Imibuzo Yokutadisha Yencwajana Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
Kwezinye izindawo kulezifundo, kubhekiselwe esithasiselweni, esisemakhasini 27-31. Izimpendulo ngezigaba ezibonisiwe zingase zihlanganiswe ngesikhathi sesifundo, njengoba izigaba zesithasiselo zizofundwa uma isikhathi sivuma.
ISONTO LOKUQALA
Ikhasi 2
1-4. Kungani kuyisikhathi esifanele sokucabangela indlela igazi elingakusindisa ngayo ukuphila? (Bheka ikhasi 27, izigaba 1-3.)
Ikhasi 3
1, 2. Kungani kungokuvamile ukubheka ukuphila njengokuhlangene negazi, futhi uNkulunkulu uhileleka kanjani kulendaba?
3, 4. Kungani kufanele sibe nesithakazelo kulokho uNkulunkulu akushoyo ngegazi?
5. Kungenxa yasiphi isizathu kufanele sinakisise uGenesise 9:3-6, futhi ibaluleke ngani leyondinyana?
6. AmaIsrayeli ayengaphansi kwaziphi izibopho mayelana negazi?
Ikhasi 4
1, 2. Imithetho kaNkulunkulu yamzuzisa kanjani uIsrayeli wasendulo, kodwa sasiyini isizathu esisemqoka sokuba uIsrayeli agweme igazi?
3. Umthetho omayelana negazi kwakumelwe ubhekwe kanjani esimweni esiphuthumayo?
Ikhasi 5
1, 2. Ngokuqondene nomthetho omayelana negazi, isiphi isibonelo uJesu asibeka?
3, 4. (a) Umkhandlu wabaphostoli wanquma ukuthini mayelana namaKristu negazi? (b) Sazi kanjani ukuthi ukugwema igazi kwakungesona nje isinqumo sesikhashana?
5. Ngokwabaphostoli bakaJesu, kwakubaluleke kangakanani ukugwema igazi?
6, 7. Ibuphi ubufakazi obengeziwe obubonisa ukuthi isinqumo ngegazi sasiyimfuneko ehlala njalo?
Ikhasi 6
1, 2. Igazi lalisetshenziswa kanjani kwezokwelapha ezikhathini zangaphambi kobuKristu?
3. AmaKristu okuqala asabela kanjani ekusetshenzisweni kwegazi, ngisho nakwezokwelapha, ezikhathini zamaRoma?
4-6. (a) Ukusetshenziswa kokumpontshelwa kwegazi kwaqala kanjani? (b) Ngokucabangela umthetho kaNkulunkulu, kungani ukumpompela igazi emithanjeni kungaba okungalungile?
7. Kungani oFakazi BakaJehova benqaba ukumpontshelwa igazi? (Bheka ikhasi 27, izigaba 4-7.)
Ikhasi 7
1. Nakuba isizathu esiyinhloko sokuba amaKristu agweme ukumpontshelwa igazi singokwenkolo, kungani kufanele sihlole izici zokwelapha ngengazi?
ISONTO LESIBILI
Ikhasi 7
2, 3. Ukumpontshelwa igazi kunayiphi indawo kwezokwelapha kwanamuhla?
4, 5. Kungani kunengqondo ukucabangela ukuthi ukumpontshelwa kungaba yini ingozi?
Ikhasi 8
1. Yini esiyibuza ngokuhlakanipha ngokuphathelene nokumpontshelwa igazi?
2, 3. Kungani ukuhlola uhlobo lwegazi nokulifanelanisa kubalulekile kodwa kungasho ukuthi kwanele?
4, 5. Ukumpontshelwa igazi kungazibangela kanjani izinkinga zesimiso somzimba sokuzivikela?
6, 7. Ukumpontshelwa igazi kungenza muphi umonakalo ngemva kokuhlinzelwa umdlavuza?
