Qhubeka Uhamba Ngesimiso Esihlelekile
1 Umphostoli uPawulu wayelithanda ngokukhethekile ibandla laseFilipi, ayebe nengxenye ekulimiseni. Wawabonga amalungiselelo ezinto ezibonakalayo elalimenzela wona futhi wakhuluma ngalo njengeliyisibonelo esihle.—2 Kor. 8:1-6.
2 Uthando olujulile olwenza ukuba uPawulu abhalele abaseFilipi incwadi. Incwadi i-Insight, uMqulu 2, ikhasi 631, iyabika: “Kuyo yonke incwadi ukhuthaza ibandla laseFilipi ukuba liqhubeke nenkambo yalo enhle—lifuna ukuqonda okwengeziwe futhi libambelela ngokuqinile eZwini lokuphila, liba nokholo oluqinile, libe nethemba lomvuzo elalizowuthola.” Lasabela ngemfudumalo, lokho kwaqinisa isibopho sothando olwaluphakathi kwalo nalomphostoli. Amazwi kaPawulu akhetheke kakhulu kithi namuhla, asinikeza isizathu esihle sokucabangisisa ngeseluleko sakhe, ikakhulukazi lokho okushiwo kweyabaseFilipi 3:15-17.
3 Isimo Sengqondo Esivuthiwe Sibalulekile: KweyabaseFilipi 3:15, uPawulu wabhala njengendoda eneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho. Wayekuqaphela ukuthuthuka kwabaseFilipi ngokomoya, ebabiza ngokuthi bangamaKristu avuthiwe anesimo sengqondo esihle. Uma nje isimo sabo sengqondo sasibonisa ukuthobeka nokwazisa okwaboniswa uJesu, babeyoqhubeka ‘bengabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici ababambelela ezwini lokuphila.’ (Fil. 2:15, 16) Lapho sifunda amazwi kaPawulu, kufanele sibe nomuzwa wokuthi ukhuluma nathi. Ngenxa yalokho sifisa ngobuqotho ukuba sibe nesimo sengqondo uJesu ayenaso nokubonisa ukuthi siwazisa ngokuthobeka amalungelo esinawo. Siyaqhubeka sinxusa uJehova ngomthandazo, sicela usizo kulokhu nakwezinye izici.—Fil. 4:6, 7.
4 Njengoba eyabaseFilipi 3:16 ibonisa, kufanele sonke sizame ukuthuthuka. Igama elithi “ukuthuthuka” lisho “ukuya phambili, ukwenza inqubekela phambili.” Abantu abathuthukayo “banesithakazelo emibonweni emisha, izinto ezintsha ezitholakele, noma amathuba amasha.” UPawulu wayefuna abaseFilipi baqonde ukuthi ubuKristu abumile neze ndawonye futhi labo abathi bakubo kumelwe baqhubekele phambili. Umoya wabo wentuthuko wawuyobonakaliswa ukuzimisela ukuzihlola bona ngokwabo, ukuvuma ubuthakathaka babo, nokulwela ukuthola amathuba okwenza okwengeziwe noma ukwenza ngcono lokho ababekwenza. Inhlangano kaJehova yasemhlabeni namuhla iqhubekela phambili ithuthuka, nezindawo umsebenzi wayo ofinyelela kuzo ziyanda kanye nokuqonda kwayo iZwi likaNkulunkulu kuyathuthuka. Ngamunye wethu kumelwe ahambisane nayo, awasebenzise ngokunenzuzo wonke amalungiselelo ewenzayo bese ehlanganyela ngokugcwele emsebenzini wayo.
5 Ukuthuthuka Kudinga Isimiso Esihlelekile: UPawulu waqhubeka wanxusa abafowabo ukuba ‘baqhubeke behamba ngesimiso esihlelekile.’ (Fil. 3:16, qhathanisa ne-NW.) Ukuze sibe abahlelekile kudingeka sibeke abantu noma izinto ezithile ezindaweni zazo ezifanele futhi siziphathe kahle. AmaKristu aseFilipi azigcina esendaweni yawo efanele, ahlala eseduze nenhlangano kaJehova futhi aba seduze komunye nomunye. Ukuphila kwawo kwakubuswa umthetho wothando. (Joh. 15:17; Fil. 2:1, 2) UPawulu wawanxusa ukuba ‘ahambe ngokufanele ivangeli.’ (Fil. 1:27) Isidingo sokuhleleka nokuziphatha kahle sibaluleke ngendlela efanayo kumaKristu namuhla.
6 Isimiso siwukwenziwa njalo komsebenzi ngenqubo emisiwe. Ngaleyondlela sihlobene eduze nendlela eyinjwayelo yokwenza izinto. Ukuba nesimiso kungasizuzisa ngoba ngeke kudingeke sime sicabange lapho senza izinqumo ngokuthi yini esizoyenza ngokulandelayo—sesinaso kakade isimiso esesiwumkhuba.
7 Isimiso esingokwasezulwini esihlelekile sihlanganisa imikhuba nezijwayezi ezinempilo, ezizuzisayo, zokwesaba uNkulunkulu—ngenjongo yokuzakha ngokomoya, yokusiza abanye, kuthi uma kungenzeka, senze okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Ukuphumelela ekufinyeleleni lemigomo kudinga ukusungula nokunamathela esimisweni esihlanganisa isifundo somuntu siqu, ukuba khona njalo emihlanganweni, nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela.
8 Izinto Ezibalulekile Ezihlanganiswe Esimisweni Esihlelekile: Okunye okubalulekile “ulwazi oluqondile nokuqonda okugcwele.” (Fil. 1:9, NW) Isifundo somuntu siqu sijulisa ukholo lwethu, senza ukwazisa kwethu iqiniso kuqine, sisishukumisele nasemisebenzini emihle. Nokho, abanye bakutholé kunzima ukunamathela emikhubeni yabo yokutadisha. Esinye sezizathu eziyinhloko abazishoyo ukungabibikho kwesikhathi.
9 Izinzuzo zokufunda iBhayibheli nsuku zonke ngeke zigcizelelwe ngokweqile. Isiyalo salo “siyazuzisa” ngazo zonke izindlela. (2 Thim. 3:16, 17, NW) Singasithola kanjani isikhathi sesifundo seBhayibheli esimisweni sethu sansuku zonke? Abanye batholé ukuthi bangakwazi ukusheshe bavuke ekuseni, ngesikhathi ingqondo yabo isaphapheme. Abanye bathola ukuthi benza kangcono lapho befunda imizuzu embalwa ngaphambi kokuba balale ebusuku. Amakhosikazi aba sekhaya emini angase akwazi ukubekela eceleni isikhashana ngezikhathi zantambama ngaphambi kokuba abanye babuye emsebenzini noma esikoleni. Ngaphezu kokufunda iBhayibheli njalo, abanye baye bahlanganisa nokufunda incwadi ethi Abamemezeli esimisweni sabo sokufunda samasonto onke.
10 Lapho siqala imikhuba emisha, kungenzeka ingqubuzane nemikhuba yethu emidala. Kungenzeka ukuthi esikhathini esidlule besithambekele ekuvumeleni imisebenzi engabalulekile ukuba idle isikhathi esinaso. Akulula ukuwuyeka lowomkhuba. Akukho muntu ozosishayela umthetho ngemikhuba yethu yokutadisha; futhi akudingeki silandise ngokuthi yini esiyenzayo mayelana nalokhu. Ukunamathela kwethu emikhubeni yethu yokutadisha kuxhomeke ngokwezinga elikhulu ekwaziseni kwethu “izinto ezibaluleke kakhulu” nasekuzimiseleni kwethu ‘ukuthengisisa isikhathi’ ukuze sizuze kuyo.—Fil. 1:10, NW; Efe. 5:16.
11 Imihlangano yobuKristu inendima ebalulekile entuthukweni yethu engokomoya, isinikeza isiyalo nesikhuthazo esisidingayo. Ngenxa yalokho, ukuba khona emihlanganweni kungenye ingxenye ebalulekile yesimiso sethu esihlelekile. UPawulu wakugcizelela ukubaluleka kwalokhu. Akuyona indaba yokuthi uyathanda noma awuthandi.—Heb. 10:24, 25.
12 Ukuhleleka kungaboniswa kanjani lapho sihlela isimiso sethu somsebenzi samasonto onke? Abanye bahlela ukuba ngezikhathi ezithile banakekele imisebenzi yomuntu siqu bese-ke bezama ukumpintsha imihlangano esikhaleni esisele, kodwa akufanele kube njalo. Imihlangano yethu yamasonto onke kufanele ize kuqala, bese eminye imisebenzi ihlelelwa ezinye izikhathi.
13 Ukuba khona njalo emhlanganweni kudinga ukuhlela okuhle nokubambisana komkhaya. Phakathi nezinsuku iningi lethu linesimiso somsebenzi esigcwele ngokuvamile esisenza singabi nasikhathi. Lokhu kusho ukuthi, uma kungenzeka, kumelwe kuhlelwe ukuba ukudla kwakusihlwa kusheshe kulungiswe ukuze umkhaya ube nesikhathi esanele sokudla, ulunge, bese ufika ungakaqali umhlangano. Ukuze kufinyelelwe lokho amalungu omkhaya angabambisana ngezindlela ezihlukahlukene.
14 Inkonzo yasensimini yasikhathi sonke iyadingeka nakanjani uma sifuna ukuqhubeka sihamba ngesimiso esihlelekile. Sonke siwuqaphela ngokucacile umthwalo wethu wemfanelo osindayo wokushumayela isigijimi soMbuso. Yilokho okusenza sibe oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10) Njengoba kuwumsebenzi ophuthuma nozuzisa kangaka owenziwayo namuhla, asinakulokotha siwubheke njengengxenye yesimiso sethu esithuka siyenza. UPawulu wayala: “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga‚ okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.”—Heb. 13:15.
15 Lapho sihlela imisebenzi esizoyenza isonto ngalinye, kufanele sibekele eceleni izikhathi ezithile zenkonzo yasensimini. Cishe ibandla linemihlangano yenkonzo ehlelelwe izikhathi ezithile isonto ngalinye, futhi kumane nje kuyindaba yokunquma ukuthi imiphi esingayisekela. Kungaba kuhle ukuba nengxenye esicini ngasinye senkonzo, njengokwenza umsebenzi wendlu ngendlu sihambisa omagazini nezinye izincwadi, senze izimpindelo, bese siqhuba izifundo zeBhayibheli. Singahlela ngisho kusengaphambili ukuba sifakaze ngokwethukela ngokuphatha izincwadi uma sihamba nangokuphaphamela amathuba okuqala ingxoxo. Njengoba ngokuvamile siphuma nabanye, kudingeka sibabuze isimiso sabo ukuze senze amalungiselelo azosivumela sonke.
16 Isimiso sethu sokushumayela kufanele sisilandele naphezu kokunganaki kwabantu ensimini. Sisuke sazi kusengaphambili ukuthi bambalwa kuphela abazosabela kahle. (Math. 13:15; 24:9) UHezekeli wathunywa ukuba ayoshumayeza abantu ‘abahlubukayo, abanobuso obulukhuni, nabanenhliziyo enqala.’ UJehova wathembisa ukuthi wayezomsiza uHezekeli ngokwenza ‘ibunzi lakhe libe-nqala njengamabunzi abo,’ okungukuthi, “njengedayimani elilukhuni kunensengetsha.” (Hez. 2:3, 4; 3:7-9) Ngakho-ke isimiso senkonzo sasikhathi sonke sidinga ukubekezela.
17 Izibonelo Ezinhle Zokulingiswa: Iningi lethu lenza kangcono enkonzweni yasensimini lapho kukhona oholayo. UPawulu nayehamba nabo babeka isibonelo esihle, futhi wanxusa nabanye ukuba bamlingise. (Fil. 3:17) Isimiso sakhe sasihlanganisa zonke izici ezazidingeka ukuze ahlale eqinile ngokomoya.
18 Nanamuhla futhi, sibusiswé ngezibonelo ezinhle. KweyamaHeberu 13:7, uPawulu wanxusa: “Bakhumbuleni ababenihola . . . , niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.” Yebo, uKristu uyiSibonelo sethu, kodwa singalulingisa ukholo lwalabo abaholayo. NjengoPawulu, abadala kumelwe basiqaphele isidingo sokuba izibonelo ezinhle kwabanye. Nakuba izimo zabo zingase zihlukahluke, ngamunye wabo kufanele akwazi ukubonisa ukuthi ubambelele esimisweni esihlelekile sokubeka izithakazelo zoMbuso kuqala. Ngisho noma abadala benezibopho zomsebenzi wokuziphilisa nezomkhaya, kufanele babe nemikhuba engaguquki yesifundo somuntu siqu, ukuba khona emihlanganweni, nokuhola enkonzweni yasensimini. Ngokunikeza kwabadala ubufakazi bokuthi ‘baphatha kahle izindlu zabo,’ bonke ebandleni bayokhuthazeka ukuba baqhubeke behamba ngesimiso esihlelekile.—1 Thim. 3:4, 5.
19 Imigomo Yonyaka Wenkonzo Omusha: Ukuqala konyaka omusha wenkonzo kuyisikhathi esifanelekayo sokucabanga ngesimiso sethu somuntu siqu. Ukubukeza umsebenzi wethu wangonyaka odlule kubonisani? Ingabe sakwazi ukulondoloza izinga lomsebenzi wethu, noma mhlawumbe salithuthukisa? Kungenzeka sathi ukuqinaqinisa esifundweni somuntu siqu. Mhlawumbe saba khona njalo emihlanganweni noma kungenzeka sayandisa inkonzo yethu yasensimini ngokubhalisa njengamaphayona asizayo. Mhlawumbe singakwazi ukukhomba izenzo ezithile ezibonisa umusa wobuKristu esazenzela abanye noma umkhaya othile ebandleni lethu. Uma kunjalo, singajabula ngokuthi sihambé ngendlela ejabulisa uNkulunkulu, futhi sinesizathu esihle ‘sokuvama kakhulu kulokho.’—1 Thes. 4:1.
20 Kuthiwani uma isimiso sethu besiguquguquka noma singavamile ukusilandela? Sathinteka kanjani ngokomoya? Ingabe intuthuko yethu yathikamezeka ngazizathu zimbe? Ukuthuthuka kuqala ngokucela usizo lukaJehova. (Fil. 4:6, 13) Xoxa nomkhaya ngezidingo zakho, ucele usizo lwawo ekulungiseni izici ezithile zesimiso sakho. Uma unezinkinga, cela usizo kubadala. Uma senza umzamo oqotho futhi sisabela esiqondisweni sikaJehova, singaqiniseka ukuthi siyokugwema ukuba “ngabavilaphayo nabangenazithelo.”—2 Pet. 1:5-8.
21 Ukuhamba ngesimiso esihlelekile kuletha izibusiso ezenza imizamo yakho ifaneleke. Njengoba uzimisele ukuqhubeka uhamba ngesimiso esihlelekile, “[ungalibali emsebenzini wakho, NW], uvuthe emoyeni, ukhonze iNkosi.” (Roma 12:11)—Ukuze uthole eminye imininingwane yalesisihloko, bheka INqabayokulinda ka-May 1, 1985, amakhasi 13-17.