IBhokisi Lemibuzo
◼ Kungani kufanele siwubike ngokushesha umsebenzi wethu wenkonzo yasensimini inyanga ngayinye?
Sonke sizizwa sijabula lapho sizwa izinto ezinhle ezifezwa ngokushumayela isigijimi soMbuso. (Bheka izAga 25:25.) IzEnzo 2:41 zibika ukuthi ngemva kwenkulumo kaPetru eshukumisayo ngosuku lwePentekoste, “kwanezelwa imiphefumulo ecishe ibe izinkulungwane ezintathu.” Ngokushesha ngemva kwalokho, lelo nani lase lande laba “izinkulungwane eziyisihlanu.” (IzE. 4:4) Yeka indlela okumelwe ukuba yayivusa ugqozi ngayo leyo mibiko kumaKristu ekhulu lokuqala! Nathi sisabela ngendlela efanayo emibikweni ekhuthazayo namuhla. Sivukwa amadlingozi lapho sizwa ngempumelelo abafowethu abayijabulelayo ekushumayeleni izindaba ezinhle emhlabeni wonke.
Njengoba kuhileleke isikhathi esiningi nomzamo ekuhlanganiseni leyo mibiko, kubalulekile ukubambisana kwabo bonke abamemezeli boMbuso. Ingabe uyaqikelela ukufaka umbiko wakho ngokushesha inyanga ngayinye?
Imibiko yokwanda isilethela injabulo enkulu. Ngaphezu kwalokho, imibiko isiza iNhlangano ukuba iqaphele intuthuko yomsebenzi emhlabeni wonke. Kufanele kwenziwe izinqumo zokuthi lungase ludingeke kuphi usizo olwengeziwe noma ukuthi hlobo luni lwezincwadi okufanele zinyatheliswe kanye nenani lazo. Abadala ebandleni ngalinye basebenzisa imibiko yenkonzo yasensimini ukuze babone ukuthi kufanele kuthuthukiswephi. Imibiko emihle iyakha, isishukumisela ukuba sonke sihlole inkonzo yethu ukuze sibone ukuthi singayithuthukisa yini.
Bonke abamemezeli kufanele baqaphele umthwalo wabo wemfanelo wokufaka umbiko wenkonzo yasensimini ngokushesha inyanga ngayinye. Abaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla basesimweni esihle sokukhumbuza abamemezeli ngalomthwalo wemfanelo, njengoba bekuphaphamele ukunikeza usizo lomuntu siqu kulabo okungenzeka banobunzima bokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini inyanga ngayinye. Lesi sikhumbuzo singase sinikezwe esifundweni sencwadi sokugcina senyanga ngayinye noma ngesinye isikhathi esifanele. Uma lingekho ithuba lokufaka imibiko eHholo LoMbuso, umqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla angayiqoqa abese eqikelela ukuthi inikezwa unobhala ngesikhathi ukuze ihlanganiswe nombiko webandla wanyanga zonke oyiswa eNhlanganweni.
Ukukukhuthalela kwethu ukubika ngokwethembeka nangokushesha umsebenzi wethu wenkonzo yasensimini kwenza umthwalo ube lula kulabo abanomthwalo wemfanelo ngenhlalakahle yethu engokomoya.