IZindaba Ezingokwasezulwini
EKorea: NgoJanuary kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-68 310. Amabandla ayisikhombisa abika ukuthi bonke abamemezeli ababhapathiziwe babesohlotsheni oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele. Elinye ibandla labika amaphayona avamile angu-12, amaphayona asizayo angu-15, futhi abekho abangabamemezeli nje bebandla.
ENigeria: Umbiko wangoJanuary wabonisa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-156 001, ukwanda ngamaphesenti angu-7 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule.