Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngencwadi Ethi Umvuthwandaba WesAmbulo
1 Amadodana kaKora abhala lokhu ngoJehova: “Ngokuba loNkulunkulu unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube-sekufeni.” (IHu. 48:14) Lawomadoda athembekile abeka ithemba lawo ngokuqiniseka kuJehova, ephila konke ukuphila kwawo ngokuvumelana neziyalo zaphezulu. Yeka izibonelo ezinhle asibekela zona! Labo abaholwa uJehova namuhla bajabulela ukuqabuleka nokukhanyiselwa. (Isaya 58:11) Bayayigwema inhlekelele yalabo abalandela “abaholi abayizimpumputhe” balesimiso esibi, abaholela abalandeli babo “emgodini” wosizi nokudideka.—Math. 15:14.
2 Isiqondiso saphezulu sibaluleke ngokukhethekile namuhla njengoba izwe elisizungezile lidideka ngokwandayo futhi liba yingozi. Abantu abaningi baxakekile futhi balangazelela izimpendulo ezanelisayo. Khona-ke, yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba sibakhuthaze ukuba bafunde incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo! Lencwadi inikeza isiqondiso saphezulu ngokuchaza izenzakalo ezinyakazisa umhlaba zosuku lwethu ngomqondo weziprofetho zesAmbulo. Ukwaziswa okunjalo kuletha impumuzo futhi kunikeza isiqondiso esinengqondo ngendlela abantu namuhla abangaphila ngayo ukuphila okujabulisa uNkulunkulu.
UKUQOKOMISA INCWADI ETHI UMVUTHWANDABA WESAMBULO
3 Isici esiphawulekayo sencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo yimifanekiso yayo, eyizinsiza-kufundisa. Sebenzisa lemifanekiso ngokuphumelelayo lapho uhambisa lencwadi enkonzweni yasensimini. Ngokwesibonelo, ekhasini 302 kunomfanekiso ocacile wezibusiso zoMbuso. Lona umbono womdwebi ngalokho okukhulunywa ngakho kweyesi-2 Petru 3:13 nakusAmbulo 21:4, okuyimibhalo emibili eseSihlokweni sethu SeNgxoxo.
4 Ngemva kokuzethula, singaqalisa ingxoxo ngalendlela: “Sihambela abantu ukuze sixoxe ngokushiwo yizinto ezenzekayo ezisizungezile ezweni namuhla. Abanye abaholi bezwe banomuzwa wokuthi sisonqenqemeni lwenkathi entsha yokuthula. Ingabe unomuzwa wokuthi kunjalo? [Vumela umnini-khaya aphendule.] Nakuba ohulumeni bengase babonakale sengathi bayakuxazulula ukungezwani okuthile okungokombangazwe, izimo zengqondo zabantu komunye nomunye nesenzakalo sobudlova ngokuvamile kubonakala kulwisana nemizamo yomuntu yokuletha ukuthula. Nokho, kweyesi-2 Petru 3:13 iBhayibheli lisiqinisekisa ngomphakathi omusha wasemhlabeni oyosebenza ngaphansi kukahulumeni wasezulwini. [Funda lombhalo bese uvula incwadi ekhasini 302.] Lona umfanekiso womdwebi walokho lombhalo okhuluma ngakho. Yini ekukhangayo kulomfanekiso? [Lindela impendulo.] Ngokuqondene nezimo eziyoba khona emhlabeni, iBhayibheli lithi futhi kusAmbulo 21:4 [funda lombhalo ekhasini 303, isigaba 6]. Ngisho nokufa ngeke konakalise ukuthula uNkulunkulu azokumisa.” Ungase uthole izinhlobonhlobo zezingeniso ezifanelekela insimu yenu emakhasini 9-15 encwadi Ukubonisana.
5 Nakuba sifuna ukuqokomisa izibusiso zoMbuso ekushumayeleni izindaba ezinhle, kudingeka futhi sisize abantu abathakazelayo ukuba baqonde isigijimi esiphuthumayo uJesu Kristu asimemezela encwadini yesAmbulo. Ngakho-ke, singathanda ukuphetha ingxoxo yethu ngokunxusa okuqotho nangokusho ukuthi sizimisele ukusiza abantu abaqotho ukuba baqonde ukuthi isahlulelo kulesimiso nakulabo abasisekelayo sizofika ngokushesha.
6 Iziprofetho zesAmbulo ziwumthombo omkhulu wokuqabuleka nenjabulo. UJehova udlulisela isimemo kubo bonke abantu abanhliziyo-ziqotho ukuba balandele ukuhola kwakhe futhi bazizuzise ngokwabo. Masiyihambise ngentshiseko incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo ukuze bonke baqondiswe isiqondiso sikaJehova esihlakaniphile.