzisa igazi lokuphila.

5. Sasiyini isizathu esiyinhloko sokungadli kwamaIsrayeli igazi?

5 UNkulunkulu waphinde wakhuluma ngegazi lapho enikeza uIsrayeli isimiso soMthetho. ULevitikusi 17:10, 11, ngokwenguqulo yamaJuda yeTanakh, ufundeka kanje: “Uma noma ubani wendlu kaIsrayeli noma wezihambi ezihlala phakathi kwakhe edla noma yiliphi igazi, ngiyobeka ubuso baMi ngokumelene nalowomuntu odla igazi, futhi ngiyomnquma phakathi kwezihlobo zakhe. Ngoba ukuphila kwenyama kusegazini.” Lowomthetho wawungaba nazo izinzuzo ezingokwempilo, kodwa kwakuhileleke okuningi nangaphezulu. Ngokuphatha igazi njengelikhethekile, amaIsrayeli kwakumelwe abonise ukwethembela kwawo kuNkulunkulu ngokuphila. (Duteronomi 30:19, 20) Yebo, isizathu esiyinhloko sokuthi kungani kwakumelwe agweme ukudla igazi sasingekhona ukuthi lalinezifo, kodwa sasiwukuthi lalinokubaluleka okukhethekile kuNkulunkulu.

6. Kungani singaqiniseka ukuthi uJesu wakulondoloza ukuma kukaNkulunkulu ngegazi?

6 UbuKristu bumi kuphi endabeni yokusindisa ukuphila komuntu ngegazi? UJesu wayekwazi lokho uYise ayekushilo ngokusebenzisa igazi. UJesu “akenzanga lutho olungalungile, [futhi] akukho nkohliso eyafunyanwa ezindebeni zakhe.” Lokho kusho ukuthi uMthetho wawugcina ngokuphelele, kuhlanganise nomthetho ophathelene negazi. (1 Petru 2:22, Knox) Kanjalo wabekela abalandeli bakhe isibonelo, kuhlanganise nesibonelo senhlonipho ngokuphila negazi.

7, 8. Iyiphi indlela okwaba sobala ngayo ukuthi umthetho kaNkulunkulu ngegazi uyasebenza kumaKristu?

7 Umlando usibonisa lokho okwenzeka kamuva lapho umkhandlu wendikimba ebusayo yamaKristu unquma ukuthi amaKristu kwakumelwe yini agcine yonke imithetho kaIsrayeli. Ngaphansi kokuqondisa kwaphezulu, wathi amaKristu awabophekile ukuba agcine umthetho kaMose kodwa ukuthi ‘kuyimfuneko’ ukuba ‘ayeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo [inyama engakhishwanga igazi], nobufebe.’ (IzEnzo 15:22-29) Kanjalo wakwenza kwacaca ukuthi ukugwema igazi ngokwezinga lokuziphatha kubaluleke njengokugwema izithombe nokuziphatha okubi okungathi sína.a

8 AmaKristu okuqala awugcina lowomthetho onqabelayo waphezulu: Siphawula ngalokho, isazi saseBrithani uJoseph Benson sathi: “Lomthetho onqabela ukudla igazi, owanikezwa uNowa nakuyo yonke inzalo yakhe, futhi owaphindwa kumaIsrayeli . . . awukaze uhoxiswe, kodwa, ngokuphambene uye waqinisekiswa ngaphansi kweTestamente Elisha, IzEnzo xv.; futhi ngaleyondlela uye waba isibopho esihlala njalo.” Nokho, ingabe lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphathelene negazi kwakuyokwenqabela ukusetshenziswa kwalo namuhla kwezokwelapha, njengokumpontshelwa, ngokusobala okwakungasetshenziswa osukwini lukaNowa noma esikhathini sabaphostoli?

