IZindaba Ezingokwasezulwini
ECongo: Siyajabula ukubika ukuthi umsebenzi woFakazi BakaJehova waqashelwa ngokomthetho ePeople’s Republic of the Congo phakathi noNovember 1991.
E-Ethiopia: Kwaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-3185 ngoDecember. Umhlangano wabo wesigodi wokuqala eAddis Ababa wawunabangaphezu kuka-7000 futhi kwabhapathizwa abangu-328.
EHaiti: Kwabikwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-7248 ngoDecember. Abamemezeli bebandla benza isilinganiso samahora angu-15,2, futhi kwaba namanani amasha aphakeme ezimpindelweni nasezifundweni.
ENingizimu Afrika: NgoMarch 28, 1992, iBandla laseSeshego Zone 1 enyakatho yeTransvaal lajabula kakhulu ngokunikezela iHholo lalo LoMbuso elisha. Ngayo leyompela-sonto iBandla laseKimberley Central nalo lanikezela iHholo lalo LoMbuso elivuselelwe nelandisiwe.
EPeru: Ingqikithi yenani labamemezeli abangu-39 104 ngoDecember imelela ukwanda ngamaphesenti angu-12 enyangeni efanayo ngonyaka odlule. Okuphawulekayo iqiniso lokuthi amaphayona angu-8842 enza amaphesenti angu-23 engqikithi yenani labamemezeli.