Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/93 k. 3
  • Ilungelo Elihle Lenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ilungelo Elihle Lenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Basebenzise Kahle Omagazini Bethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • “Ukuhlwanyela Imbewu Yombuso” Emizileni Kamagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Imizila Kamagazini—Iwusizo Ekuqaleni Izifundo ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 1/93 k. 3

Ilungelo Elihle Lenkonzo

1 Omunye umfundi wezincwadi zethu wathi wayethole okuningi kakhulu okuyigugu ngempela ngokufunda iNqabayokulinda nePhaphama! kunalokho ayekuthole phakathi nemfundo yaseyunivesithi yeminyaka eyisithupha. Akukhona okungavamile ngabafundi abaqotho ukuba basho amazwi anjalo ajabulisayo okwazisa ngemva kokufunda labomagazini isikhashana nje. Yeka ilungelo esinalo ngokuhlanganyela omagazini bethu njalo nalabo ababazisa ngempela!

2 Nakuba abantu abaningi benesithakazelo esithile eqinisweni, abazange bathuthukele ephuzwini lokwamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya. Kodwa isithakazelo sabo singahlakulelwa uma othile ephindela kubo njalo ephethe umagazini ngamunye omusha INqabayokulinda nePhaphama! Yebo, ukuhambisa ngokwethembeka umagazini emzileni kamagazini kuye kwasiza ekushukumiseleni abantu ukuba ekugcineni bavume ukuba baqhutshelwe isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.

3 Thina ngokwethu siyazuza ngokuba nomzila kamagazini uma sibafunda omagazini kuqala futhi siphawule amaphuzu athile ayoba ngathakazelisa ngokukhethekile kumuntu ngamunye osohlwini lwethu.

4 Ngezinye izikhathi umninikhaya angase asinike umnikelo ongaphezu koceliwe. Kungani ungasikiseli ukumlethela omagazini bamuva esikhathini esingaba amasonto amabili? Lokhu kungase kube isiqalo senye impindelo ewumzila kamagazini. Bonke abantu ababonisa isithakazelo komagazini bethu kufanele bafakwe ohlwini lwakho lwezimpindelo eziyimizila kamagazini. Uma umuntu ebonisa isithakazelo sangempela lapho emukela omagazini, ungase uchaze ukuthi izihloko ezivelele ziyavela komagazini bethu njalo emasontweni amabili nokuthi uyokujabulela ukubaletha. Qikelela ukuba ulandelele njalo, uwasebenzise kahle amathuba okuxoxa nomninikhaya ngezihloko zeBhayibheli. Siyazi ukuthi uyolijabulela lelilungelo elihle lenkonzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela