Igazi Elikusindisa Ngempela Ukuphila
Amaphuzu athile asobala ekwazisweni okwandulelayo. Nakuba abantu abaningi bekubheka njengokusindisa ukuphila, ukumpontshelwa igazi kugcwele izingozi. Unyaka ngamunye izinkulungwane ziyafa ngenxa yokumpontshelwa; izindimbane ezengeziwe zigula kakhulu futhi zibhekane nemiphumela yesikhathi eside. Ngakho, ngisho nangokombono ongokwenyama, kwamanje kunokuhlakanipha ekulaleleni umyalo weBhayibheli ‘wokuyeka igazi.’—IzEnzo 15:28, 29.
Iziguli zivikeleka ezingozini eziningi uma zicela ukunakekela kwezokwelapha okungasebenzisi igazi. Odokotela abanekhono abaye bamukela inselele yokukusebenzisa koFakazi BakaJehova baye bathuthukisa indlela yokwelapha ephephile nephumelelayo, njengoba kuboniswa emibikweni eminingi yezokwelapha. Odokotela abanikeza ukunakekela kwezokwelapha kwezinga elihle ngaphandle kwegazi abayekethisi izimiso zokwelapha ezaziswayo. Kunalokho, babonisa inhlonipho ngegunya lesiguli lokwazi izingozi nezinzuzo ukuze sikwazi ukwenza ukukhetha okuqondisiwe ngalokho okuzokwenziwa emzimbeni nasekuphileni kwaso.
Akukhona ukuthi sintula ulwazi kulendaba, ngoba siyaqaphela ukuthi akubona bonke abazovumelana nalenqubo. Abantu bayahluka mayelana nonembeza, izindinganiso, nombono ngezokwelapha. Ngakho, abanye, kuhlanganise nodokotela abathile, bangase bakuthole kunzima ukwamukela isinqumo sesiguli sokuyeka igazi. Omunye udokotela ohlinzayo waseNew York wabhala: “Angisoze ngikhohlwe eminyakeni engu-15 edlule, njengodokotela osafunda lapho ngimi eceleni kombhede womunye uFakazi KaJehova owopha waze wafa ngenxa yesilonda esasisethunjini lenanzi. Izifiso zesiguli zahlonishwa futhi asizange simpontshelwe, kodwa ngisakukhumbula kahle ukukhungatheka okukhulu engakuzwa njengodokotela.”
Ngokungangabazeki wayekholelwa ukuthi igazi laliyokusindisa ukuphila. Nokho, esikhathini esingangonyaka ngemva kokuba elobé lokho, iBritish Journal of Surgery (kaOctober 1986) yabika ukuthi ngaphambi kokufika kwendlela yokumpontshelwa, ukopha kwangaphakathi ‘kwakunezinga lokufa elingamaphesenti angu-2,5 kuphela.’ Kusukela ukumpontshelwa kwaba inqubo, ‘ukuhlola okuningi okukhulu kubika izinga lokufa elingamaphesenti ayishumi.’ Kungani kuba nezinga lokufa eliphakeme ngokuphindwe kane? Abacwaningi basikisela lokhu: “Ukumpontshelwa kwegazi okwenziwa zisuka nje kubonakala kubuyisela emuva ukusabela komzimba kokwenza amahlule engeziwe anqanda ukopha, ngaleyondlela kukhuthaza ukuphinde wophe.” Lapho uFakazi owayenesilonda esophayo enqaba igazi, ukukhetha kwakhe kungenzeka ukuthi eqinisweni kwenza amathuba akhe okusinda aphakama ngesilinganiso esiphelele.
Yena lodokotela ohlinzayo wanezela: “Ukuhamba kwesikhathi nokwelapha iziguli eziningi kuvamé ukuwushintsha umbono womuntu, futhi namuhla ngithola ukwethembana phakathi kwesiguli nodokotela waso, nesibopho sokuhlonipha izifiso zesiguli kubaluleke kakhulu kunobuchwepheshe obusha bezokwelapha obusizungezile. . . . Kuyathakazelisa ukuthi lokhuya kukhungatheka manje sekudedele umuzwa wokwesaba nenhlonipho ejulile ngokholo olugxilile lwalesosiguli.” Lodokotela waphetha: ‘Kungikhumbuza ukuthi kufanele ngaso sonke isikhathi ngihloniphe izifiso zesiguli zomuntu siqu nezingokwenkolo kungakhathaliseki ukuthi iyini imizwa yami noma imiphumela.’
Kungenzeka ukuthi kakade usuqaphela okuthile odokotela abaningi abakuqonda ‘ngokuhamba kwesikhathi nangokwelapha iziguli eziningi.’ Ngisho nalapho bethola ukunakekela kwezokwelapha okungcono kakhulu ezibhedlela ezingcono kakhulu, eqophelweni elithile abantu bayafa. Bempontshelwe igazi noma bengampontshelwanga, bayafa. Sonke siyaguga, futhi isiphelo sokuphila siyasondela. Leyo akuyona inkolelo yokumiselwa. Kuwukubhekana namaqiniso. Ukufa kuyiqiniso elingenakuphikwa.
Ubufakazi bubonisa ukuthi abantu abangawunaki umthetho kaNkulunkulu ngegazi ngokuvamile bahlangabezana nokulimala okwenzeka ngokushesha noma kamuva; abanye bafe ngisho nokufa ngenxa yalelogazi. Labo abasindayo abazange bazuze ukuphila okuphakade. Ngakho ukumpontshelwa igazi akukusindisi ukuphila phakade.
Abantu abaningi labo, ngenxa yezizathu ezingokwenkolo futhi/noma zezokwelapha, abenqaba igazi kodwa bamukele indlela ehlukile yokwelapha balulama kahle kakhulu. Ngaleyondlela bangase banwebe ukuphila kwabo ngeminyaka eminingi. Kodwa hhayi ngokungenasiphelo.
Ukuthi bonke abantu abaphelele futhi kancane kancane bayafa kusiholela eqinisweni eliwumnyombo lalokho iBhayibheli elikushoyo ngegazi. Uma siliqonda futhi siliqaphela leliqiniso, sizobona indlela igazi empeleni elingakusindisa ngayo ukuphila—ukuphila kwethu—phakade.
IGAZI OKUWUKUPHELA KWALO ELISINDISA UKUPHILA
Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, uNkulunkulu watshela sonke isintu ukuthi akumelwe sidle igazi. Ngani? Ngenxa yokuthi igazi limelele ukuphila. (Genesise 9:3-6) Lokhu wakuchaza ngokuqhubekayo esimisweni soMthetho esanikezwa uIsrayeli. Lapho lesimiso soMthetho siqiniswa, kwasetshenziswa igazi lezilwane ezazenziwe umhlatshelo ealtare. (Eksodusi 24:3-8) Imithetho eyayikulesosimiso yabhekisela eqinisweni lokuthi bonke abantu abaphelele; banesono, njengoba iBhayibheli likubeka. UNkulunkulu watshela amaIsrayeli ukuthi ngemihlatshelo yezilwane eyayinikelwa kuye, ayengasibona isidingo sokuba izono zawo zisitshekelwe. (Levitikusi 4:4-7, 13-18, 22-30) Kuyavunywa, yilokho uNkulunkulu ayekucelile kuwo emuva ngalesosikhathi, akukhona lokho akucelayo kubakhulekeli beqiniso namuhla. Nokho kunokubaluleka okukhulu kithina namuhla.
UNkulunkulu ngokwakhe wachaza isimiso okusekelwe kuso leyomihlatshelo: “Umphefumulo [noma, ukuphila] womzimba usegazini; ngimniké lona ealtare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo. Ngalokho ngathi kubantwana bakwaIsrayeli: Makungabikho-muntu kini odla igazi.”—Levitikusi 17:11, 12.
Ngomkhosi wasendulo obizwa ngokuthi uSuku Lokubuyisana, umpristi omkhulu wakwaIsrayeli wayethatha igazi lezilwane ezenziwe umhlatshelo angene nalo engxenyeni engcwele kakhulu yethempeli, isikhungo sokukhulekelwa kukaNkulunkulu. Ukwenza lokho kwakuyindlela engokomfanekiso yokucela uNkulunkulu ukuba asibekele izono zabantu. (Levitikusi 16:3-6, 11-16) Leyomihlatshelo ayizange eqinisweni isiqede sonke isono, ngalokho kwakudingeka iphindaphindwe unyaka ngamunye. Noma kunjalo, lokhu kusetshenziswa kwegazi kwabeka isibonelo esibalulekile.
Imfundiso eyinhloko eBhayibhelini iwukuthi ekugcineni uNkulunkulu wayeyolungiselela umhlatshelo owodwa ophelele ongakwazi ukuhlawulela ngokugcwele izono zabo bonke abakholwayo. Lokhu kubizwa ngokuthi isihlengo, futhi sigxile emhlatshelweni kaMesiya obikezelwe, noma uKristu.
IBhayibheli liqhathanisa indima kaMesiya nalokho okwakwenziwa ngoSuku Lokubuyisana: “Lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula [ithempeli] elikhulu neliphelele kunalelo elingenziwanga ngezandla, . . . wangena kanye kuphela endaweni engcwele [ezulwini], kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade. Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.”—Heberu 9:11, 12, 22.
Ngakho kuba sobala ukuthi kungani kudingeka ukuba sibe nombono kaNkulunkulu ngegazi. Ngokuvumelana negunya lakhe njengoMdali, uye wanquma ukuthi yikuphi kuphela lapho lingasetshenziswa khona. Kungenzeka ukuthi amaIsrayeli asendulo avuna izinzuzo ngokwempilo ngokungalidli igazi lezilwane noma elabantu, kodwa lokho kwakungelona iphuzu elalibaluleke kakhulu. (Isaya 48:17) Kwakudingeka agweme ukusekela ukuphila kwawo ngegazi, hhayi ngokuyinhloko ngenxa yokuthi ukwenza okuphambene nalokho kwakungalondekile ngokwempilo, kodwa ngenxa yokuthi kwakungengcwele kuNkulunkulu. Kwakudingeka agweme igazi, hhayi ngenxa yokuthi lalingcolile, kodwa ngenxa yokuthi laliyigugu ekuzuzeni ukuthethelelwa.
Umphostoli uPawulu wachaza ngesihlengo: “Esinokuhlengwa kuye [uKristu] ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.” (Efesu 1:7) Igama lesiGreki sokuqala elilapho lihunyushwe ngokufanele ngokuthi “igazi,” kodwa izinguqulo eziningana zeBhayibheli zenza iphutha ngokusebenzisa igama elithi “ukufa” esikhundleni salo. Ngakho, abafundi bangase balahlekelwe ukugcizelelwa kombono woMdali wethu ngegazi nenzuzo engokomhlatshelo aye walihlanganisa nayo.
Isihloko seBhayibheli sigxile eqinisweni lokuthi uKristu wafa njengomhlatshelo wesihlengo ophelele kodwa akazange ahlale efile. Ngokuvumelana nesibonelo uNkulunkulu asibeka ngoSuku Lokubuyisana, uJesu wavuselwa ezulwini ukuze “abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.” Lapho waletha inani legazi lakhe lomhlatshelo. (Heberu 9:24) IBhayibheli ligcizelela ukuthi kumelwe sigweme noma iyiphi inkambo eyofana ‘nokunyathela phansi iNdodana kaNkulunkulu, nokudelela igazi layo.’ Kungalendlela kuphela lapho singakwazi khona ukulondoloza ubuhlobo obuhle nokuthula noNkulunkulu.—Heberu 10:29; Kolose 1:20.
JABULELA UKUPHILA OKUSINDISWA NGEGAZI
Lapho siqonda lokho uNkulunkulu akushoyo ngegazi, siqala ukuba nenhlonipho enkulu kakhulu ngokubaluleka kwalo okusindisa ukuphila. ImiBhalo ichaza uKristu njengalowo “osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe.” (IsAmbulo 1:5; Johane 3:16) Yebo, ngegazi likaJesu, singazuza ukuthethelelwa kwezono zethu okuphelele nokuhlala njalo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.” Yileyondlela ukuphila okuphakade okungasindiswa ngayo ngegazi.—Roma 5:9; Heberu 9:14.
Esikhathini eside esidlule uJehova uNkulunkulu wanikeza isiqinisekiso sokuthi ‘yonke imindeni yomhlaba ingazibusisa’ ngoKristu. (Genesise 22:18, NW) Lesosibusiso sihlanganisa ukubuyisela umhlaba ekubeni ipharadesi. Khona-ke isintu esikholwayo asisayikuhlushwa ukugula, ukuguga, noma ngisho nokufa; siyojabulela izibusiso eziludlula kude usizo lwesikhashana izisebenzi zezokwelapha ezisinikeza lona okwamanje. Sinikezwe lesithembiso esimangalisayo: “Azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:4.
Khona-ke, yeka ukuthi kuhlakaniphe kanjani ngathi ukuba sizithathe ngokungathi sína zonke izimfuneko zikaNkulunkulu! Lokho kuhlanganisa ukulalela imiyalo yakhe ngegazi, ukungalisebenzisi ngokungafanele ngisho nasezimweni zezokwelapha. Kanjalo asiyikuphilela okwalomzuzu kuphela. Kunalokho, siyobonisa inhlonipho yethu ephakeme ngokuphila, kuhlanganise nethemba lethu lesikhathi esizayo lokuphila okuphakade njengabantu abaphelele.
[Ibhokisi ekhasini 25]
Abantu bakaNkulunkulu benqaba ukusekela ukuphila kwabo ngegazi, hhayi ngenxa yokuthi ukwenza lokho kwakungalondekile ngokwempilo, kodwa ngenxa yokuthi kwakungengcwele, hhayi ngenxa yokuthi igazi lalingcolile, kodwa ngenxa yokuthi laliyigugu.
[Isithombe ekhasini 24]
“Esinokuhlengwa kuye [uJesu] ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono.”—Efesu 1:7
[Isithombe ekhasini 26]
Ukusindisa ukuphila ngegazi likaJesu kuvula indlela eya ekuphileni okungenasiphelo, okunempilo epharadesi lasemhlabeni