Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngomagazini
1 Azikho ezinye izincwadi emlandweni eziye zaba nethonya elihle kangaka ekuphileni kwabantu njengeNqabayokulinda nePhaphama! Umagazini ngamunye ugcwele ukudla okungokomoya okunikeza ukuphila. Imiphumela yokucwaninga okujulile okunikezwa ngokusekelwa okunamandla ngemiBhalo igxilisa isigijimi seqiniso ezingqondweni zethu nasezinhliziyweni.
2 INqabayokulinda, ngamakhasi ayo, ichaza izimfundiso zeBhayibheli futhi idonsela ukunakekela kwethu ekugcwalisekeni kweziprofetho zeBhayibheli. Ikhuthaza bonke abalambile ngokomoya ukuba baguqule ingqondo yabo futhi bembathe ubuntu obusha. (Roma 12:2; Efe. 4:22-24) IPhaphama! iqaphelisa abafundi bayo ngezenzakalo ezibalulekile emhlabeni. Imifanekiso yayo ekhangayo ebonisa ubuhle bendalo ivusa isithakazelo ngezwe elisha futhi igxilise ukwazisa ngoMdali onothando.
ABEFANI NOMAGAZINI BEZWE
3 Omagazini bezwe abababonisi abantu indlela yokujabulela ukuphila okwanelisayo kulelizwe. Abanikezi themba ngekusasa futhi bayehluleka ukufundisa abantu indlela yokuthola ukuphila okuphakade. Labo magazini bezwe baklanyelwe ukuthuthukisa izinto zezwe. Yeka indlela abehluke ngayo kuyiNqabayokulinda nePhaphama!—1 Joh. 2:15-17.
4 Ngokungangabazeki nawe ngokwakho unomuzwa ojulile wokubonga ngomagazini ngamunye weNqabayokulinda nePhaphama!—omagazini abanephunga elihle leqiniso elivela ‘kumphathi othembekileyo.’ (Luka 12:42) Yini esingayenza ukuze sithuthukise ukuhambisa kwethu omagazini ngaleyondlela sisize abengeziwe ukuba bazuze komagazini bethu?
UKWENZA INGXENYE YETHU
5 Ngaphambi kokuba sibakhuthaze ngokufanele abanhliziyo-ziqotho ukuba bafunde omagazini bethu, sidinga ukwazi ukuthi umagazini ngamunye uquketheni. Lokhu kudinga ukuba thina sifunde umagazini ngamunye ngaphambi kokuba siwusebenzise enkonzweni. Njengoba sijwayelene kahle nokuqukethe, singasebenzisa inkonzo yendlu ngendlu, umsebenzi wasemgwaqeni, kanye nokufakaza ngokwethukela ekusakazeni umagazini.
6 Ngaphezu kwalokho, ngokuphatha omagazini bamuva lapho siya ezitolo, sigibele into yokuhamba yomphakathi, esikoleni, emsebenzini, nanoma yikuphi lapho siya khona, siyokwazi ukubamba amathuba afanelekile okufakaza. Isethulo esikhethwe kahle encwadini Ukubonisana sihlanganiswe nephuzu elivela kwesinye sezihloko kungavusa isifiso somuntu sokufunda omagazini bethu.
7 Nakuba izingxoxo zethu zingase zibe mfushane lapho sihambisa omagazini, akusho ukuthi nakanjani kumelwe silinganisele ingxoxo yethu emzuzwini owodwa noma ngaphezudlwana. Sifuna ukuba nesikhathi sithola ukuthi umuntu unesithakazelo ngempela yini esigijimini nokuthi uzowufunda yini umagazini. Uma kuphakama imibuzo, kufanele njalo sizimisele ukuyiphendula ngokusebenzisa ngokugcwele iBhayibheli lethu kanye nencwadi Ukubonisana. Ngokuba abakulungele ukulwela ukholo lwethu, singavuna izibusiso ezimangalisayo.—1 Pet. 3:15.
8 Uma umuntu evuma ukufunda omagazini, singakhuluma ngohlobo lomsebenzi wethu nendlela labomagazini abakhiqizwa ngayo kabili ngenyanga njengengxenye yomsebenzi wemfundo engokweBhayibheli emhlabeni wonke. Ukwaziswa okusekhasini 2 leNqabayokulinda noma ekhasini 4 lePhaphama! kukuchaza kahle kakhulu lokhu. Njengoba izihloko ezizophuma kumagazini olandelayo njalo zishiwo kusengaphambili, singaphakamisa imibuzo ephathelene nazo noma sidonsele ukunakekela ezihlokweni ezizayo. Lokhu kungavusa isithakazelo somuntu futhi kumshukumisele ukuba abonise isifiso sakhe sokuwuthola lowomagazini lapho uphuma. Lokhu kungaqalisa umzila kamagazini.
9 Njengoba isiphelo salesimiso sisondela, kwangathi singasheshisa ijubane lethu lokusiza abantu abanhliziyo-ziqotho babaleke eBabiloni Elikhulu futhi beze eqinisweni. (IsAm. 18:4) Omagazini INqabayokulinda nePhaphama! bafeza indima enamandla emsebenzini wethu wemfundo engokweBhayibheli emhlabeni wonke. Siyabonga ngokuthi uJehova uye wasilungiselela bona ukuba sibasebenzise enkonzweni. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa ukusebenzisa kwethu labomagazini ngokucophelela nangomfutho!