Igazi Kwezokwelapha Noma Njengomuthi

9. Igazi lalisetshenziswa kanjani kwezokwelapha ezikhathini zasendulo, ngokuphambene nakuphi ukuma kwamaKristu?

9 Ukusetshenziswa kwegazi njengomuthi akukusha neze. Incwadi ethi Flesh and Blood, kaReay Tannahill, ibonisa ukuthi eminyakeni engaba ngu-2 000, eGibithe nakwezinye izindawo, “igazi lalibhekwa njengekhambi elinamandla lesifo sochoko.” AmaRoma ayekholelwa ukuthi isithuthwane sasingelapheka ngokuphuza igazi lomuntu. UTertullian wabhala ngalokhu kusetshenziswa kwegazi “njengomuthi”: “Cabangani ngalabo okwakuthi ngenxa yesifiso sokuhaha, embukisweni enkundleni yezemidlalo, bathathe igazi elisashisa lezigebengu ezikhohlakele . . . futhi bahambe nalo beyolapha isithuthwane sabo.” Lokhu kwakuphambene ngokuphelele nalokho amaKristu ayekwenza: “Asinalo igazi ngisho nelezilwane ekudleni kwethu . . . Lapho nivivinya amaKristu niwanika amasosishi agcwele igazi. Yebo, niyaqiniseka ukuthi [ku]phambene nomthetho kuwo.” Cabanga ngalokho lokhu okukushoyo: Kunokuba adle igazi, elalimelela ukuphila, amaKristu okuqala ayezimisele ukukhetha ukufa.—Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 23:15-17.

10, 11. Kungani kungaphethwa ngokuthi indinganiso kaNkulunkulu ngegazi iyakulahla ukwamukela igazi elimpontshelwe?

10 Yebo, emuva ngalesosikhathi igazi lalingampontshelwa, ngoba ukuhlola ngokumpompela igazi kwaqala kuphela ngasekhulwini le-16 leminyaka. Nokho, ekhulwini le-17 leminyaka, uprofesa othile wesayensi yezitho zomzimba eYunivesithi yaseCopenhagen, waphikisa: ‘Labo abaphoqelela ukusebenzisa igazi labantu emakhambini ezifo asebenza ngaphakathi babonakala belisebenzisa ngokungafanele futhi benza isono esingathi sína. Amazimu ayalahlwa. Kungani singabenyanyi labo abangcolisa umminzo wabo ngegazi labantu? Okufana nalokho kuwukwamukela igazi elingelona elakho elivela emthanjeni osikiwe, kungaba ngokulifaka ngomlomo noma ngamathuluzi okumpompela. Abasunguli balenqubo bahlala besekwesabeni ngenxa yomthetho waphezulu.’

11 Yebo, ngisho nasemakhulwini amaningi eminyaka adlule, abantu babebona ukuthi umthetho kaNkulunkulu wawukwenqabela kokubili ukufaka igazi ngemithambo nokulidla ngomlomo. Ukuqaphela lokhu kungase kusize abantu namuhla ukuba baqonde ukuma okuthathwa oFakazi BakaJehova, okuvumelana nokuma kukaNkulunkulu. Nakuba ekwazisa kakhulu ukuphila nokunakekelwa kwezokwelapha, amaKristu eqiniso ayakuhlonipha ukuphila njengesipho esivela kuMdali, ngakho awazami ukusekela ukuphila ngokudla igazi.—1 Samuweli 25:29.

Ingabe Lisindisa Ukuphila Ngokwezokwelapha?

12. Abantu abacabangayo bangase bacabangeleni ngokunengqondo mayelana nokumpontshelwa igazi?

12 Sekuyiminyaka eminingi ochwepheshe begomela ngokuthi igazi lisindisa ukuphila. Odokotela bangase balandise ngokuthi othile owopha kakhulu wampontshelwa igazi futhi walulama. Ngakho abantu bangase bazibuze, ‘Lokho kuma kwamaKristu kuhlakaniphé noma kungokungahlakaniphile kangakanani ngokwezokwelapha?’ Ngaphambi kokuba acabangele noma iyiphi inqubo yezokwelapha engathi sína, umuntu ocabangayo uyofuna ukwazi ngezinzuzo nangezingozi zayo ezingenzeka. Kuthiwani ngokumpontshelwa igazi? Iqiniso liwukuthi ukumpontshelwa igazi kugcwele izingozi eziningi. Zingaba ngisho ngezibulalayo.

13, 14. (a) Yiziphi ezinye zezindlela ukumpontshelwa igazi okuye kwaba yingozi ngazo? (b) Okuhlangenwe nakho kukapapa kuzibonisa kanjani izingozi ezingokwempilo zegazi?

