Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/93 k. 4
  • “Nibafundise . . . Enginiyalé Ngakho”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Nibafundise . . . Enginiyalé Ngakho”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Phindela Ukuze Usize Abantu Bazi Indlela Abangaphila Ngayo Phakade
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Babonise Ukukhathalela Okuqotho Bonke Obatholayo Abanesithakazelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indlela Yokusebenzisa Ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Phindela Ngenjabulo Uyosiza Abathakazelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 2/93 k. 4

“Nibafundise . . . Enginiyalé Ngakho”

1 Ukwenza abafundi kuhilela ukufundisa. Ngaphambi kokuba umuntu abe umfundi kaKristu, kumelwe afundiswe “ukugcina konke” uJesu akuyala. (Math. 28:19, 20) Indlela engcono kakhulu yokufeza lokhu ingesifundo seBhayibheli sasekhaya.

2 Akulula ngaso sonke isikhathi ukuqalisa izifundo zeBhayibheli. Uma unobunzima bokuthola isifundo seBhayibheli, ungadumali. Impumelelo ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli idinga ukuzimisela nesifiso esiqotho sokudlulisela iqiniso kwabanye.—Gal. 6:9.

3 Ukuthuthukisa Isithakazelo: Ingxoxo yakho yokuhambela kokuqala ingase iveze isithakazelo esincane kuphela. Abazalwane bethu abaningi banomkhuba wokwenza izimpindelo lapho beshiye khona incwadi kuphela noma lapho kuye kwatholakala khona isithakazelo esingavamile. Ezikhathini eziningi kufanele sihlakulele isithakazelo somninikhaya eqinisweni. Mhlawumbe umninikhaya wamukele ipheshana, incwajana engangomagazini, noma omagazini kuphela. Ungase ukwazi ukusebenzisa okunye kwalokhu ukuze uqalise isifundo seBhayibheli sasekhaya. Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo esengeziwe esigijimini, angase aqondiswe kwenye incwadi efanele ekuhambeleni okulandelayo.

4 Ukulungiselela kuyisihluthulelo sempumelelo. Kungani ungakhethi kusengaphambili itekisi lomBhalo ocashunwe epheshaneni, incwajana engangomagazini, noma kumagazini ohlela ukuwusebenzisa empindelweni yakho? Ngaleyondlela uyokwazi ukuhlanganisa ukukhulumela okuvela ezincwadini nengxoxo yakho. Ungase ukwazi ngisho nokufunda isigaba esisodwa noma ezimbili ngokuqondile encwadini.

5 Ungase usho lokhu:

◼“Besihlanganyela ukwaziswa ngesiprofetho esiphawulekayo esigcwaliseka manje.” Funda uMathewu 24:3, bese uhlanganisa imifanekiso nokukhulumela okusemakhasini 149-54 encwadi ethi Ungaphila Phakade. Indlela efanayo ingasetshenziswa lapho umninikhaya ethathé umagazini, incwajana engangomagazini noma ipheshana kuphela.

6 Kufanele sisheshe ukulandelela isithakazelo. Zama ukuphindela lingakapheli isonto njengoba ingxoxo enagcina ngayo izobe isakhumbuleka engqondweni yomninikhaya. Isikhathi ngasinye lapho ubuyela, cabangela izigaba ezimbalwa ezivela encwadini owayishiya.

7 Namuhla kusenomsebenzi omningi okufanele wenziwe ekuvuneni okukhulu okwabikezelwa uJesu. (Math. 9:37, 38) Njengoba siqhubeka nokufundisa abanhliziyo ziqotho, sinesiqinisekiso sikaJesu esiqinisayo sokuthi ‘unathi izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwesimiso sezinto.’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela