Ingabe Uyakusebenzisa Lokho Onakho?
1 UJesu Kristu wanikeza abafundi bakhe isiqondiso ezindabeni eziphathelene nokukhulekela kweqiniso. Ngokuqondene nengxoxo kaJesu nababili babafundi bakhe, uLuka ubika ukuthi uJesu “wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.” (Luka 24:27, 32, 45) Ngokuqinisekile abafundi baqabuleka kakhulu futhi baqiniswa imiyalo yakhe. Nokho, ngesikhathi esifanele uJesu kwadingeka ukuba abashiye. Babeyokwazi kanjani ukuqonda iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe ngaphandle kwakhe? Ingabe babeyokwazi ukulisebenzisa ekuphileni kwabo?
2 UJesu akazange abashiye dengwane abafundi bakhe, belahliwe ukuba bazenzele izinqumo zabo siqu zokungapheleli. Ngokushesha baqaphela ukuthi ngenkathi ehleli nabo emhlabeni, uJesu wayelungiselele ukwaziswa okuningi okwakungasetshenziswa ngokuphumelelayo ukuze bathole isiqondiso ezindabeni eziningi ezihlukahlukene. Babekwazi ukuqonda okwakufanele bakwenze njengoba ‘babewakhumbula amazwi akhe.’ (Luka 24:8; Joh. 14:26) Ngokuhamba kwesikhathi, amazwi kaJesu amaningi alotshwa eZwini likaNkulunkulu ukuze sizuze.
3 Njengoba ibandla lobuKristu laliqala ukusebenza, labo ababehola basiza abazalwane ukuba bakhumbule lokho uJesu ayekufundisile ngaphambili. Encwadini yakhe yesibili, uPetru wabhala: “Engivusa ngazo ingqondo yenu emhlophe ngokunikhumbuza, ukuze nikhumbule amazwi ashunyayelwa phambili yibo abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu.” (2 Pet. 3:1, 2) Ngakho, ezikhathini eziningi, ngisho nalapho kwakucatshangelwa izindaba ezibaluleke kakhulu, kwakumane nje kudinga ukuba kusetshenziswe lokho okwase kukhona kakade.—IzE. 15:12-21.
4 Isiyalo esinjalo asikaze siphelelwe isikhathi, noma sibe esidala. Eminyakeni edlule, uJehova ngokuqhubekayo wanikeza abantu bakhe ukuyiqonda okucace kangcono intando yakhe. (IzAga 4:18) Ukulungisa ekuqondeni kwachazwa kahle futhi kwafakazelwa ngezizathu ezicacile inhlangano. Kukho konke lokhu, izimiso eziyisisekelo ziye zahlala zinjalo. Ngokwesibonelo, yingakho iNtshumayelo kaJesu yaseNtabeni isewusizo nanamuhla njengoba yayinjalo cishe eminyakeni eyizi-2 000 edlule. Asikho isidingo sokwambulwa okusha kweqiniso uma esikudingayo sikunikiwe kakade.
UKWANELISA IZIDINGO EZINGOKOMOYA EZIKHONA
5 Kusukela ngawo-1870, ibandla lamaKristu lanamuhla liye laqhubekela ngokuthuthukayo ekuliqondeni okucace kangcono iZwi likaNkulunkulu. Eminyakeni edlule, kuye kwaphakama imibuzo eminingi ehlukahlukene edinga izimpendulo eziqinisekile. ‘Inceku ethembekileyo neqondayo’ iye yalungiselela “ukudla” okunjalo “ngesikhathi sakho.” (Math. 24:45) Umbuzo ngamunye uye wacwaningisiswa ngokukhanyiselwa iqiniso leBhayibheli, futhi ukuqondiswa okukhethekile kuye kwalungiselelwa abantu bakaJehova. Konke lokhu kwaziswa kuye kwadluliselwa kithi ngezincwadi zenhlangano engokwasezulwini, ikakhulukazi ngomagazini INqabayokulinda.
6 Ngokubukeza lokho okuye kwakhishwa eminyakeni edlule, kusobala ukuthi kakade izincwadi zeNhlangano seziye zalungiselela isiqondiso kunoma iyiphi indaba yeBhayibheli efika engqondweni. Izimfundiso zenkolo ziye zahlaziywa ngokuphelele. Izimiso ezibusa ukuziphatha kwamaKristu ziye zachazwa ngokucacile. Futhi izimfuneko zokufeza umsebenzi omkhulu wokushumayela ziye zachazwa ngokucophelela. Ngenxa yalokhu, kuye kwaqongelelwa ingcebo yokwaziswa okuseBhayibhelini ukuze kuzuze wonke umuntu. Ngokwesibonelo, imiqulu yeNqabayokulinda nePhaphama! iyinqolobane yesiyalo. Uma besibagcinile omagazini bethu beNqabayokulinda nePhaphama! emafayilini eNhlangano anoqwembe oluqinile kusukela ngo-1960 kuya ku-1988, eqinisweni, besiyoba ne-encyclopedia enemiqulu engama-58 egcwele ulwazi olubalulekile IwemiBhalo kanye nokwaziswa kweminye imikhakha engenakubalwa. Isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” siye sahlola amakhulu amaningi emibuzo. Ayikho indaba esingathi ayihlanganiswanga ngandlela-thile kwenye yalezincwadi. Ngokufanelekile, lapho sidinga ukuqondiswa ngandlela-thile, ngokuvamile kuyindaba elula nje yokukhumbula lokho okwakulethwe ekunakekeleni kwethu esikhathini esedlule.
7 Noma kunjalo, ukufuna ukwaziswa okukhethekile esikudingayo ngalowomzuzu bekungaba umsebenzi omkhulu uma bekudingeka sithembele enkumbulweni yethu. Ngokujabulisayo, iNhlangano ilungiselele iWatch Tower Publications Index 1930-1985 esingayisebenzisa ukuze sithole imininingwane ekhethekile ngesikhashana. Lelndex ikhomba ezincwadini ezingaphezu kwezingama-200 ezakhishwa esikhathini esiyiminyaka engama-56. Ingabe usukufundile ukusebenzisa i-Index ekufuneni ukwaziswa okudingayo? Ingabe uyakusebenzisa lokho onakho? Futhi, kukhona izikhombo zaminyaka yonke komagazini beNqabayokulinda bakaDecember 15 kanye nomagazini nePhaphama! bakaDecember 8, futhi ezinye izincwadi ziqukethe ezazo izikhombo.
YIBA NGUMENZI—UNGABI NGUMUZWI OKHOHLWAYO
8 INhlangano, ngezincwadi zayo, iyasisiza ukuba siqonde intando kaJehova. Kufanele sibe ngabenzi futhi sikusebenzise lokho esikufundayo kunokuba sibe ngabazwi abakhohlwayo. (Jak. 1:25) Lokho okulethwa ekunakekeleni kwethu akufanele kubhekwe njengesiyalo okufanele sibekwe eceleni futhi silitshalwe ngemva kokucatshangelwa isikhashana. Kunalokho, kufanele silalele sinombono wokukukhumbula lapho kunesidingo esikhathini esizayo. Ukuze senze lokho, “kubalulekile ngathi ukuba siziqaphelisise ngaphezu kokuvamile izinto esizizwayo.”—Heb. 2:1, NW.
9 ‘Siziqaphelisisa ngaphezu kokuvamile’ ngayiphi indlela? INqabayokulinda kaMarch 15, 1989, ikhasi 14, ichaza ukuthi: (1) Sidinga ukuqaphela inhlangano kaJehova futhi sikubonise lokhu ngokubambisana kwethu nayo nangokuba khona njalo emihlanganweni. (2) Kumelwe sikhuthale esifundweni sethu somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezilungiselelwe isigaba senceku. (3) Kubalulekile ukuzindla ngezinto esizifundayo ukuze zisetshenziswe ekuphileni kwethu futhi zisetshenziswe ekusizeni abanye.
10 Izincwadi zinikeza isiyalo esiqhubekayo ngendlela esingahlangabezana ngayo nezinselele esibhekana nazo ekukhuliseni imikhaya yethu, ekuhlaleni sicocekile ngokokuziphatha, nasekusebenzelaneni nabanye. Usabela kanjani esiyalweni esinjalo? Ingabe uyasazisa, uziqaphela ngokucophelela izinto ezisebenza kuwena siqu? Noma usibheka nje njengento ethakazelisa okwesikhashana, edlulayo? Ukwazisa kufanele kusishukumisele ukuba sikugcine lokho kwaziswa futhi sizindle ngakho ngenjongo yokukukhumbula kamuva futhi sikusebenzise ngokugcwele.—Isaya 48:17.
11 Sidinga ukwenza okungaphezu kokufunda nje lokho okulungiselelwe. Lokho ngokuvamile kungaba okwenziwa ngokunganaki futhi kube ukukha phezulu. Kunalokho, kufanele sikutadishe. Ukutadisha kusho ukugxilisa ingqondo endabeni ethile ngendlela ehlelekile siyifundele ukuyisebenzisa esikhathini esizayo, ukwenza into ibe isici sokucatshangelwa ngenjongo yokwenza isenzo. Lokhu kusho ukuthi isimo sethu sengqondo kulokho okufundwayo eqinisweni sinquma indlela okuyogxila ngayo ezingqondweni zethu futhi kusetshenziswe ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Njengoba sitadisha, kufanele sizibuze ngokuqhubekayo: Lokhu kusebenza kanjani kimi? Ngingakusebenzisa kanjani lokhu ukuze ngiqhubekise intuthuko yami engokomoya? Yiziphi izinguquko okudingeka ngizenze? Ngingakusebenzisa kanjani ekusizeni abanye? Ngingabachazela kanjani abanye abantu ngakho?
UKUTHUTHUKISA INKONZO YETHU YASENSIMINI?
12 INkonzo Yethu YoMbuso ngokuvamile ihlaziya izidingo nokuthambekela enkonzweni yasensimini, iveza izindlela ezingasisiza ukuba sithole imiphumela enenzuzo. Njengoba ikhishwa njalo ngenyanga, ingabe uthambekele ekubhekeni isiyalo sayo njengesibaluleke noma esisebenza ngalesosikhathi kuphela kungakaphumi elandelayo? Omunye wemigomo eyisisekelo enkonzweni ubulokhu uwukufinyelela izinhliziyo zabantu nesigijimi soMbuso. Izithakazelo zabantu, imizwelo, nezimo zengqondo ngokuyisisekelo kuye kwahlala kunjalo eminyakeni edlule. Kungasetshenziswa izindlela eziningi ezihlukahlukene ngokuphumelelayo ukuze kuvuswe isithakazelo. INkonzo Yethu YoMbuso imane nje isenza siqaphele lokho abanye abakusebenzisa ngokuphumelelayo. Nakuba kuye kwasikiselwa izindlela eziningi ezihlukahlukene esikhathini eside, izindlela eziyisisekelo azishintshi. Ukusikisela okusetshenziswayo manje kungenzeka ukuthi kwanikezwa esikhathini esidlule, futhi kungase kuphinde kusetshenziswe esikhathini esizayo.
13 Elinye ilungiselelo elivelele liye laba incwadi Ukubonisana. Ikhasi 8 lichaza ukuthi “ukusebenzisa lencwadi kumelwe kukusize ukuba uhlakulele ikhono lokubonisana ngemiBhalo nokuyisebenzisa ngokuphumelelayo ekusizeni abanye.” Abamemezeli abaningi baye balandisa ngokuhlangenwe nakho okujabulisayo okubonisa indlela lencwadi eye yasetshenziswa ngayo ukuze kutholakale imiphumela eyanelisa kakhulu. Ukwaziswa okukuyo kuwusizo ekukusebenziseni kunoma isiphi isimo okubhekwana naso enkonzweni yethu. Kungaba okunenzuzo enkulu ukubukeza izingxenye ezikhethiwe ngaphambi kokuhlanganyela enkonzweni yasensimini isonto ngalinye. Kufanele ngaso sonke isikhathi sibe nekhophi yayo esikhwameni sethu sezincwadi. Kuye kwatuswa futhi ukuthi ibe phakathi kwezincwadi esiza nazo njalo emihlanganweni. Ngokuba nayo eduze nangokujwayelana nekuqukethe, ngempela senza umzamo ‘wokupheleliselwa yonke imisebenzi emihle.’—2 Thim. 3:17.
14 Sibonisa ukwazisa ngalokho uJehova akulungiselele ngokukusebenzisa kahle enkonzweni yethu. Ukudla okungokomoya okudingekile kanye nesiqondiso enkonzweni yethu kuye kwenziwa kwatholakala ngobuningi. Sidinga ‘ukunakekela lezozinto, sime kuzo.’ (1 Thim. 4:15) Lokhu kuyosenza sikwazi ukukukhumbula lokho esikudingayo ngesikhathi esifanele. Lapho sidinga usizo ekukhumbuleni, sinezincwadi eziklanyelwe ukuphaphamisa inkumbulo yethu. Kunokuba ngaso sonke isikhathi silindele okuthile okusha, kufanele sibonge kakhulu ngalokho esinakho futhi sikusebenzise ngokugcwele. Ngokwenza kanjalo, sizibonakalisa singabantu abavuthiwe “abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwehlukanisa okuhle nokubi.”—Heb. 5:14.