Hlanganyela Njalo Enkonzweni Yasensimini
1 Ingabe sithatha izinyathelo eziqondile ukuze sihlanganyele njalo enkonzweni yasensimini? Ingabe sikukhuthalele ukungenisa umbiko wethu wenkonzo yasensimini ngokushesha eHholo LoMbuso inyanga ngayinye? Kungokuthile sonke okumelwe silwele ukukwenza, singalokothi sivumele ukuba inyanga iphele singazange siluzwakalise obala ngandlela-thile ukholo lwethu.—Roma 10:9, 10.
2 Amabandla amaningi asahlangabezana nobunzima ekwenzeni abamemezeli babike inkonzo yabo ngokushesha ekupheleni kwenyanga ngayinye. Encwadini yethu ka-August 15, 1992, sanikeza isiqondiso kuwo wonke amabandla ngokuphathelene nendlela efanele yokuphatha imibiko yenkonzo yasensimini. Ukuze uzuze sifisa ukuphinda ambalwa alamaphuzu. Ummemezeli ngamunye unelungelo nomthwalo wemfanelo wokufaka umbiko wakhe wenkonzo yasensimini ebhokisini elikhethekile eliphawulwe ngokuthi “Imibiko Yenkonzo Yasensimini” okufanele libe seHholo LoMbuso ngalinye. Ingabe ubulandela lesiqondiso ngokwethembeka kusukela ngalesosikhathi? Uma kunjalo, siyakutusa. Nokho, kuthiwani uma ukhohliwe ukungenisa umbiko wakho ngesikhathi?
3 Ekuqaleni kwenyanga ngayinye, unobhala webandla kufanele anikeze umqhubi wesifundo sencwadi ngamunye uhlu olubonisa ukuthi yibaphi abamemezeli eqenjini lakhe abangabikanga. Umqhubi wesifundo sencwadi ngokushesha kufanele aye kulabo bamemezeli futhi athole imibiko engatholakalanga abese eyidlulisela kunobhala. Lelilungiselelo kufanele lilandelwe nyanga zonke ukuze kuqinisekwe ukuthi yonke imibiko eyephuze ukufika iyatholakala futhi ithunyelwe eNhlanganweni. Lemibiko eyephuze ukufika iyobe isihlanganiswa nombiko wenyanga elandelayo. Lokhu kuyosho ukuthi ummemezeli ngamunye obika sekwephuzile uyobalwa njengabamemezeli ababili enyangeni elandelayo. Ngalendlela lommemezeli ngeke abe ongaphumi njalo. Ungalokothi uhlanganise ndawonye umsebenzi wenkonzo yasensimini wezinyanga ezimbili embikweni owodwa kodwa ngaso sonke isikhathi ngenisa umbiko wenyanga ngayinye.
4 Singabambisana kanjani nalelilungiselelo uma siyobe singekho ekupheleni kwenyanga? Singafaka imibiko yethu ebhokisini ngaphambi kokuba sihambe noma siqiniseke ukuthi sithumela imibiko yethu yenkonzo yasensimini kunobhala webandla. Lokhu kufanele kwenziwe kusenesikhathi esanele ukuze ihlanganiswe nombiko wenyanga webandla, unobhala awuhlanganisa futhi awuthumele eNhlanganweni ngosuku lwesithupha lwenyanga ngayinye.
5 Ngaphandle kokuba ngabahlanganyela njalo thina ngokwethu, sifuna ukuba ngabaqaphile ekusizeni abanye ukuba bahlanganyele njalo enkonzweni yasensimini. (Fil. 2:4) Singakwenza kanjani lokhu? Singase sikwazi ukumema abamemezeli abangabhapathiziwe abasanda kuqala nje enkonzweni ukuba basebenze nathi. Isimiso esingaguquguquki senkonzo siyobasiza ukuba bagcine iqiniso ligxilile ezinhliziyweni zabo.
6 Hlanganyela njalo enkonzweni yasensimini. Ngokwethembeka ngenisa umbiko wakho wenkonzo yasensimini inyanga ngayinye. Siza abanye ukuba bahlanganyele njalo enkonzweni. Bonisa ‘uthando ngayo yonke inhlangano yabazalwane.’—1 Pet. 2:17, qhathanisa ne-NW.