13 Muva nje, oDkt. L. T. Goodnough noJ. M. Shuck baphawula: “Sekuyisikhathi eside umphakathi wezokwelapha uqaphela ukuthi nakuba igazi lilondeke ngendlela esikwazi ukulenza libe yiyo, ukumpontshelwa igazi bekulokhu nje kunengozi. Isifo esivame kakhulu sokumpontshelwa kwegazi siselokhu siwukusha kwesibindi esingesona esohlobo A noma B [ngesiNgisi non-A, non-B hepatitis (NANBH)]; ezinye izifo ezingavela zihlanganisa isifo sokusha kwesibindi sohlobo B, ialloimmunization, ukusabela komzimba ekumpontshelweni igazi, ukucindezeleka kwesimiso sokuzivikela somzimba, nokunqwabelana kokusansimbi.” Ucabangela ‘ngokusesilinganisweni’ eyodwa nje yalezozingozi ezingathi sína, lombiko wanezela: “Kulindeleke ukuba unyaka ngamunye abantu abangaba ngu-40 000 [eUnited States iyodwa] bayoba neNANBH nokuthi abangaba ngu-10% balaba bayoba necirrhosis kanye/noma ihepatoma [umdlavuza wesibindi].”—The American Journal of Surgery, June 1990.

14 Njengoba ingozi yokuthola izifo egazini elimpontshelwe iye yaziwa kabanzi ngokwengeziwe, abantu bawucabangela kabusha umbono wabo ngokumpontshelwa. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba upapa edutshuliwe ngo-1981, welashwa esibhedlela esithile futhi wadedelwa. Kamuva kwadingeka ukuba aphindele alaliswe izinyanga ezimbili, futhi isimo sakhe sasisibi kakhulu kangangokuba kwakubonakala sengathi kwakudingeka athathe umhlala-phansi njengoxhwalile. Ngani? Wathola igciwane lecytomegalovirus livela egazini ayelimpontshelwe. Abanye bangase bazibuze, ‘Uma igazi elampotshelwa ngisho nopapa lingalondekile, kuthiwani ngokumpontshelwa okunikezwa thina bantu abavamile?’

15, 16. Kungani ukumpontshelwa igazi kungaphephile ngisho noma igazi liye lahlolwa ukuthi alinazo yini izifo?

15 Omunye angase abuze, ‘Kodwa abanakulihlola yini igazi ukuthi alinazifo?’ Nokho, cabangela njengesibonelo ukuhlola isifo sokusha kwesibindi sohlobo B. IPatient Care (February 28, 1990) yaphawula: “Izinga lokuphathwa isifo sokusha kwesibindi ngemva kokumpontshelwa lehla ngemva kokuhlolwa kwegazi emhlabeni wonke ukuthi [alinaso] yini [lesifo], kodwa u-5 kuya ku-10% weziguli ezinesifo sokusha kwesibindi ngemva kokumpontshelwa usabangelwa isifo sokusha kwesibindi sohlobo B.”

16 Ukuba namaphutha kokuhlola okunjalo kubonakala kwesinye futhi isifo esithwalwa igazi—ingculaza. Ngokuphawulekayo, umqedazwe wengculaza uye waqaphelisa abantu ngengozi yegazi elinamagciwane. Kuyavunywa, manje kunokuhlola kokuthola ukuthi igazi alinabo yini ubufakazi bokuba naleligciwane. Nokho, igazi alihlolwa kuzo zonke izindawo, futhi kubonakala sengathi abantu bangalithwala leligciwane lengculaza egazini labo iminyaka eminingi ngaphandle kokuba litholwe ngokokuhlola kwamanje. Ngakho iziguli zingayithola ingculaza—ziye zayithola ingculaza—egazini elahlolwa futhi lagunyazwa!