Ikhasi 9
1. Bubaluleke ngani ubufakazi obuphathelene nokumpontshelwa igazi nokuhlinzelwa umdlavuza?
2, 3. Yimuphi omunye umonakalo ukumpontshelwa okungase kube nawo esimisweni somzimba sokuzivikela?
4, 5. Kungani abantu bedinga ukwazi ngengozi yokuthola isifo ekumpontshelweni?
Ikhasi 10 (Ibhokisi)
1, 2. Ingengathi sína kangakanani ingozi yesifo sokusha kwesibindi esithwalwa igazi?
3. Eqophelweni elithile, kungani kwabonakala sengathi ingozi yokuthola isifo sokusha kwesibindi egazini yayinqotshwa?
4, 5. Iziphi izenzakalo ezabonisa ukuthi ingozi yokuthola isifo sokusha kwesibindi egazini kwakusamelwe inakwe?
6-8. Kungani ukukhathazeka ngesifo sokusha kwesibindi kungeyona into yesikhathi esedlule?
Ikhasi 11
1. Yini engase ibonise ukuthi izingozi zezifo zegazi kusekude ukuba zinyamalale?
2-4. Igazi lingamenza kanjani umuntu avulekele ekungenweni izifo ezingavamile endaweni yakubo? (Bheka futhi ibhokisi, ekhasini 11.)
5-7. Ubhadane lwengculaza luye lwabonisa kanjani ukuthi izingozi ezintsha, ezibulalayo zingase zihlanganiswe negazi?
Ikhasi 12
1, 2. Kungani ukusetshenziswa kokuhlola ukuze kutholwe amasosha omzimba alwa negciwane lengculaza kungaqinisekisi ukuthi igazi alinangozi?
3-5. Kungani usongo lwegciwane lengculaza lungelona ukuphela kwendaba?
6, 7. Yikuphi ukukhathazeka okunengqondo ochwepheshe abanakho ngamagciwane athwalwa igazi?
ISONTO LESITHATHU
Ikhasi 13
1, 2. Ubani ofuna ukunakekelwa kwezokwelapha kwezinga elihle, futhi lokhu kuhlanganisani?
3-5. Ungakubonisa kanjani ukuthi zikhona ezinye izindlela zokwelapha ezingasetshenziswa esikhundleni sokumpontshelwa igazi?
6-8. Ngokuvamile igazi belimpontshelwa nini, kodwa kungani lomkhuba wawungenaso isizathu esihle?
Ikhasi 14
1. Yini ebonisa ukuthi amazinga ehemoglobin angaphansi kwavamile angamukelwa?
2, 3. Endabeni yokulahlekelwa igazi ngokushesha, yini edingekayo, futhi lenkinga ingasingathwa kanjani?
4. Kungani uketshezi olubuyisela umthamo olungenalo igazi lusebenza ngokuphumelelayo?
5. Odokotela bangasisiza kanjani isiguli ukuba sibhekane nokulahlekelwa amangqamuzana abomvu?
Ikhasi 15
1. Yini engenziwa ukuze kusheshiswe ukukhiqizwa kwamangqamuzana abomvu?
2-4. Kungancishiswa kanjani ukulahlekelwa igazi phakathi nokuhlinzwa?
Ikhasi 16
1-3. Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi ukuhlinzwa okukhulu kungenziwa ngaphandle kwegazi?
4-6. Yiziphi izinhlobo ezihlukahlukene zokuhlinzwa okungenziwa ngaphandle kokusebenzisa igazi? (Bheka ikhasi 28, izigaba 2-4.)
Ikhasi 17
1. Yimiphi imiphumela emihle eye yatholwa ekuhlinzeni inhliziyo lapho igazi lingazange lisetshenziswe khona?
2-4. Iziguli ezingoFakazi BakaJehova ngokwazo ziba kanjani nengxenye emphumeleni omuhle kakhulu otholakala kaningi ekuhlinzeni okungasebenzisi gazi?
ISONTO LESINE
Ikhasi 17
5, 6. Kuyini ukuhlaziya izingozi/izinzuzo, futhi kusetshenziswa kanjani?
Ikhasi 19
1, 2. Iyiphi indima isiguli esinayo ekuhlaziyeni izingozi/izinzuzo?
3-5. Kungani ukwelapha ngegazi kuhlanganiswa ngokufanele lapho kucatshangelwa izingozi nezinzuzo? (Bheka ikhasi 31, izigaba 1, 2.)
6. Isiphi isimiso esingokomthetho esisebenzayo egunyeni lakho lokukhetha izindlela zokwelashwa? (Bheka ikhasi 30, izigaba 1-8.)
Ikhasi 18 (Ibhokisi)
1-4. Iziguli ezingoFakazi zenzani ukuze ziqede ukukhathazeka ezisebenzini zezokwelapha ngokudingwa umthetho? (Bheka ikhasi 28, isigaba 4.)
5-7. Ngokucabangela lokho oFakazi abayokwenza ukuze baqede ukukhathazeka ngokudingwa umthetho, kungani kunengqondo ngodokotela nezibhedlela ukuba babambisane nabo?
Ikhasi 20
1-3. Ezinye izisebenzi zezokwelapha ziye zasabela kanjani ekumeni okuthathwa oFakazi?
4, 5. Kwenzeka kanjani ukuba izinkantolo zihileleke ezimweni ezithile zeziguli ezingoFakazi?
Ikhasi 21
1, 2. Kungani ukuphendukela ezinkantolo kungeyona indlela engcono kakhulu yokusingatha izimo ezihilela oFakazi negazi?
3, 4. Kungenxa yaziphi izizathu kungokungafanelekile ukuphendukela ezinkantolo ngisho nalapho isiguli singumntwana?
5, 6. Yiliphi igunya labazali elisebenzayo ekukhetheni ukwelashwa kwabantwana? (Bheka ikhasi 28, isigaba 5, nekhasi 29, isigaba 1.)
Ikhasi 22
1-4. Iziphi izimpawu ezithile ezingokomthetho zokuthi abazali kufanele bakhululeke ukuba benzele abantababo izinqumo zezokwelapha?
5. Kungani abazali abangoFakazi nezisebenzi zezokwelapha kufanele basebenze ndawonye?
ISONTO LESIHLANU
Ikhasi 22
6, 7. Yimaphi amaphuzu ayisihluthulelo okufanele ube nawo engqondweni mayelana negazi nesicelo soFakazi sokwelashwa ngaphandle kwegazi?
Ikhasi 23
1-3. Ngisho noma abanye befa ngokwenqaba igazi, yini okungamelwe singayinaki? (Bheka ikhasi 29, izigaba 2-5, nekhasi 31, izigaba 3-5.)
4, 5. Yimuphi umbono owukubhekana namaqiniso ngokuqondene nokufa negazi?
Ikhasi 24
1, 2. Yini engasisiza ukuba siqonde indlela igazi elingakusindisa ngayo ngempela ukuphila?
3, k. 25, isig. 1. Ezikhathini zangaphambi kobuKristu, wawuyini umbono kaNkulunkulu ngegazi, futhi ngani?
Ikhasi 25
2. Igazi lahileleka kanjani ngoSuku Lokubuyisana, futhi kungani kufanele kube nendaba kithi?
3, 4. Yikuphi ukuhlangana okukhona phakathi koSuku Lokubuyisana nendima kaJesu?
5. (a) Siyini isizathu esiyisihluthulelo sokuba amaKristu agweme igazi? (b) Kungani kungafanele sizigcizelele kakhulu izingozi zokumpontshelwa igazi?
6, 7. (a) Igazi lihlangene ngani nokuma kwethu noNkulunkulu? (b) Iyiphi imfundiso okumelwe siyibheke njengomnyombo wombono wethu ngegazi?
8. Kungani singase sisho ukuthi ukuma koFakazi ngegazi kubonisa inhlonipho ngokuphila?
Ikhasi 26
1, 2. Igazi lihileleke kanjani ekusaseni lethu laphakade?