17. Ukumpontshelwa igazi kungase kuwubangele kanjani umonakalo ongase ungabonakali ngokushesha?

17 ODkt. Goodnough noShuck baphawula “nokucindezeleka kwesimiso sokuzivikela somzimba.” Yebo, buyanda ubufakazi bokuthi ngisho negazi eliqondaniswe kahle lingasilimaza isimiso sokuzivikela somzimba wesiguli, licabela umdlavuza nokufa indlela. Ngaleyondlela, ukuhlola kwaseCanada “kweziguli ezinomdlavuza wasekhanda nasentanyeni kwabonisa ukuthi lezo ezafakelwa igazi phakathi nokukhishwa [kwesigaxa] kamuva zaba nokwehla okuphawulekayo kwesimo sokuzivikela somzimba.” (The Medical Post, July 10, 1990) Odokotela eYunivesithi yaseNingizimu California babeye babika: “Izinga lokubuya ngokwesibili kwazo zonke izinhlobo zomdlavuza wamalaka lalingu-14% kulabo abangakaze bampontshelwe igazi futhi laba ngu-65% kulabo abalimpontshelwa. Ngokuqondene nomdlavuza womlomo, igilo, nekhala noma umgudu wamakhala, izinga lokubuya ngokwesibili lalesifo lalingu-31% kwabangazange bampontshelwe kanti lalingu-71% kwabampontshelwa.” (Annals of Otology, Rhinology & Laryngology, March 1989) Isimiso sokuzivikela somzimba esicindezelekile kubonakala futhi sigcizelela iqiniso lokuthi labo abampontshelwa igazi phakathi nokuhlinzwa kwenzeka kakhulu ukuba bangenwe izifo.—Bheka ibhokisi, ekhasini 10.

Ingabe Zikhona Izindlela Ezingasetshenziswa Esikhundleni Segazi?

18. (a) Izingozi ezihilelekile ekumpontshelweni igazi zibaphendulela kuphi odokotela? (b) Yikuphi ukwaziswa ngezindlela zokwelapha ezingasetshenziswa ongase ukuhlanganyele nodokotela wakho?

18 Abanye bangase babe nalomuzwa, ‘Ukumpontshelwa igazi kunezingozi, kodwa ingabe zikhona ezinye izindlela zokwelapha ezingasetshenziswa?’ Ngokuqinisekile sifuna ukunakekelwa kwezokwelapha okuphumelelayo kwezinga elihle eliphakeme, ngakho ingabe zikhona izindlela ezingokomthetho neziphumelelayo zokusingatha izinkinga zezokwelapha ezingathi sína ngaphandle kokusebenzisa igazi? Ngokujabulisayo, zikhona. INew England Journal of Medicine (June 7, 1990) yabika: “Odokotela, beziqaphela ngokwandayo izingozi [zengculaza] nezinye izifo ezithathelwanayo ezidluliswa ngokumpontshelwa, bazicabangela kabusha izingozi nezinzuzo zokumpontshelwa futhi baphendukela kwezinye izindlela zokwelapha, kuhlanganise naleyo yokukugwema ngokuphelele ukumpontshelwa.”b

19. Kungani ungaqiniseka ngokuthi ungalenqaba igazi futhi welashwe ngokuphumelelayo ngokwezokwelapha?

19 OFakazi BakaJehova sekuyisikhathi eside bekwenqaba ukumpontshelwa igazi, hhayi ngokuyinhloko ngenxa yezingozi ezingokwempilo, kodwa ngenxa yokulalela umthetho kaNkulunkulu ngegazi. (IzEnzo 15:28, 29) Nokho, odokotela abanekhono baye bazinakekela ngokuphumelelayo iziguli ezingoFakazi ngaphandle kokusebenzisa igazi, nezingozi ezihambisana nalo. Njengesibonelo esisodwa nje kweziningi ezabikwa ezincwadini zezokwelapha, iArchives of Surgery (November 1990) yaxoxa ngokufakwa kwezinhliziyo ezigulini ezingoFakazi ezinembeza wazo wawuyivumela inqubo enjalo ngaphandle kokusebenzisa igazi. Lombiko wathi: “Iminyaka engaphezu kuka-25 yokuhlangenwe nakho kokuhlinzwa kwenhliziyo okwenziwa koFakazi BakaJehova iye yaphumela ekufakelweni inhliziyo okuphumelelayo ngaphandle kokusebenzisa imikhiqizo yegazi . . . Akukho ukufa kwangaphambi noma kwangemva kokuhlinza okwenzeka, futhi ukuhlola kokuqala kokulandelela kuye kwabonisa ukuthi leziguli azizange zibe sengozini ephakeme yezinga lokwenqaba komzimba isitho esifakelwe.”

Igazi Eliyigugu Kakhulu

20, 21. Kungani kufanele amaKristu aqaphele ukuthi angabi nesimo sengqondo sokuthi “Igazi liwumuthi omubi”?

20 Nokho, kunombuzo ohlola inhliziyo ngamunye wethu adinga ukuzibuza wona. ‘Uma ngiye nganquma ukungakwamukeli ukumpontshelwa igazi, kungani? Ngobuqotho, siyini isizathu sami esiyinhloko, esiyisisekelo?’

21 Siye saphawula ukuthi kunezindlela zokwelapha eziphumelelayo ezingasetshenziswa esikhundleni segazi ezingamfaki umuntu ezingozini eziningi ezihlobene nokumpontshelwa. Izingozi ezinjengesifo sokusha kwesibindi noma ingculaza zize zashukumisela abaningi ukuba benqabe igazi ngezizathu ezingezona ezingokwenkolo. Abanye baqinile ngempela kulokhu, njengokungathi bamasha ngaphansi kwebhanela elithi, “Igazi Liwumuthi Omubi.” Kungenzeka ukuthi umKristu adonseleke kulokho kumasha. Kodwa kuwukumasha emgwaqweni ongafiki ndawo. Kanjani?

22. Yimuphi umbono wokubhekana namaqiniso ngokuphila nokufa okumelwe sibe nawo? (UmShumayeli 7:2)

22 AmaKristu eqiniso ayaqaphela ukuthi ngisho nokunakekelwa okungcono kakhulu kwezokwelapha ezibhedlela ezinhle kakhulu, eqophelweni elithile abantu bayafa. Bempontshelwe noma bengampontshelwe igazi, abantu bayafa. Ukusho lokho akukhona ukuba nombono wokumiselwa. Kuwukubhekana namaqiniso. Ukufa kuyinto engenakubalekelwa namuhla. Abantu abangawuhloniphi umyalo kaNkulunkulu ngegazi ngokuvamile babhekana nokulimala okusheshayo noma kwakamuva ngenxa yalelogazi. Abanye bayafa nokufa ngenxa yegazi abalimpontshelwe. Noma kunjalo, njengoba sonke kumelwe siqaphele ukuthi, labo abasindayo ekumpontshelweni abakakuzuzi ukuphila okuphakade, ngakho igazi alizibonakalisi liye lakusindisa ngokuhlala njalo ukuphila kwabo. Ngakolunye uhlangothi, iningi lalabo abenqaba igazi, ngenxa yezizathu ezingokwenkolo futhi/noma zezokwelapha, nokho abazemukelayo ezinye izindlela zokwelapha balulama kahle kakhulu. Ngaleyondlela bangase banwebe ukuphila kwabo iminyaka eminingi—kodwa hhayi ngokungenasiphelo.

23. Imithetho kaNkulunkulu ngegazi ihlangene kanjani nokuba kwethu abanesono nabadinga isihlengo?

23 Ukuthi bonke abantu abaphilayo namuhla abaphelele futhi kancane kancane bayafa kusiholela ephuzwini eliyinhloko lalokho iBhayibheli elikushoyo ngegazi. UNkulunkulu watshela sonke isintu ukuba singalidli igazi. Ngani? Ngoba limelela ukuphila. (Genesise 9:3-6) Esimisweni soMthetho, wamisa imithetho eyayibhekisela eqinisweni lokuthi bonke abantu banesono. UNkulunkulu watshela amaIsrayeli ukuthi ngokunikela ngemihlatshelo yezilwane, ayengabonisa ukuthi izono zawo zazidinga ukusitshekelwa. (Levitikusi 4:4-7, 13-18, 22-30) Nakuba lokho kungekhona lokho akucelayo kithi namuhla, kunokubaluleka okukhulu manje. UNkulunkulu wayehlose ukulungiselela umhlatshelo owawungazisibekela ngokuphelele izono zabo bonke abakholwayo—isihlengo. (Mathewu 20:28) Yingakho sidinga ukuba nombono kaNkulunkulu ngegazi.

24. (a) Kungani kungaba yiphutha ukuthatha izingozi ezingokwempilo njengephuzu eliyinhloko ngokuphathelene negazi? (b) Yini ngempela okufanele isekele umbono wethu ngokusebenzisa igazi?

24 Kungaba yiphutha ukugxila ngokuyinhloko ezingozini ezingokwempilo zegazi, ngokuba lokho kwakungekhona uNkulunkulu ayegxile kukho. AmaIsrayeli kungenzeka ukuba azuza izinzuzo ezithile ezingokwempilo ngokungalidli igazi, njengoba nje kungenzeka azuza ngokungayidli inyama yezingulube noma eyezilwane ezidla ingcuba. (Duteronomi 12:15, 16; 14:7, 8, 11, 12) Nokho, khumbula ukuthi lapho uNkulunkulu enikeza uNowa ilungelo lokudla inyama, akazange akwenqabele ukudla inyama yezilwane ezinjalo. Kodwa wanikeza umyalo wokuthi abantu akumelwe badle igazi. UNkulunkulu wayengagxili ngokuyinhloko ezingozini ezingokwempilo ezingenzeka. Kwakungelona iphuzu elibalulekile lomyalo wakhe ngegazi. Abakhulekeli bakhe kwakumelwe benqabe ukusekela ukuphila kwabo ngegazi, hhayi ngokuyinhloko ngenxa yokuthi ukwenza kanjalo kwakuyingozi ngokwempilo, kodwa ngenxa yokuthi kwakungengcwele. Benqaba igazi, hhayi ngenxa yokuthi lalingcolile, kodwa ngenxa yokuthi laliyigugu. Kwakungegazi lomhlatshelo kuphela ababengathola ngalo ukuthethelelwa.

25. Igazi lingakusindisa kanjani ukuphila ngokuhlala njalo?

25 Kunjalo futhi nangathi. Kweyabase-Efesu 1:7, umphostoli uPawulu wachaza: “Esinokuhlengwa kuye [uKristu] ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.” Uma uNkulunkulu ethethelela izono zothile futhi embheka njengolungile, lowomuntu unethemba lokuphila okungenasiphelo. Ngakho igazi likaJesu lesihlengo liyakwazi ukusindisa ukuphila—ngokuhlala njalo, eqinisweni, phakade.

[Imibhalo yaphansi]

a Lesinqumo saphetha kanje: “Uma nizilonda ngokucophelela kulezizinto, niyochuma. Mpilonhle!” (IzEnzo 15:29, NW) Amazwi athi “Mpilonhle” ayengesona isithembiso sokuthi, ‘Uma niyeka igazi noma ubufebe, niyoba nempilo engcono.’ Kwakumane nje kuyisiphetho sencwadi, njengokuthi nje, ‘Salani kahle.’

b Izindlela zokwelapha eziningi ezingasetshenziswa esikhundleni sokumpontshelwa igazi zibukezwe encwajaneni ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, ekhishwe ngo-1990 yiWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

Ingabe Ungachaza?

◻ Yisiphi isizathu esiyinhloko sokuba oFakazi BakaJehova benqabe ukumpontshelwa igazi?

◻ Yibuphi ubufakazi obuqinisekisa ukuthi ukuma kweBhayibheli ngegazi akukhona okungenangqondo ngokwezokwelapha?

◻ Isihlengo sihlangana kanjani nomthetho weBhayibheli ngegazi?

◻ Iyiphi indlela okuwukuphela kwayo igazi elingasindisa ngayo ukuphila ngokuhlala njalo?

[Ibhokisi ekhasini 10]

UKUMPONTSHELWA NOKUNGENWA YIZIFO

Ngemva kokubukeza kabanzi ukuthi ukumpontshelwa igazi kungasenza yini isiguli sibe sesimweni sokungenwa yizifo, uDkt. Neil Blumberg waphetha: “Ekuhloleni kwasezibhedlela okungu-12 [kwalendaba], okungu-10 kwathola ukuthi ukumpontshelwa kwakuhlangene ngokuphawulekayo nangokuzimele nengozi enkulu yokungenwa amagciwane . . . Ngaphezu kwalokho, ukumpontshelwa esikhathini eside ngaphambi kokuhlinzwa kungase kukuthinte ukumelana kwesiguli nezifo uma imiphumela yesimiso sokuzivikela somzimba ebangelwa ukumpontshelwa ihlala isikhathi eside njengoba okunye ukuhlola kusikisela . . . Uma lemininingwane ingase inwetshwe futhi iqinisekiswe, kubonakala sengathi ukungenwa yizifo okubi kakhulu kwangemva kokuhlinzwa kungaba yisifo okuwukuphela kwaso esivame kakhulu esiyinhloko esihlobene nokumpontshelwa igazi lomunye.”—Transfusion Medicine Reviews, October 1990.

[Isithombe ekhasini 8]

Amangqamuzana abomvu egazi akhulisiwe. “I‘microliter’ ngalinye (u-0,00003 we-‘ounce’) legazi liqukethe amangqamuzana abomvu egazi asukela ezigidini ezingu-4 kuya kwezingu-6.”—“The World Book Encyclopedia”

[Umthombo]

Kunkel-CNRI/PHOTOTAKE NYC

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela